1YIZWANIKE, baIsraeli, umteto nokwaba, e ngi ni fundisa kona; ni kwenze, ukuba ni pile, ni ngene, ni fuye, izwe e ni li nikwa uJehova uTixo wa oyihlo benu.
2A ni yi kwenezela emtetweni e ngi ni yaleza wona, a ni yi ku wu ncipisa futi; ukuba ni zi gcine izimemezelo zika Jehova uTixo wenu e ngi ni yaleza zona.
3Amehlo enu a bonile okwenziwe uJehova ngenxa ka Baalpeori, ngokuba uJehova uTixo wenu wa ba bulala bonke aba be m landela uBaalpeori.
4Kodwa nina e na namatela kuJehova uTixo wenu ni sa pilile nonke ku ze ku be namuhla.
5Bheka, ngi ni fundisile imiteto nokwaba njengokuyala kuka Jehova uTixo wami ukuba ni kwenze loku ezweni e ni ya kulo uku li fuya.
6Ku gcinenike, ni kwenze loku; ngokuba loku, ku ngukuhlakanipa kwenu, nokwazi kwenu emehlweni ezizwe zonke, e zi ya ku i zwa yonke lemiteto, zi ti, Impela lesisizwe esikulu si hlakanipile, si nokwazi,
7Ngokuba i sipi isizwe esikulu kangaka na? esi noTixo eduze kwaso, njengoJehova uTixo wetu o kona ezintweni zonke e si zi bizayo kuyena na?
8I sipi isizwe esikulu kangaka, esi nemiteto nokwaba okulungileyo njenga lomteto, e ngi wu beka pambi kwenu namuhla na?
9Hlakanipani kodwa ni gcine kahle imipefumulo yenu, funa ku kohlakale eni ku bonileyo ngamehlo enu, funa futi ku suke ezinhliziyweni zenu ngazo zonke izinsuku zokupila kwenu; kodwa fundiseni amadodana enu, namadodana abantwana benu.
10Kakulu usuku e nema ngalo ngapambi kuka Jehova eHorebe, lapo wa ti uJehova kimi, ngi butele abantu ndawonye, ngi ya kubezwisa amazwi ami, ukuba ba funde ukungesaba ngazo zonke izinsuku zokupila kwabo emhlabeni, ukuba futi ba wa fundise abantwana babo.
11Na sondela nina nema ngapansi kwentaba; nentaba ya tya umlilo kwa pakati kwezulu, nobumnyama, namafu, nobumnyama obukulu.
12uJehova wa kuluma kini e pakati komlilo; nezwa izwi lokukuluma a ni bonanga umfanekiso waluto; nezwa izwi kupela.
13Wa si tyo kinina isivumelwano sake, a ni tyela ukuba ni si bambe esi izimemezelo ezi ishumi; wa zi loba ematyeni amabili.
14Nga leso sikati uJehova wa ngi yaleza ukuba ngi ni fundise imiteto, nemiyala, ukuba ni yenze ezweni eni welela kulo, ukuba nake kona.
15Hlakanipanike nina; ngokuba a ni bonanga umfanekiso waluto ngosuku e nezwa ngalo, uJehova e kuluma kinina eHorebe e ngapakati komlilo;
16Funa ni zone, ni zenzele isitombe, esi umfanekiso womuntu, o fana no wendoda, noma o wesifazana.
17Nomfanekiso wesilwane esi semhlabeni, nomfanekiso wenyoni e namapiko e ndizayo emoyeni.
18Nomfanekiso wento e kasayo emhlabatini, nomfanekiso wenhlanzi e semanzini ngapansi komhlaba.
19Noma futi ni pakamisa amehlo enu ezulwini, nalapo ni bona ilanga, nenyanga, nezinkanyezi, nako konke oku sezulwini, funa ni sindezelwe ukukonza loko, noku sebenzela loko, oku datyulelwe izizwe zonke ezi ngapansi kwezulu, uJehova uTixo wenu.
20Kodwa uJehova u ni tatile nina, wa ni kipa eziko lensimbi, Egipite, ukuba ni be kuye abantu befa njenga namuhla.
21Futi uJehova wa ngi tukutelela ngenxa yenu, wa funga ukuba a ngi yi ku li wela iJordani, nokuba a ngi yi kungena ku lelozwe elihle, e li piwe nina uJehova uTixo wenu li be ifa lenu.
22Kodwa mina ngi ya kufa kulelizwe, ngi nga li wela iJordani; kodwa nina ni ya kuwela ni li fuye lelozwe elihle.
23Hlakanipani ni nga kohlwa isivumelano sika Jehova uTixo wenu, a senzileyo nani, nenze isitombe, nomfanekiso wento, e nalelwe nayo uJehova uTixo wenu.
24Ngokuba uJehova uTixo wenu u ngumlilo o qedayo, inkosi e nomona.
