1KWA ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi lokuti.
2Ndodana yomuntu, yazisa iJerusalema ukunengeka kwalo;
3U tyo, ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova kulo iJerusalema; Ukudabuka kwako, nokuzalwa kwako, ku be sezweni la seKanani, uyihlo u be umAmori, unyoko u be umHitikazi.
4Kwa ti ekuzalweni kwako, ngosuku lokuzalwa kwako; inkaba yako a i sikwanga, a u hlanzwanga ngamanzi ukubukwa; futi a u hlikihlwanga umunyu, a wambatiswanga.
5Iso a li banga nabubele kuwe, ukwenza kuwe into yaloku nayodwa, uku ku haukela; kanti wa pumiswa ebusweni bomhlabati ekudelekeni kompefumlo wako, ngosuku lokuzalwa kwako.
6Kwa ti nga dhlula nga kuwe, nga ku bona u lahlelwe pansi kwezinyawo egazini lako; nga se ngi ti kuwe u segazini lako, Pila; yebo, nga ti kuwe u segazini lako, Pila.
7Ngi kwenzile u be izinkulungwane njengamahlumela omhlabati, wandile wena, u kulile, futi u zile u vunulwe ngokuvunulwa; amabele ako a mi kuhle, nezinwele zako zi milile, kepa wa be u buqunu u butyelezi.
8Kwa ti nga dhlula nga kuwe, nga ku bona, bhekake, isikati sako si be isikati sokutanda; nga ti ngeneka ingubo yami pezu kwako, nga sibekela ubuqunu bako; nga funga kuwe, ngenza uvumelwano nawe, i tyo iNkosi uJehova, wa ti wa ba owami.
9Lapo nga ku hlanza ngamanzi, yebo nga geza igazi e li be kuwe, nga ku gcoba ngamafuta.
10Nga kwembesa ingubo e nomfeketiso, nga faka izicatulo zesikumba zetahashi kuwe, nga binca ilineni elihle kuwe, nga ku sibekela ngesiliki.
11Futi nga ku hloba ngezivunulo, nga faka amasongo ezandhleni zako, nomketa ngo entanyeni yako.
12Nga faka nendandato empumulweni wako, namagenqeza ezindhlebeni zako, nomcwazi omuhle ekanda kuwe.
13Wa ti wa hlotywa igolide nesiliva; nokwambata kwako kwa ku ilineni, nesiliki, nengubo enomfeketiso; wa dhla impupu ecolisileyo, nezinyosi, namafuta; wa u muhle kakulu impela, wa u fanele u be umbuso.
14La ti igama lako la pumela ezizweni ngobuhle bako; ngokuba bu be pelele ngokuhlobisa kwami, e ngi be ngi fakile kona pezu kwako, i tyo iNkosi uJehova.
15Kepa wa be u temba ebuhleni bako, wa pinga ngenxa yegama lako, wa telela bonke yilo edhluleyo ukupinga kwako, kwa ba kuye.
16Futi wa tabata kuzo izambato zako, wa zenzela ezintabeni amatente a tungwa ngeziziba, wa pinga pezu kwawo, a kezi ukuhlala wona, a ku yi ku ba kona loku.
17Futi wa tabata izivunulo ezihle zako zegolide lami, nesiliva lami e ngi ku nikile lona, wa zenzela ngazo izitombe zomlisa, wa pinga nazo.
18Wa tabata nezambato zako e zi nomfeketiso, wa zambatisa; wa beka amafuta ami, nempepo yami pambi kwazo.
19Nokudhla kwami e ngi ku nikile kona, nempupo ecolisileyo, namafuta, nezinyosi e ngi ku dhlisile ngako u ku bekile pambi kwazo ku be ipunga elimnandi, kwa ku njalo i tyo iNkosi uJehova.
20Futi u tabatile amadodana ako namadodakazi ako o wa beletile kimi, u wa hlabile kuzo uku wa dhla; Kwa ku ncane lokukupinga kwako na,
21Ukuti u bulele abantwana bami u nikile bona ukudabula umlilo ku zona?
