1KWA ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi, lokuti,
2Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bako nga kuyo intaba iSira, wazise nga kuyo,
3U tyo kuyo, ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova, Bheka mina ngi nga kuwe Ntaba Sira, ngo ti ngelule isandhla sami nga kuwe, ngi kwenze u be ihlane, incitakalo.
4Ngo yenza imizi yenu i be incitakalo, u be ihlane nawe; u ya kwazi wena ukuba ngi nguJehova.
5Ngokuba u be nenzondo njalo, u nikele amadodana a seIsraeli esandhleni senkemba ngesikati senkatazo yawo, ngesikati sokupela kokubi.
6Ngako, kupila kwami, i tyo iNkosi uJehova, ngo ku lungisela igazi, ko ti igazi li ku landele; ngokuba a u zondanga igazi, igazi lo ku landela lona.
7Ngi ya kuti ngenze intaba iSira i be ihlane, incitakalo, ngi nqume kuyo opumayo nobuyayo.
8Ngo ti ngi gcwalise izintaba zayo ngabahlatyiweyo; emimangweni yako; na sezigodini zako, nasemifundeni yonke yako, abahlatyiweyo ngenkemba ba ya kuwa kuyo.
9Ngi ya kwenza wena u be ihlane njalo njalo, a i yi ku buya nemizi yako; nina ni ya kwazi ukuba ngi nguJehova.
10Ngokuba u tyilo wena, Lezizizwe ezibili, nalamazwe amabili a ya kuba abami, tina so ba nalo; nokuba uJehova wa ba kona lapo.
11Ngako, kupila kwami, i tyo iNkosi uJehova, ngi ya kwenza ngokolaka lwako, na ngokomona wako o wenzileyo ngokuzonda kwako nga ku wona; futi ngi ya kuzazisa kuwo, njenga loku ngi kwahlulile.
12Wena u ya kwazi ukuba mina ngi nguJehova, nokuba ngi zwile ukufenyisa konke kwako o ku kulumile wena nga kuzo izintaba za seIsraeli, u ti, Zi citekile, zi piwe kiti ukuzidhla,
13Ni gabisile nga kimi ngomlomo wenu, nandisile amazwi enu nga kimi; ngi zwile.
14Njalo i tyo iNkosi uJehova; Ekujabuleni kwezwe lonke, ngi ya kwenza wena u be ihlane.
15Njengokujabula kwako ngefa lendhlu ya seIsraeli, ngenxa yaloku i be ihlane, njalo ngi ya kwenza kuwe; wo ba ihlane wena Ntaba Sira, nEdomi lonke ukupela kwalo; bona ba ya kwazi ukuba ngi nguJehova.