1KWA ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi, lokuti.
2Kepa, wena Ndodana yomuntu, wo wahlula, wo wahlula umuzi wenzingazi na? yebo, wo kwazisa wona konke ukunengeka kwawo.
3Wo ti u tyo ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova, Umuzi u ya palaza igazi pakati kwawo, ukuze isikati sawo si fike, wenze nezitombe ngakuwo ukuzingcolisa.
4Ngegazi lako o li palazileyo u pansi kwecala; u zingcolisile na ngezitombe zako o zenzileyo; u sondezile nezinsuku zako, u fikile nasemnyakeni wako; nga loku ngi ku nikile u be ukudelwa kuzo izizwe, u be nokuhlekiswa kuwo amazwe onke.
5Aba seduze, naba kude nawe ba ya ku hlekisa wena, o ngcolile ngegama, o gcwele ukukatazeka
6Beka izikulu za seIsraeli za ba pakati kwako ilesi emandhleni aso ukupalaza igazi.
7Ba delile uyise nonina kuwe; benzile ukwamuka kumfokazi pakati kwako; inkedama nomfelokazi ba ba hlupile kuwe.
8Okuyingcwele kwami u ku delile, namasabata ami u wa ngcolisile.
9Ba kona kuwe abantu abancetezayo ukuze ba palaze igazi; futi aba kuwe ba ya dhla ezintabeni; ba ya kwenza okubi pakati kwako.
10Ba hlubule ubuze buka yise kuwe; ba m tobisile yena ongcolileyo ngokuqaka kuwe.
11Futi umuntu wenzile ukunengeka nomfazi wowakelene naye, nomunye u ngcolisile umalukazana wake ngokwenza kabi, nomunye o kuwe u tobisile udade wabo indodakazi kayise.
12Ba tabatile umvuzo kuwe ukuze ba palaze igazi; u tabatile inzuzo neseleko, u pangile abakelene nawe ngokwamuka, futi u ngi kohlile i tyo iNkosi uJehova.
13Bhekake ngi tyayile isandhla sami ngokupanga kwako o kwenzileyo, na ngenxa yegazi e be li kona pakati kwako.
14Inhliziyo yako i ngema, nezandhla zako zi nga qina ngezinsuku e ngenzana nawe ngazo na? mina Jehova ngi kulumile, ngi ya kwenza belu.
15Ngo ti ngi ku hlakaze pakati kwezizwe, ngi ku sabalalise emazweni, ngi pelise ubuncola bako kuwe.
16Futi wo wabela amafa pakati kwako emehlweni ezizwe, wazi ukuba ngi nguJehova.
17Kwa ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi, lokuti.
18Ndodana yomuntu, indhlu ya seIsraeli i be kimi inyele; bona bonke ba yitusi, netine, nensimbi, nomtofu pakati kwesitando; ba inyele lesiliva bona.
19Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova; ngokuba ni ze nina nonke ni be inyele, ngako bheka, mina ngo ni hlanganisa ngapakati kweJerusalema.
20Njengokubutana kwesiliva, netusi nensimbi, nomtofu nokete ngapakati kwesitando ukufutela umlilo pezu kwawo, uku wa ncibilikisa, njalo ngo ni buta ngolaka iwami, na ngokuvuta kwami, ngi m shiye ngi ni ncibilikise.
21Yebo ngo ni buta, ngi futele pezu kwenu emlilweni wentukutelo yami, ni ya kuncibilikiswa pakati kwawo.
22Njengaloku isiliva li ya ncibilikiswa pakati kwesitando, njalo nina no ncibilikiswa pakati kwawo; ni ya ku ti nazi ukuba mina Jehova ngi telile ukuvuta kwami pezu kwenu.
23Kwa ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi, ukuti.
24Ndodana yomuntu, yityo kulo ukuti, Wena u yizwe eli nga hlanzwanga, lona a li linelwangwa ngosuku lolaka.
25Ku kona ukucebana kwabazisi balo pakati kwalo, njengengonyama egwavumayo, i ya halela impango; ba dhlile imipefumlo; ba tabatile ingcebo namagugu; ba wandisile amadikazi alo pakati kwalo.
26Abateteleli babo ba wapula umteto wami, ba ngcolisile okuyingcwele kwami: a ba hlukanisanga pakati kokuyingcwele noku nge ngcwele, a benzanga ukwahluka pakati, kokungahlanzeki nokuhlanzekileyo, ba fihlile amehlo abo kuwo amasabata ami, ngi ngcolisiwe pakati kwalo mina.
27Izikulu zalo pakati kwalo zi njengezimpisi zi halela impango, uku palaza igazi, noku bubisa imipefumlo, ukupanga impango.
28Ba ti abazisi balo ba zi nindile ngodaka olu nga vutwayo, be bona oku ize, be bula amanga kubona, be ti, Njalo i tyo iNkosi uJehova, kanti uJehova a ka tyongo.
29Abantu bezwe ba hlupile ngokuhlupa, bamukile ngokwamuka; Yebo ba hlupile ofikileyo ku nge ngokulunga.
30Nga ti nga funisisela umuntu wabo o biya utango, e mi esikaleni pambi kwami ngasezweni, funa li citwa; kanti a ngi fumananga.
31Kepa ngi telile pezu kwabo ulaka lwami; ngi ba qedile ngomlilo wentukutelo yami: ngi pindisele indhlela yabo pezu kwamakanda abo, i tyo iNkosi uJehova.