1LAWA a ngamazwi esivumelwano, uJehova a wa yaleza kuMosi ukuwenza nabantwana baka Israeli ezweni lase Moabi, ngapandhle kwesivumelwano, a senzayo nabo eHorebe.
2uMosi wa biza abaIsraeli bonke, wa ti kubona, Ni ku bonile konke okwenziwa uJehova ngapambi kwamehlo enu ezweni lasEgipite kuFaro, na kuzo zonke izinceku zake, na kulo lonke izwe lake,
3Izilingo ezinkulu eza bonwa amehlo enu, izibonakaliso, na lezo zimangaliso ezinkulu;
4Noko uJehova a ka ni nikanga inhliziyo yokuqonda, namehlo okubona, nezindhlebe zokuzwa, ku ze ku be namuhla,
5Ngi ni holile iminyaka e amashumi amane ehlane; izingubo zenu a zi guganga, nezicatulo zenu a zi guganga, ezinyaweni zenu.
6A ni si dhlanga isinkwa, a ni li puzanga iwaini utywala obu namandhla, ukuze nazi, ukuba ngi nguJehova uTixo wenu.
7Ekufikeni kwenu kulendawo, uSihoni inkosi yase Heshbone, noHogi inkosi yase Bashani, ba si hlasela ngempi, sa ba hlula.
8Sa tata izwe labo, sa li nika amaRubeni la ba ifa lawo namaGadi, nenxenye yesizwe sa kwa Manasa.
9Londanike amazwi a lesi sivumelwano, ni wenze, ni ze ni be nenhlanhla kuko konke eni kwenzayo.
10Namuhla ni mi nonke ngapambi kuka Jehova uTixo wenu; izinduna zenu imindeni yenu, abakulu benu, namakosi enu, nabantu bonke ba kwa Israeli,
11Izingane zenu, nomkenu, nowezizwe o pakati kwekamu lenu, ku suke kumbazi wemiti yenu, ku ze ku fike kumki wamanzi enu;
12Ukuba ni ngene esivumelwaneni noJehova uTixo wenu, na sesifungweni sake, a senzayo uJehova uTixo wenu kinina namuhla.
13Ukuba a ni mise namuhla ni be abantu bake, nokuba a be uTixo wenu, njengokutyo kwake kinina, na njengokufunga kwake koyihlo benu, kuAbrahama, kuIsaka, na kuJakobe.
14Lesi sivumelwano, na lesi sifungo a ngi senzi kinina nodwa;
15Ngi senza na kuyena omiyo nati lapa namuhla ngapambi kuka Jehova uTixo wetu, na kuye ongeko lapa nati namuhla.
16(Ngokuba ni ya kwazi ukuhlala kwetu ezweni la sEgipite; nokudabula kwetu ezizweni e na zi dhlulayo;
17Ni zi bonile ububi bazo, nezitombe zazo, imiti, namatye, isiliva, negolide, okwa ku kuzona.)
18Funa ku be kona kinina indoda, noma umfazi, noma indhlu noma isizwe, inhliziyo yaso e hlubukayo namuhla kuJehova uTixo wetu, ukuhamba nokukonza izitixo za lezizizwe; funa ku be kona kinina impande e tela inyongo, nomhlonyane.
19Ku ti lapo ezwayo amazwi a lokuqalekisa a zituse enhliziyweni yake, a ti, Ngi ya kuba nokutula, noko ngi hamba ngemicabango yenhliziyo yami, ukwelekela ukudakwa ekomeni.
20uJehova a ka yi ku ni tetelela, ulaka luka Jehova, nomona wake, lu ya kuvuta kulowo muntu, neziqaleqiso zonke ezi lotyiweyo kulencwadi zi ya kuba pezu kwake, uJehova u ya kulesula igama lake ngapansi kwezulu.
21uJehova u ya kumahlukanisela ububi kuzo zonke izizwe zakwa Israeli, njengazo zonke iziqalekiso zisivumelwano ezi lotyiweyo kulencwadi yomteto;
22Ukuba isizukulwana esi zayo sabantwana benu esi ya kuvela emva kwenu, nowesizwe o ya kuvela ezweni elikude, ba ti lapo be bona izinhlupeko za lelozwe, nezifo a zi bekayo uJehova pezu kwalo;
23Izwe lonke la kona li isolufa, nosaoti, nokutyisa; ka li hlwanyeliwe, ka li teli, notyani ka bu mili kona, njengokuwa kweSodoma, neGomora, neAdma, neZebomi okwa wiswa uJehova ngolaka lwake, na ngokutukutela kwake.
24Zonke izizwe zi ya kuti, u kwenzeleni loku uJehova ku lelizwe na? ku tini ukuvuta kwa lolulaka olukulu na?
25Abantu ba ya kuti, Ngokuba ba si delile isivumelwano sika Jehova uTixo wa oyise, a senza kubo, ekubakipeni kwake ezweni la sEgipite.
26Ngokuba ba hamba ba konza ezinye izitixo, ba zi dumisa, izitixo a ba be nga zazi, na nga ba nikanga zona.
27Ukutukutela kuka Jehova kwa li vukela lelizwe uku lehlisela zonke iziqalekiso ezi lotyiweyo kulencwadi,
28uJehova wa ba sipula ezweni labo ngolaka, na ngokutukutela, na ngokucunula okukulu, wa ba ponsa kwelinye izwe, njenga namuhla.
29Okufihliweyo o kuka Jehova uTixo wetu, kodwa okubonakalisiweyo okwetu nabantwana betu njalo, ukuba si wenze onke amazwi a lomteto.