1SONDEZA kuwe uAroni, umfo wenu, nawo amadodana ake, u ba hlukanise na baka Israeli, ukuba a be umpristi wami, ukuti, uAroni, noNadabi, noAbihu, noEleazari, noItamari, amadodana ka Aroni.
2U menzele uAroni, umfo wenu, izivato ezingcwele, ku be ezobukosi nezokuhloba.
3U tyo kubo bonke abahlakanipile ngenhliziyo, engi ba gcwalisile ngomoya wokuhlakanipa, ukuba ba zenze izivato zika Aroni, ahlukaniswe, a be umpristi wami.
4Ilezi izivato aba ya kuzenza; ikoshene, iefodi, nemeili, netuniki elifeketisiweyo, nesiqoko, nebande; ba m enzele uAroni, umfo wenu, namadodana ake izivato ezingcwele, ukuba a be umpristi wami.
5A ba tabate igolide, nokuluhlaza, nokububende, nokubomvu, nokampokwe omuhle.
6Ba lenze iefodi ngegolide na ngokuluhlaza, nokububende, nokubomvu, nokampokwe omuhle epotiweyo, umsebenzi wenyanga yokwaluka.
7Li be neziziba ezibili za semahlombe zi hlangane emacaleni omabili; a li hlanganiswe.
8Ibande elifeketisiweyo eli kulo a li be kunye nalo, njengomsebenzi walo, ukuti, elegolide nokuluhlaza, nokububende, nokubomvu, nelokampokwe omuhle.
9Tabata amatye amabili amashohamu, u qope kuwo amagama abantwana baka Israeli:
10Amagama a isitupa abo kwelinye itye, namagama abanye aba isitupa kwelinye itye njengokuzalwa kwabo.
11Njengomsebenzi woqopayo ematyeni, njengokuqotywa kwendandato, u wa qope ematyeni omabili amagama abantwana baka Israeli; u wa fake ezisekelweni zegolide.
12U beke amatye omabili ezizibeni zamahlombe zeefodi, a be amatye okukumbuza kwabaka Israeli; uAroni a pate amagama abo emahlombe ake omabili pambi kuka Jehova, ku be inkumbuzo.
13Wenze izisekelo ngegolide,
14Namaketanga amabili ngegolide elihle; u wenze a be njengezintambo, umsebenzi owalukiweyo, u fake amaketanga alukiweyo ezisekelweni.
15Wenze ikoshene lokwahlula, a lenziwe inyanga yokwaluka, u lenze njengomsebenzi weefodi; u lenze ngegolide, na ngokuluhlaza, nokububende, nokubomvu, na ngokampokwe omuhle opotiweyo.
16A li be nezinhlangoti ezine ezi linganayo, li pindwe kabili; ubude balo bu be ucikicane, nobubanzi balo bu be ucikicane.
17U li fake ezisekelweni zamatye, ku be izinhla ezine zamatye; uhla lokuqala lu be iodemi, nepitida, nebareketi;
18Uhla lwesibili lu be inofeki, nesafeiro, neyahalomi;
19Uhla lwesitatu lu be ileshemi, neshevu, neaklama;
20Uhla lwesine lu be itarshishi, ishohamu, neyashipe; a qiniswe ngegolide ezisekelweni.
21Amatye ka be namagama abantwana baka Israeli, a ishumi nambili e namagama abo; njengokuqotywa kwendandato, ku be ilelo li be negama, kuzo izizwe ezi ishumi nambili.
22Wenze kulo ikoshene amaketanga, a be njengezintambo, umsebenzi wegolide elihle alukiweyo,
23Wenze amasongo amabili egolide kulo ikoshene, u wa fake amasongo emacaleni ekoshene inxa zombili.
24U fake amaketanga amabili egolide alukiweyo emasongweni amabili a semacaleni ekoshene.
25Eminye imilomo emibili amaketanga omabili alukiweyo u i fake ezisekelweni zozibili, u ku beke ezizibeni zamahlombe zeefodi, ngapambili.
26Wenze amasongo amabili ngegolide, u wa fake emacaleni ekoshene inxa zombili, ecaleni lalo eli bheka iefodi ngapakati.
27Wenze namanye amasongo amabili ngegolide, u wa fake ezizibeni zozibili zamahlombe zeefodi, pansi ngapambili, eduze nokuhlangana kwalo, pezu kwebande elifeketisiweyo leefodi.
28Ikoshene a li botywe ngamasongo alo emasongweni eefodi ngentambo eluhlaza, ukuba li be pezu kwebande elifeketisiweyo leefodi, ikoshene li nga suki kulo iefodi.
29uAroni a pate amagama abantwana baka Israeli ngekoshene lokwahlula pezu kwenhliziyo yake, e sa ngena endaweni engcwele, ku be inkumbuzo pambi kuka Jehova njalonjalo.
30U fake ekosheneni iUrimi neTumimi; ba be pezu kwenhliziyo ka Aroni, e sa ngena pambi kuka Jehova; uAroni a pate ukwahlulwa kwabaka Israeli pezu kwenhliziyo yake pambi kuka Jehova njalonjalo.
31Wenze imeili leefodi ngokuluhlaza kodwa.
32Umlomo walo wekanda u be pakati kwalo; umlomo walo u be nompeto inxa zonke, umsebenzi woalukayo, njengomlomo wetakera, ukuba ku nga dabuki.
33Wenze emipetweni yalo amarimoni ngokuluhlaza na ngokububende na ngokubomvu, emipetweni yalo inxa zonke; nezinsimbi zegolide pakati kwawo inxa zonke;
34Ku be insimbi yegolide nerimoni, insimbi yegolide nerimoni njalo, empetweni wengubo yemeili inxa zonke.
35uAroni a li fake e sa konza; ukucenceza kwalo ku ya kuzwakala lapo e ngena endaweni engcwele pambi kuka Jehova, na lapo e puma, ukuba a nga fi.
36Wenze umqele wegolide elihle, u qope kuwo njengokuqotywa kwendandato, ukuti, UBUNGCWELE KU JEHOVA.
37U u fake ngentambo yoku luhlaza, u be esigqokweni, u be ngapambili esigqokweni.
38U be sebusweni buka Aroni; uAroni a twale ukona kwezinto ezingcwele, abaka Israeli aba ya kuzahlukanisa zi be ngcwele kuyo yonke iminikelo yabo engcwele; a u be ebusweni bake njalonjalo, ukuba bamkelwe uJehova.
39Waluke ituniki ngosheshe, wenze nesigqoko ngosheshe, wenze ibande, u li feketise.
40Wenzele namadodana ka Aroni amatuniki, u wenzele namabande, u wenzele nezigqoko, ku be ezobukosi nezokuhloba.
41Wambatise ngazo uAroni, umfo wenu, namadodana ake, u ba gcobe, u ba beke, u ba ngcwelise, ba be abapristi bami.
42U benzele namabulukwe elineni, ukuba kwembeswe inyama yobunqunu babo, ku qale okalweni ku fike ematangeni.
43uAroni namadodana ake a ba wambate, lapo be ngena etenteni lokuhlangana, noma be sondela elatini ukukonza endaweni engcwele, ba nga twali ukona, ba fe; a ku be umteto kuye na kuwo amadodana ake emva kwake, ku ze ku be pakade.