1NGI ti enhliziyweni yami wozake, ngo ku linga ngokwenama, ngako yizwa intokozo; bheka naloku ku ize.
2Nga ti, ngokuhleka, ku ukuhlanya: nokwenama ku sizani na?
3Nga funa enhliziyweni yami ukuzikuza ewainini nga kalima inhliziyo yami ngokuhlakanipa, nokubamba ubuula ngi ze ngi bone okuhle kumadodana kaAdamu okufanele a kwenze pansi kwezulu ezinsukwini zonke zokupila kwawo.
4Nga sebenza imisebenzi emikulu, nga zaka izindhlu nga tyala izivini, namasimu, nezindawo ezinhle.
5Nga tyala kona imiti e nezitelo zezinhlobo zonke.
6Nga zenzela iziziba zamanzi, ukunetisa ihlati eli vame imiti.
7Nga zifunela izinceku nezincekukazi nga ba neza zalwa endhlini yami. Nga fuya kakulu izinkomo nezimvu kunabantu bonke aba be pambi kwami eJerusalema.
8Nga zibutela futi isilva negolide imfuyo enqabileyo yamakosi ingcebo yamazwe, nga zibizela abahlabeleli abesilisa nabesifazana nentokozo e ketiweyo yamadodana kaAdamu ya ba e yami, ukuti umfazi yebo nabafazi.
9Njalo nga ba omkulu, nganda ku nabo bonke aba be ngapambili kwami eJerusalema. Ukuhlakanipa kwami kwema nami.
10Loko amehlo ami a kutandayo a ngi ku yekanga a ngi yi kalimanga inhliziyo yami entokozweni. Inhliziyo yami ya jabula emsebenzini wonke wami: Loku kwa ku inzuzo yami kuyo yonke imisebenzi yami.
11Kona nga bheka imisebenzi yonke enziwe izandhla zami na loku konke e ngi kwenzileyo: bheka konke kwa ku ize, inkatazo yenhliziyo. Ayiko inzuzo pansi kwelanga.
12Nga buya nga cabanga ngokuhlakanipa nobuula na ngokuhlanya, ngokuba olandela inkosi a ngenzani na? Loku o be se kwenziwe nga pambili.
13Njengokuba ukukanya ku ya dhlula ubumnyama, njalo nga ti ukuhlakanipa impela ku dhlula ubuula.
14Amehlo omuntu ohlakanipileyo a kona ekanda lake kodwa isiula si hamba ebumnyameni; Ngezwa ukuba into inye e yehlela bonke.
15Kona nga ti enhliziyweni yami, okwehlela isiula kwehlela nami, ngi hlakanipile ngantoni po na? Nga ti enhliziyweni loko ku ize futi.
16Akuko ukukunjulwa kohlakanipileyo ku nesiula nakanye ngokuba oku kona manje, ezinsukwini ezi zayo, se ku ya ku kohleka konke. Ohlakanipile u fa kanjani na? njengoisiula.
17Konake nga zonda ukupila umsebenzi o setyenzwa nga pansi kwelanga u lusizi kimi: loko konke ku ize: inkatazo yenhliziyo.
18Yebo nga zonda umsebenzi wonke wami e nga u sebenzayo pansi kwelanga ngokuba ngi ya ku wu shiya kumuntu o ya kuba kona emva kwami.
19Ubani o waziyo ukuba u ya kuba ohlakanipileyo noma o isiula noko u ya kubusa pezu kwako konke ukwenza kwami e ngi kwenzileyo na loku e ngi bonisile ukuhlakanipa kwami kuko pansi kwelanga naloko ku ize.
20Njalo nga kwalusa kwa za kwa hlupa inhliziyo yami ngomsebenzi wonke e ngi sebenzileyo pansi kwelanga.
21Ku njalo u kona umuntu omsebenzi wake u ukuhlakanipa nokwazi nobuqoto noko u ya ku u shiya kumuntu o nga u sebenzanga u be isabelo sake. Loku ku ize futi.
22Ku salani kumuntu emsebenzini wonke wake a u sebenzile pansi kwelanga na senkatazweni yenhliziyo yake na?
23Loku izinsuku zonke zake zi nobuhlungu, nomsebenzi wake u lusizi. Yebo, inhliziyo yake a i pumuli ebusuku. Naloku ku ize.
24Akuko ukulunga kumuntu ukuba a dhle a puze nokuba umpefumlo wake u be nokwenama emsebenzini wake. Naloku futi nga ku bona ukuba ku vela esandhleni sika Tixo.
25Ubani o nga dhla; a tyetye kuko kunami na?
26Kuye uTixo u fumene umusa ebusweni bake u ya nika ukuhlakanipa, nokwazi, nokujabula kodwa kuso isoni u ya nika ukuhlupeka okukulu, ukuba a butele, a sebenzele umuntu a m tandayo uTixo. Loku ku ize inkatazo yenhliziyo.