1BAZALWANE, uma umuntu ehlelwa icala, m lungiseni onjalo ngomoya wokuva, nina baka Moya; u xwaye wena, funa u lingwe nawe.
2Ma ni twesane imitwalo yenu, ni feze umteto ka Kristu ngokwenze njalo.
3Ngokuba uma umuntu e zityo ukuti u into, e nge nto yaluto, u ya zikohlisa yena.
4A ku be ilowo a hlole umsebenzi wake, kona u ya kuba nokubonga ngokwake, ku nga bi ngokomunye.
5Ngokuba ilowo u ya kutwala owake umtwalo.
6Kepa yena ofundiswa izwi a ka hlanganyele nomfundisayo ezintweni zonke ezilungileyo.
7Ma ni nga kohliswa; uTixo a ka hlekwa; ngokuba loku a ku hlwanyelayo umuntu, wo ku vuna.
8O hlwanyelela inyama yake, u ya kuvuna ukufa ngenyama; kodwa o hlwanyelela uMoya, u ya kuvuna ukupila okupakade ngaye uMoya.
9Kepa nxa senza okulungileyo ma si nga katali; ngokuba si ya kuvuna ngesikati esifaneleyo, uma si nga dangali.
10Ngakoke nxa si netuba, a senze okulungileyo kubo bonke, kepa kakulu kwabendhlu yokukolwa.
11Ni ya bona incwadi engaka engi ni lobele yona ngesandhla sami.
12Labo aba tandayo ukubonakalisa kahle enyameni, ba ni qube ukuba ni soke; kepa benza ukuba ba nga hlutywa ngenxa yesipambano sika Kristu, kupela.
13Ngokuba nabasokayo aba u gcini umteto; kodwa ba tanda ukuba ni soke, ukuze ba bonge ngenyama yenu.
14Kodwa ma ku nga bi ukuba ngi bonge, kupela ngesipambano seNkosi yetu uJesu Kristu, oku betelwe izwe kimi ngaye, nami kulo.
15Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka a ku sizi luto, nokungasoki, kodwa ukuzalwa okutya kupela.
16Ukutula nomusa a ku be kubo bonke abahambayo nga lomteto, na kubaIsraeli baka Tixo.
17Ma ngi nga be ngi sa katazwa muntu; ngokuba ngi pete emzimbeni wami izimpau zeNkosi uJesu.
18Bazalwane, umusa weNkosi yetu uJesu Kristu ma u be nomoya wenu. Ameni.