1LAPO wa ngi yisa kulo isango, isango obuso balo bu sendhleleni yasempumalanga:
2Bhekake, ukukazimula kukaTixo ka Israeli kweza ku vele endhleleni ya sempumalanga; la ti izwi lake la ba njengezwi lamanzi amaningi; wa ti umhlaba wa kazimula ngokukazimula kwake.
3Kwa ti kwa ba njengesimo sesibonakaliso e nga si bonayo, njengesibonakaliso e nga si bonayo lapo ngeza ukucita umuzi, futi izibonakaliso zi be njengesibonakaliso e nga si bonayo ngasemfuleni uKebari; nga ti nga wa ngobuso bami.
4Kwa ti ukukazimula kuka Jehova kweza endhlini ngendhlela yesango eli bheka nga sempumalanga.
5Wa ti umoya wa ngi pata, wa ngi zisa kulo itanga eli ngapakati; kwa ti, ukukazimula kuka Jehova kwa gcwalisa indhlu.
6Nga ti nga mu zwa e kuluma kimi ngapakati kwendhlu; futi umuntu wa be e mi nga kimi.
7Yena wa ti kimi, Ndodana yomuntu, indawo yesihlalo sami sobukosi, nendawo yokwenabela kwami, lapo ngo hlala kona pakati kwamadodana a seIsraeli ku ze ku be pakade, negama lami eli ingcwele, amadodana a se Israeli a ka yi ku li ngcolisa futi, wona, namakosi awo, ngokupinga kwawo, na ngezidumbu zamakosi awo ezindaweni zawo ezipakamileyo.
8Ngokumisa umgulugulu wawo kuwo umgulugulu wami, nezinsika zawo ngakuzo izinsika zami, nodonga pakati kwami nawo, futi a ngcolisile igama lami ngokunengeka kwawo a kwenzileyo; ngako ngi dhlile wona olakeni lwami.
9Kaloku ma ka suse kimi ukupinga kwawo, nezidumbu zamakosi awo, ngo ti ngi hlale pakati kwawo ku ze ku be pakade.
10Wena Ndodana yomuntu, bonisa abendhlu ka Israeli, indhlu, ba be namahloni ngokunengeka kwabo; futi ma ba linganise umfanekiso.
11Noma ba be namahloni ngako konke a ba kwenzileyo, yazisa bona isimo sendhlu, nomkuba wayo, nokupuma kwayo, nokungena kwayo, nezimo zonke zayo, neziyalelo zonke zayo, nezimo zonke zayo, nemiteto yonke yayo: u yi lobe emehlweni abo, ba gcine isimo sonke sayo, neziyalelo zonke zayo, ba zenze.
12Yilo umteto wendhlu; pezu kwesiqongo sentaba icele lonke layo ekuzungezeni li ya kuba ngcwele yokungcwele. Bheka, lo u ngumteto wendhlu.
13Futi yilezi izilinganiso zelati ngezingalo: Ingalo i yingalo nempama, umkati wo ba ingalo, nobubanzi ingalo, necele lalo ku ze ku be semkaulweni walo ekuzungezeni li ya kuba ubude besandhla; na loku ko ba isiqongo selati.
14Ku suke emhlabatini ku ze kuko ukwenyuka okuqala ko ba izingalo ezimbili, nobubanzi ingalo inye; ku suke kuko ukwenyuka okuncane ku ze ku be ukwenyuka okukulu ko ba izingalo ezine, nobubanzi ingalo.
15Ko ti intaba ka Tixo [ukuti, ilati] i be izingalo ezine; futi ku suke kuyo ingonyama ka Tixo [ukuti, ilati] na nga pezulu zo ba kona izimpondo ezine.
16Ku ya kuti ingonyama ka Tixo [ilati] i be izingalo ezi ishumi nambili ngobubanzi, uhlangoti lwezinhlangoti ezine zalo.
17Ko ti indawo yokwenyuka i be izingalo ezi ishumi nane ngobude, nezi ishumi nane ngobubanzi ezinhlangotini ezine zayo: necele ekuzungezeni kwayo li be inxenye yengalo; nomkati wayo ingalo ekuzungezeni; nezinyatelo zokukupuka kwalo ukubuka kwazo empumalanga.
18Lapo wa ti kimi, Ndodana yomuntu, njalo i tyo iNkosi uJehova; Yilezi iziyalezelo zelati ngosuku lokwenza kwalo, ukubeka pezu kwalo umnikelo wokutyiswa, nokufafaza pezu kwalo igazi.
19Ko ti u nike kubo abateteleli abaLevi bona abenzalo ka Zadoki, a ba sondela kimi, nku ngi konza, i tyo iNkosi uJehova, inkunzana i be umnikelo wezono.
20Futi wo tabata inxenye yegazi layo u i beke ezimpondweni ezine zalo, na semagumbeni amane endawo yokufinyezwa, naseceleni ekuzungezeni; u hlanze yona u yi hlaulele.
21Wo tabata inkunzi yomnikelo wokona futi, a yi tyise endaweni emiselweyo yendhlu ngapandhle kwendawo e ingcwele.
22Na ngosuku lwesibili wo nikela impongo yezimbuzi e nge nacala i be umnikelo wokona, futi bo hlanza ilati njengaloku ba li hlanza ngenkunzi.
23Ekuqedeni kwako uku li hlanza wo nikela inkunzi e nge nacala, nenqama yezimvu e nge nacala.
24Wena wo zi nikela pambi kuka Jehova, abateteleli bona ba zo tela usauti pezu kwazo, ba zi nikele umnikelo wokutyiswa kuJehova.
25Izinsuku ezi isikombisa wo lungisa impongo yomnikelo wokona ngemihla; ba zo lungisa nenkunzi, nenqama yezimvu e ngenacala.
26Izinsuku ezi isikombisa ba zo hlaulela ilati, ba li hlanze, ba gcwalise isandhla sabo.
27Noma izinsuku zi pelile, ko ba ngosuku lweshiyagalombili, napambili, ukuba abateteleli benze iminikelo yenu yokutyiswa pezu kwelati, neminikelo yenu yokuhlala kahle; ngi ya kuti ngi namkele, i tyo iNkosi uJehova.