22Kepa ekunengekeni konke kwako, nasekupingeni kwako a u kumbulanga izinsuku zobungane bako, lapo wa u bunqunu u butyelezi u lahlewe pansi kwezinyawo egazini lako.
23Ku tike emva kwako konke okubi kwako, maye, (maye kuwe! i tyo iNkosi uJehova.)
24U zakele indhlu yokupinga, u zenzele indawo epakamileyo ezindhleleni zonke.
25Wakile indawo yako epakamileyo enhla nazo zonke izindhlela, wenzile ubuhle bako bu deleke, u vulele izinyawo zako ku yilowo odhluleyo, wandisile ukupinga kwako.
26U pingile nabantwana ba seEgipite abakelene nawe, aba kulu enyameni, wandisile ukupinga kwako uku ngi cunula.
27Bhekake, ngi bekile isandhla sami pezu kwako, ngi ncipisile isabelo sako sokudhla, ngi ku nikile kuwo umpefumlo wabo aba ku zondayo, a ba ti amadodakazi abaFilisti a namahloni ngendhlela yako e ukwenakalisa.
28Futi u pingile nabantwana ba seAsiria, ngokuba wa be u nge sute; yebo u pingile nabo, wa be u nge sute futi.
29Futi wandisa ukupinga kwako ezweni la seKanani namaKaldea; wa u nga suti nga loku nako.
30I dangele kangakanani inhliziyo yako, i tyo iNkosi uJehova, nga loku wenza loku konke, o ku ukwenza kwesifazana esipingayo, esibusayo.
31Na nga loku waka indhlu yako yokupinga enhla ezindhleleni zonke, wenze izindawo zako ezipakamileyo ezindhleleni zonke.
32Umfazi e yisipingi, esikunhleni sendoda yake u ya tabata abafo!
33Ba nika umvuzo kuzo izipingi zonke; kanti wena u ya nika imivuzo yako kubo abatandi bako bonke, u ba pe ukuze ba ngene kuwe ekupingeni kwako emacaleni onke.
34Ku se kona kuwe oku pambene nabafazi abanye ekupingeni kwako; loku a kuko o landela wena ukupinga; na nga loku u nika inkokelo, kepa inkokelo a i nikwa kuwe, ngako u pambene.
35Ngako, Sipingi, yizwa izwi lika Jehova.
36Njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngokuba imali yako ya telelwa, futi ubuze bako ba zibukulwa ngokupinga kwako nabatandi bako, na ngezitombe zonke zokunengeka kwako, na ngokwezingazi zabantwana bako o ba nikile kuzo.
37Ngako, bheka, mina ngi ya ku buta abatandi bonke bako, o tokozile nabo, nabo bonke o ba tandileyo, kanye nabo bonke o ba zondileyo; ngo ti ngi ba bute nga kuwe ekuzungezeni, ngi zibukule ubuze bako ku bona, ba bone ubuze bonke bako.
38Ngi ya kuti ngi kwahlule ngezahlulelo zezipingi, nezabapalazi igazi; futi ngo ku nika igazi lentukutelo, ne lomona.
39Futi ngo ku nika esandhleni sabo, ba hlakaze indhlu yako yokupinga, ba wise izindawo zako ezipakamileyo; ba ya kuti ba ku hlubule ngezambato zako, ba tabate izivunulo ezihle zako, ba ku shiye u buqunu, u butyelezi.
40Futi ba ya kukupulela pezu kwako isixuku, ba ku kande ngamatye, ba ku qobe ngezinkemba.
41Bo ti ba tyise izindhlu zako ngomlilo, benze izahlulelo pezu kwako emehlweni esifazana esiningi; ba ku yekise ukupinga, a u sa yi ku nika nenkokelo.
42Ngi ya kuti ngi pezise intukutelo yami nga kuwe, nomona wami wo suka pezu kwako, ngi tule, ngi nga tukuteli futi.
