1USARAI umka Abrama a ka m zalelanga bantwana: wa e nencekukazi ya sEgipite, igama layo la li nguHagari.
2Wa ti uSarai kuAbrama, Bhekake, uJehova u ngi nqabele ukuba ngi zale; a ku ngene ku yo incekukazi; ingabe ngi za kwakelwa ngayo. uAbrama wa lalela izwi lika Sarai.
3uSarai, umka Abrama, wa tabata uHagari wa sEgipite, incekukazi yake, wa m nika uAbrama indoda yake, a be umfazi wake, uAbrama e sakile eKenani iminyaka e ishumi.
4Wa ya kuHagari, wa kulelwa: e bona ukuti u kulelwe, inkosikazi yake ya deleleka emehlweni ake.
5Wa ti uSarai kuAbrama, Ukuhlupeka kwami a ku be kuwe; ngi nikele incekukazi yami esifubeni sako; ku te i bona i kulelwe, nga deleleka emehlweni ayo: uJehova a tete icala pakati kwami nawe.
6Wa ti uAbrama kuSarai, Bheka, incekukazi yako i sesandhleni sako; yenza kuyo okufanele emehlweni ako. Kona uSarai wa i hlupa, ya baleka ebusweni bake.
7Isitunywa sika Jehova sa i fumana ngasemtonjeni wamanzi ehlane, ngasemtonjeni endhleleni e ya eShuri.
8Sa ti, Hagari, ncekukazi ka Sarai, u velapi na? U tanda ukuya ngapi na? Wa ti, Ngi ya baleka ebusweni benkosikazi yami, uSarai.
9Sa ti kuye isitunywa sika Jehova, Buyela kuyo inkosikazi yako, u zibeke pansi kwezandhla zayo.
10Sa ti kuye isitunywa sika Jehova, Ngi ya kwandisa kakulu inzalo yako i nga be i sa balwa ngobuningi.
11Sa ti kuye isitunywa sika Jehova, Bheka, u su kulelwe, u ya kuzala indodana, u qambe igama layo uIshmaeli; ngokuba uJehova u zwile ukuhlupeka kwako.
12Yena u ya kuba umuntu wa sendhle, isandhla sake si ya kuba kubo bonke; nesandhla sabo bonke si ya kuba kuye; u ya kuhlala pambi kwabafo wabo bonke.
13Wa qamba igama lika Jehova owa kuluma naye ukuti, Wena uTixo obonayo: ngokuba wa ti, Imbala ngi bhekile ini o ngi bonayo na?
14Ngaloko lowomtombo kwatiwa iBerelahairoi; bheka u pakati kweKadeshi neBeredi.
15uHagari wa m zalela uAbrama indodana: uAbrama wa qamba igama lendodana yake, uHagari a be i zele, ukuti, uIshmaeli.
16uAbrama wa e neminyaka e mashumi a shiyagalombili nesitupa, msukwana uHagari e zalela uAbrama uIshmaeli.