1KWA ti kwa ba kona izwi likaJehova kimi lokuti.
2Ndodana yomuntu, yazisa nga kubo abazisi ba seIsraeli abazisayo, u tyo ku bona a bazisa okwenhliziyo yabo, Yizwani izwi lika Jehova.
3Njalo i tyo iNkosi uJehova, Maye kubo abazisi aba nobuula a ba landela umoya wabo, nako a ba nga ku bonileyo!
4Israeli, abazisi bako ba njengezimpungutye ehlane.
5A ni kupukelanga ezikaleni, a ni lwakelanga indhlu ya seIsraeli udonga, ukuma ekulweni ngosuku luka Jehova.
6Ba bonile oku ize, nokubula kwamanga, be tyo ukuti, U tyo uJehova; kepa uJehova a ka ba tumanga: futi ba tembisa ukumisa izwi.
7A ni bonanga yini oku ize, nokubula kwamanga, a ni ku kulumanga yini na? futi ni tyo, ukuti, U tyo uJehova; kepa ngi nga kulumanga.
8Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngokuba ni kulumile oku ize, ni bonile amanga, ngako, ngi pambene nani, i tyo iNkosi uJehova.
9Ko ti isandhla sami si be pezu kwabazisi a ba bona oku ize, na ba bula amanga; a ba yi ku ba kona empakatini wabantu bami, futi a ba yi ku balwa esibalweni sendhlu ya seIsraeli, a ba yi ku za nasezweni la seIsraeli; futi ni ya kwazi ukuba ngi yiNkosi uJehova.
10Ngokuba, yebo ngokuba bedukise abantu bami, ngokuti, Ku ukuhlala kahle, kepa a ku ko ukuhlala kahle; kwa ti lo waka udonga, bhekake, bona ba wu nameka ngodaka olu nga vutiweyo.
11Yityo ku bona a ba wu nameka ngodaka olu nga vutiweyo; li ya kuwa lona; ko ba kona imvula e uzamcolo; nani nina matye a yizicoto ni ya kuwa; futi umoya o yisipepo wo wu dabula.
12Bheka lapo udonga lu wile, a ku yi ku tyiwo kini ukuti, lu pi udaka e na lu nameka na?
13Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova; ngo wu dabula ngomoya oyisipepo ngentukutelo yami; futi ko ba kona imvula e uzamcolo ngolaka lwami, namatye a yizicoto ngentukutelo yami uku wu qeda.
14Njalo ngo wisa pansi udonga e ni lu namekile ngodaka olu nga vutiweyo, ngi lwenze lu namate umhlabati; futi isisekelo salo so bonakala, lu we; nina ni ya kuqedwa pakati kwalo; futi ni ya kwazi ukuba mina ngi nguJehova.
15Njalo ngo pelelisa intukutelo yami odongeni, na ku bona a ba lu nameka ngodaka olu nga vutiweyo, futi ngo ti kini, Aluko udonga, abako na ba lu namekileyo.
16Aba ti abazisi ba seIsraeli a ba zisa kulo iJerusalema, na ba bona izibonakalo zokuhlala kahle kulo, kanti akuko ukuhlala kahle, i tyo iNkosi uJehova.
17Futi, Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bako nga kuwo amadodakazi abantu bako, azisa oku puma enhliziyweni yawo; wazise nga kuwo.
18U tyo ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova; Maye kubo abesifazana abatunga amacansi kuwo amalunga onke ezandhla, a benza nezingubo pezu kwekanda lezitombe zonke ukuzingela imipefumlo! Ni ya kuzingela imipefumlo yabantu bami, ni ya kupilisa imipefumlo e ze kini.
19Futi no ngi ngcolisa pakati kwabantu bami, ngezandhla e zi gcwele ubale, na ngamaqata esinkwa ukubulala imipefumlo e be i nga yi ku fa, noku pilisa imipefumlo e be i nga yi ku pila, ngokuqamba amanga kwenu kubantu bami a bezwa amanga.
20Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova, bheka mina ngi nga kuwo amacansi enu e ni zingela ngawo imipefumlo njengezinyoni, ngo ti ngi wapule ezingalweni zenu, ngi pumise imipefumlo, imipefumlo e ni yi zingelayo njengezinyoni.
21Ngo wapula nezingubo zenu ngi pumise abantu bami esandhleni senu, futi a ba sa yi ku ba kona esandhleni senu ukuzingelwa, ni ya kuti nazi ukuba ngi nguJehova.
22Ngenxa yokudabukisa kwenu inhliziyo yolungileyo ngamanga, noko a ngi ba dabukisanga; na ngokuqinisa isandhla somubi fune a buye ngendhlela embi yake, ngoku m pilisa.
23Ngako a ni sa yi ku buka ize, ni nga buli futi nokubula; futi ngi ya kusindisa abantu bami esandhleni senu, ni ya kuti nazi ukuba ngi nguJehova.