1UBEZALELE noAholiabi ka ba sebenze, nabo bonke abanhliziyo i hlakanipile, uJehova a ba nikile ukuhlakanipa nokuqonda, ukuba ba kwazi ukwenza imisebenzi yonke yenkonzo yendawo engcwele, njengako konke a ku tyiloyo uJehova.
2uMosi wa biza uBezalele noAlihabi, nabo bonke abanhliziyo i hlakanipile, uJehova a be ku bekile ukuhlakanipa ezinhliziyweni zabo; bonke aba qutywa izinhliziyo zabo ukuza emsebenzini, ukuba ba wenze.
3Ba tabata kuMosi umnikelo wonke, abaka Israeli aba be u letele umsebenzi wenkonzo yendawo engcwele, ukuba wenziwe. Ba buya ba leta kuye iminikelo ngesihle kusasa imihla ngemihla.
4Kweza abahlakanipileyo bonke, aba be sebenza umsebenzi wonke wendawo engcwele, be puma bonke emisebenzini yabo aba i sebenzayo,
5Ba tyo kuMosi, ba ti, Abantu ba sa leta okuningi kakulu ku nokwanela inkonzo yomsebenzi, a u yalayo uJehova, ukuba wenziwe.
6uMosi wa yala ukuba ku menyezelwe ekamu, ku tiwe, A ku nga setyenzwa owesilisa nowesifazana omunye umsebenzi womnikelo wendawo engcwele. Kona abantu ba peza ukuleta.
7Aka se ku setyenziwe kwa kwanele ukuba kwenziwe umsebenzi wonke, kwa buya kwa sala.
8Bonke abanhliziyo i hlakanipile aba sebenza umsebenzi, benza itabanekele ngezilenge ezi ishumi; ba zenza ngosheshe, na ngokuluhlaza, na ngokububende, na ngokubomvu, zi namakerubi, umsebenzi wenyanga yokwaluka.
9Ubude besilenge ba bu amakubiti amashumi amabili na shiyagalombili, nobubanzi besilenge ba bu amakubiti amane; izilenge zonke za lingana.
10Wa hlanganisa izilenge ezi isihlanu, wa hlanganisa nezinye izilenge ezi isihlanu.
11Wenza izihibe ngokuluhlaza ecaleni lesilenge esinye, empetweni nga sekuhlanganeni, wenza njalo ecaleni lesilenge sokugcina, ekuhlanganeni kwesibili.
12Wenza izihibe ezi mashumi amahlanu kwesinye isilenge; wenza izihibe ezi mashumi amahlanu ecaleni lesilenge esi sekuhlanganeni kwesibili; izihibe za bhekana.
13Wenza amakelaspi egolide, wa hlanganisa izilenge ngamakelaspi, kwa ba itabanekele linye.
14Wenza izilenge ngoboya bezimbuzi, zi be itente lok wembesa itabanekele; wa zenza izilenge ezi ishumi nanye.
15Ubude besilenge ba bu ngamakubiti amashumi amatatu; ububanzi besilenge ba bu ngamakubiti amane; izilenge ezi ishumi nanye za lingana.
16Wa hlanganisa izilenge ezi isihlanu zodwa, nezilenge ezi isitupa zodwa.
17Wenza izihibe ezi mashumi amahlanu ecaleni lesilenge sokugcina ekuhlanganeni; wenza nezihibe ezi mashumi amahlanu ecaleni lesilenge sokuhlangana kwesibili.
18Wenza amakelaspi amashumi amahlanu etusi, ukuba itente li hlanganiswe li be linye.
19Wenza isifulelo setente ngezikumba ezibomvu zezinqama, nesifulelo pezulu ngezikumba zamatahashi.
20Wenza amapulankwe amiyo etabanekele ngomuti womshita.
21Ubude bamapulankwe ba bu amakubiti a ishumi, ububanzi bamapulankwe ba bu ikubiti nenxenye.
22Ilelopulankwe la li namasumpa amabili a lungeleneyo; wenza njalo kuwo onke ampulankwe etabanekele.
23Wenza amapulankwe etabanekele; amapulankwe amashumi amabili ohlangotini olu nga seningizimu, olu bheka nga seningizinu.
24Wenza izisekelo ezimashumi amane zesiliva pansi kwamapulankwe amashumi amabili, izisekelo ezibili pansi kwepulankwe, ezamasumpa amabili alo, nezisekelo ezibili pansi kwepulankwe, ezamasumpa amabili alo.
25Na kolunye uhlangoti lwetabanekele olu nga senyakato wenza amapulankwe amashumi amabili,
26Nezisekelo zawo zesiliva, izisekelo ezibili pansi kwepulankwe, nezisekelo ezibili pansi kwepulankwe.
27Na sohlangotini lwetabanekele olu ngasemva, ngasentyonalanga wenza amapulankwe a isitupa.
28Wenza amapulankwe amabili ezingosi zetabanekele ezi nga semva.
29A hlanganiswa pansi, kwa pelela kwa za kwa fika pezulu, esongweni lokuqala; wenza njalo kuwo amabili, ezingosini zombili.
30Kwa ku amapulankwe a shiyagalombili, nezisekelo zesiliva, izisekelo ezi ishumi nesitupa, izisekelo ezibili pansi kwepulankwe.
31Wenza izinti ngomuti womshita, za ba isihlanu zamapulankwe zolunye uhlangoti lwetabanekele;
32Nezinti ezi isihlanu zamapulankwe kolunye uhlangoti lwetabanekele; nezinti ezi isihlanu zamapulankwe a sohlangotini olu nga semva ngasentyonalanga.
33Wenza uti olu pakati lwa dhlula pakati kwamapulankwe lwa finyelela inxa zombili.
34Wa nameka amapulankwe ngegolide, wenza amasongo awo ngegolide, a be izindawo zezinti; wa nameka izinti ngegolide.
35Wenza iveli ngokuluhlaza, na ngokububende, na ngokubomvu, na ngosheshe olupotiweyo; wa lenza li be namakerubi, umsebenzi wenyanga yokwaluka.
36Wa lenzela izinsika ezine ngomuti womshita; wa zi nameka ngegolide; izingwegwe zazo za zi igolide; wa zi pekela izisekelo ezine zesiliva.
37Wenza iveli lokuhonqa emnyango wetabanekele ngokuluhlaza na ngokububende, na ngokubomvu, na ngosheshe olupotiweyo, umsebenzi womfeketisi.
38Nezinsika zalo ezi isihlanu, nezigwegwe zazo; wa nameka izinhloko zazo, nemityayo yazo, ngegolide; izisekelo yazo ezi isihlanu za zi itusi.