25Lapo ni ya kuzala abantwana, nabantwana babantwana, se ni hlezi isikati eside ezweni, nonakale, ni zenzele isitombe, nomfanekiso wento, nenze okubi emehlweni ka Jehova uTixo wenu, uku vusa ulaka lwake;
26Ngi biza izulu nomhlaba ukuba ku ni fakazele namuhla, ukuba ni ya kufa nonke masinyane ezweni e ni ya kulo ngapesheya kweJordani ukuba ni li fuye; a ni yi ku zelula izinsuku zenu kona, ni ya kufa nonke.
27uJehova u ya kunihlakazela ezizweni, ni sale ni incozana pakati kwezizwe, lapo uJehova e ni yisa kona.
28Lapo ni ya kukonza izitixo, umsebenzi wezandhla zabantu, zemiti namatye, ezingaboniyo, ezingezwayo, ezingadhliyo, nezinganukiyo.
29Kodwa ni se kona lapo, uma ni funa uJehova uTixo wenu ni ya kumfumana, uma ni m funa ngezinhliziyo zonke zenu, na ngemipefumulo yonke yenu,
30Ezinhlupekweni zenu, na lapo zonke lezi zinto zi ni fikela, ngezinsuku zokugcina, uma ni pendukela uJehova uTixo wenu, ni lalele izwi lake.
31(Ngokuba uJehova uTixo wenu u Inkosi e nomusa;) a ka yi kunidela, a ni bulale, a kohlwe isivumelano a si funga koyihlo benu.
32Buzanike ngezinsuku ezidhlulileyo e za zi ngapambi kwenu, ku suke osukwini lokwenziwa komuntu emhlabeni uTixo, ni buze ngalapa na ngalapa kwezulu, uma kwa ke kwenzakala into enkulu kangaka na? Noma kwa ke kwezwakala na?
33Ba kona abantu a ba ke ba li zwa izwi lika Tixo li kuluma li semlilweni, njengokuzwa kwenu, ba pile, na?
34uTixo wa ke wa ya ukuzitatela izwe ngapakati kwelinye izwe, ngeziyengo, ngemifanekiso, na ngemimangaliso, na ngokulwa, na ngesandhla esi namandhla, na ngomkono oweluliweyo, na ngezesabiso ezikulu, njengako konke okwenzelwe nina uJehova uTixo wenu ngapambi kwamehlo enu na?
35Loku kwa konjiswa nina, ukuba ni ze nazi ukuba uJehova u nguTixo impela; akako omunye ngapandhle kwake.
36E sezulwini wa ni zwisa izwi lake, ukuba a ni fundise; nasemhlabeni wa ni kombisa umlilo wake omkulu; na wezwa amazwi ake e pakati komlilo.
37Ngokuba we e tanda oyihlo benu, ngako wa keta inzalo yabo emva kwabo, wa ni kipa Egipite emehlweni ake ngamandhla ake amakulu.
38Ukuxotya izizwe ngapambi kwenu, ezikulu nezi namandhla ku nani, uku ni ngenisa, noku ni nika izwe labo li be ifa lenu, njenga namuhla.
39Yazinike namuhla, ni ku cabange ezinhliziweni zenu, ukuba uJehova u nguTixo ezulwini pezulu, nasemhlabeni pansi; akako omunye.
40Ni ya ku yi bamba imiteto yake, nezimemezelo zake, e ngi ni yaleza zona namuhla, ku ze ku lunge kinina, nakubantwana benu emva kwenu, zi ze zande izinsuku zenu zokupila emhlabeni e ni wu nikwa uJehova uTixo wenu, ku be ngunapakade.
41uMosi wa keta imizi emitatu e nganeno kweJordani nga sempumalanga.
42Ukuba umbulali a balekele kona o bulala umakelwane wake e ngazelele, e kade e nga m zondi ngezikati ezidhlulileyo; ukuba a balekele komunye wa lemizi, a pile.
43iBeza eli sehlane, ezweni letafa, lamaRubeni; neRamote eGiladi, lamaGadi; neGolani eBashane lamaManasa.
44Iwo lomteto a u beka uMosi ngapambi kwabantwana baka Israeli;
45Ilezi izimemezelo, nemiteto, nemiyalo, a i kulumayo uMosi kubantwana baka Israeli, se be pumile Egipite
46Nganeno kweJordani, esigodini nga seBeth-peori, ezweni lika Sihoni inkosi yamaAmori, o wa e hlezi e Heshbone, o wa bulawa uMosi nabantwana baka Israeli, se be pumile Egipite.
47Ba li tata izwe lake, nezwe lika Hogi inkosi yase Bashane, amakosi amabili amaAmori, a e nganeno kweJordani ngasempumalanga,
48Ku suke eAroeri, ngasosebeni lomfula iArnoni, ku ze ku fike entabeni iZioni, e seHermone.
49Netafa lonke eli nganeno kweJordani ngasempumalanga, la ze la fika emanzini etafa, ngezansi kwemitombo yase Pisga.