1U NI vusile nani, e be ni file ezipambukweni na sezonweni;
2Ena ni hamba kuzo, njengabantu ba lelizwe, njengenkosi yamandhla omkati, umoya o sa sebenza kubantwana bokungalaleli;
3Esa si hamba nabo tina sonke ekukanukeni kwenyama yetu, senza intando yenyama neyenhliziyo, sa si ngabantwana bolaka njengabanye ngokuvela kwetu;
4Kepa uTixo, e vama umusa, ngotando lwake a si tanda ngalo,
5Se si file ezonweni, wa senza si pile kanye noKristu (ni sindiswa ngomusa;)
6Wa si vusa kanye, wa si hlalisa ndawonye naye ngokwasezulwini ngoKristu Jesu;
7Ukuba a bonakalise ezikatini ezizayo umcebo omkulu womusa wake ngobubele kitina ngaye uKristu Jesu.
8Ngokuba ni sindiswa ngomusa, ngokukolwa kwenu; loku a ku yi ngokwenu; ni ku piwa uTixo;
9A ku yi na ngemisebenzi, ukuba a nga zincoma muntu.
10Ngokuba si ngumsebenzi wake, senzelwa imisebenzi elungileyo ngaye uKristu Jesu, uTixo a si misela yona kuqala, ukuba si hambe ngaye.
11Ngako kumbulani ukuti, nina, e be ni ngabezizwe kuqala, aba bizwa ngokuti, Abokungasoki, ilabo aba tiwa Abokusoka, oku umsebenzi wezandhla enyameni;
12Ukuti, nga lesosikati, na ni nge naye uKristu, na ni ngabezizwe, ezi ngapandhle kwesizwe sika Israeli, na ni imihambima ezivumelwaneni zezitembiso, ni nge natemba, ni nge naTixo ezweni;
13Kepa kaloku, ngoKristu Jesu nina, ena ni kude, se ni sondele ngegazi lika Kristu.
14Ngokuba yena u ngukutula kwetu, owenza okubili ku be kunye, wa cita utango olwahlukanisayo;
15Ngomzimba wake wenza lu be ize utyaba, ukuti, umteto wemiyalo emenyezelweyo, ukuba a benze labobabili ba be umuntu munye omutya kuye enza ukutula;
16Ngokuba a ba hlanganise bobabili ba be umzimba munye kuTixo ngesipambano, e qede utyaba ngaso.
17Weza wa shumayela ukutula kinina, e be ni kude, na kwaba seduze.
18Ngokuba ngaye si nokusondela sobabili ngoMoya munye kuYise.
19Ngako a ni se ibo abafo nezihambi; ni ngabakelene nabangcwele, abendhlu kaTixo;
20Nakiwe pezu kwesisekelo sabapostoli nabaprofeti, uJesu Kristu uqobo lwake e itye eli isisekelo egumbini;
21Oku hlanganiselwa kuye konke ukwakiwa ku kule ku be itempeli eli ingcwele eNkosini.
22Enakiwe ndawonye kuyo nani, ni be indhlu ka Tixo ngoMoya.