43Ngokuba a u kumbulanga izinsuku zobungane bako, kepa u ngi tukutelisile nga ko konke loku; bheka! minake pela ngo pindisela indhlela yako pezu kwekanda lako, i tyo iNkosi uJehova; futi a u yi kwenza lobububi pezu kokunengeka konke kwako.
44Bheka bonke yilo e fanisayo wo fanisa nga kuwe, ukuti, Indodakazi i njengonina.
45U yindodakazi ka nyoko wena, o nenga indoda yake, nabantwana bake; wena u ngudade wodade benu, a ba nenga amadoda abo, nabantwana babo: unyoko u be umHitikazi, uyihlo u be umAmori.
46Udade omkulu wenu u iSamaria, lona namadodakazi alo a hlezi ngesokohlo sako; ku ti udade omncane wenu, o hlezi ngesokunene sako u iSodoma namadodakazi alo.
47Kepa a u hambanga njengezindhlela zabo, u ngenzanga na njengokunengeka kwabo: njengokuba ku nengisa kancane loku, wenakalisile ngezindhlela zonke zako ku nabo.
48Kupila kwami, i tyo iNkosi uJehova, iSodoma udade wenu a lenzanga lona namadodakazi alo njengaloku wenzile wena, namadodakazi ako.
49Bheka bu be yilobu ububi bodade wenu iSodoma; ukuzidhla, nokusuta ukudhla, nokuzipumuza ngokudhlala kahle kwa ba kulo, na kwamadodakazi alo, a li qinisanga isandhla sompofu, nodingayo futi.
50Ba be nokuzidhla, benza ukunengeka pambi kwami, ngako nga ba susa, njenga loku e nga ku bonayo.
51Futi iSamaria a lonanga ngokwenxenye yezono zako; kepa wena u pindisile ukunengeka kwako ku nabo, futi u lungisile udade wenu ngokunengeka konke kwako o kwenzileyo.
52Wena o wahlulela kubo odade benu, pata nawe ihlazo lako njengezono zako o kwenzile ngazo okunengekile ku nabo, a ba lungile ku nawe; yebo ma u be namahloni, u pate ihlazo lako ngokulungisa kwako odade benu.
53Ngo ti ngi buyise isitunjwa sabo, isitunjwa sa seSodoma namadodakazi alo, nesitunjwa sa seSamaria namadodakazi alo, nesitunjwa sabatunjwa bako pakati kwako.
54Ukuze u pate ihlazo lako, u hlaziswe ngako konke o kwenzayo, ekubatokoziseni kwako.
55Ko ti odade benu iSodoma namadodakazi alo, a buyele kokwabo kokuqala, neSamaria namadodakazi alo a buyele kokwabo kokuqala, wena nawe namadodakazi ako u buyela kokwenu kokuqala.
56Kepa udade wenu iSodoma a ba nga nakuzwiwa ngomlomo wako ngosuku lokuzidhla kwako.
57Lapo kwa ku nga ka bonakaliswa ububi bako, njengasesikatini sokujezisa amadodakazi a seAramu, nabo bonke aba li zungezayo, amadodakazi a seFilisti a ku delayo ekuzungezeni.
58Wena u patile ukwenakalisa nokunengeka kwako, u tyo uJehova.
59Ngokuba njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngi ya kwenza kuwe njenga loku wenzile, u delile isifungo ukwapula uvumelwano.
60Kepa ngo kumbula uvumelwano lwami nawe ngezinsuku zobutya bako, ngi mise kuwe uvumelwano olungunapakade.
61Ko ti u kumbule izindhlela zako, u hlaziswe ekwamkeleni kwako odade wenu, omkulu kuwe nomncane kuwe; ngo ti ngi ku nike bona ba be amadodakazi, ku nge ngovumelwano lwako kodwa.
62Ngi ya kuti ngi mise uvumelwano lwami kuwe; wazi ukuba ngi nguJehova.
63Ukuze u kumbule u be namahloni, ku nga bi kuwe futi ukukamisa umlomo ebusweni behlazo lako, uma ngi ku yekele ngako konke o kwenzileyo, i tyo iNkosi uJehova.