1IZWE lonke la li nolimi lunye, nokukuluma kunye.
2Kwa ti ekusukeni kwabo ngasempumalanga, ba fumanisa itafa ezweni la seShinari; baka kulo.
3Ba kuluma bodwa be ti, A senze isitini, si si tyise nokutyisa. Isitini sa si ngamatye abo, ibitume la li udaka lwabo.
4Ba ti, A sake umuzi nombotyongo, isiqongo sawo si fike ezulwini; senze igama, si nga hlakazeki ebusweni bomhlaba wonke.
5uJehova wehla ukubona umuzi nombotyongo, aba be kwakile abantwana babantu.
6Wa ti uJehova, Bhekani, isizwe sinye, nolimi lunye kubo bonke; se be qala ukwenza loku: kaloku a ba sa yi kunqanyulelwa ngaluto kuko konke aba qambile ukuba ba kwenze.
7A sehle si sanganise kona ulimi lwabo, ukuba ba ngezwani, omunye ulimi lomunye.
8uJehova wa ba hlakaza kona ebusweni bomhlaba wonke; ba peza ukwaka umuzi.
9Ngako igama lawo la tiwa iBabeli; ngokuba uJehova wa sanganisa ulimi lwezwe lonke; uJehova wa ba hlakaza kona ebusweni bomhlaba wonke.
10Lezi zi izizukulwane zika Shemi: uShemi wa ba neminyaka e ikulu, wa zala uArfaksade iminyaka emibili ngasemva kuka zamcolo.
11Ngasemva kokuzalwa kuka Arfaksade, uShemi wa hamba iminyaka ya ba makulu mahlanu, wa zala amadodana namadodakazi.
12uArfaksade wa hamba iminyaka ya ba mashumi matatu a nesihlanu, wa zala uSala.
13Ngasemva kokuzalwa kuka Sala, uArfaksade wa hamba iminyaka ya ba makulu mane nantatu wa zala amadodana namadodakazi.
14uSala wa hamba iminyaka ya ba mashumi matatu, wa zala uEberi:
15Ngasemva kokuzalwa kuka Eberi, uSala wa hamba iminyaka ya ba amakulu amane nantatu, wa zala amadodana namadodakazi.
16uEberi wa hlala iminyaka ya ba amashumi amatatu nane, wa zala uPelegi.
17Ngasemva kokuzalwa kuka Pelegi uEberi wa hamba iminyaka ya ba amakulu amane namashumi amatatu, wa zala amadodana namadodakazi.
18uPelegi wa hamba iminyaka ya ba amashumi amatatu, wa zala uReu.
19Ngasemva kokuzalwa kuka Reu, uPelegi wa hamba iminyaka ya ba makulu mabili nashiyagalolunye, wa zala amadodana namadodakazi.
20uReu wa hamba iminyaka ya ba amashumi amatatu nambili, wa zala uSerugi:
21Ngasemva kokuzalwa kuka Serugi, uReu wa hamba iminyaka ya ba makulu mabili nesikombisa, wa zala amadodana namadodakazi.
22uSerugi wa hamba iminyaka ya ba amashumi amatatu, wa zala uNahori.
23Ngasemva kokuzalwa kuka Nahori, uSerugi wa hamba iminyaka ya ba amakulu amabili, wa zala amadodana namadodakazi.
24uNahori wa hamba iminyaka ya ba amashumi amabili nashiyagalolunye, wa zala uTera:
25Ngasemva kokuzalwa kuka Tera, uNahori wa hamba iminyaka ya ba ikulu neshumi nashiyagalolunye, wa zala amadodana namadodakazi.
26uTera wa hamba iminyaka ya ba amashumi a kombisa, wa zala uAbrama, noNahori, noHaranu.
27Lezi zi izizukulwane zika Tera: uTera wa zala uAbrama, noNahori, noHaranu; uHaranu wa zala uLoti.
28uHaranu wa fa ngapambili kuka Tera uyise, ezweni, a zalelwa kulo, eUre lamaKaledi.
29uAbrama noNahori ba zitabatela abafazi: igama lomka Abrama la li nguSarai; igama lomka Nahori la li nguMilka, indodakazi ka Haranu, uyise ka Milka, noyise ka Iska.
30uSarai wa e inyumba; e nge nanzalo.
31uTera wa tabata uAbrama, idodana yake, noLoti indodana ka Haranu, indodana yendodana yake, noSarai umalukazana wake; umka Abrama indodana yake; be suka nabo eUre lamaKaledi, ukuba ba ye ezweni la seKenani; ba fika eHaranu, baka kona.
32Izinsuku zika Tera za zi iminyaka e makulu mabili nanhlanu: uTera wa fa eHaranu.