1UABRAHAMA wesuka kona, wa ya ngasezweni laseningizimu, waka pakati kweKadeshi neShuri, wa hlala eGerari.
2Wa ti uAbrahama ngaye uSara Umkake, Lo u ngudade wetu: uAbimeleki inkosi ya seGerari, wa tuma, wa m tabata uSara.
3Kepa uTixo weza kuAbimeleki ekupupeni ebusuku, wa ti kuye, Bheka, u su nle ngenxa yomfazi o m tabatileyo; u ganile endodeni.
4Kepa uAbimeleki wa e nga ka sondeli kuye: Wa ti, Nkosi, u ya kusibubisa isizwe esilungileyo na?
5A ka tyongo kimi ukuti, Lo o ngudade wetu na? naye wa ti, Lo u ngumne wetu: ngobuqoto benhliziyo yami, nangobumhlope bezandhla zami; ngi kwenzile loku.
6Wa ti uTixo kuye ekupupeni, Ngi yazi, u kwenze loku ngobuqoto benhliziyo yako; nga ku vimbela mina ukuba u ngoni kimi: ngaloko a ngi ku vumelanga ukuba u m pate.
7Kaloku m buyisele ku lomuntu umkake; ngokuba u ngumazisi, u ya kukukulekela, u sinde, kodwa uma u nga m buyiseli, yazi u za kufa nokufa, wena nabo bonke abako.
8uAbimeleki wa vuka ekuseni, wa biza zonke izinceku zake, wa shumayela lezizindaba zonke ezindhlebeni zazo: abantu besaba kakulu.
9Kona uAbimeleki wa biza uAbrahama, wa ti kuye, Wenzeni kitina na? ngoneni kuwe, u tele icala elikulu kimina nasembusweni wami ngani na? u ngenzele okungafanele u kwenziwa.
10Wa ti uAbimeleki kuAbrahama, u boneni, wenzeleni loku na?
11Wa ti uAbrahama, Ngokuba be ngi ti, Impela ukwesaba uTixo a ku ko ku lendawo; nga ti, ba ya kungibulala ngenxa yomkami.
12Kepake ngi qinisile, u udade wetu; u indodakazi ka baba, kodwa a siyo indodakazi ka mame; wa ba umkami.
13Kwa ti, uTixo e se ngedukise endhlini ka baba, nga ti kuye, Loku ku umusa, o za ku ngenzela wona; ezindaweni zonke esi ya kufika kuzo, yityo ngami, ukuti Lo u umne wetu.
14uAbimeleki wa tabata izimvu nezinkomo, nezinceku, nezincekukazi, wa zi pa kuye uAbrahama, wa m buyisela uSara umkake.
15Wa ti uAbimeleki, Bheka, izwe lami li sebusweni bako: yaka lapo u tanda kona.
16Wa ti kuSara, Bheka, ngi m nikile umne wenu amashekeli esiliva a inkulungwane: bheka, a ku be kuwe isisibekelo samehlo kubo bonke aba nawe, nakwabanye bonke: wa tetiswa kanjaloke.
17uAbrahama wa kuleka kuTixo: uTixo wa m pilisa uAbimeleki, nomkake, nezincekukazi zake; ba zala.
18Ngokuba uJehova wa e vimbe impela zonke izisu zendhlu ka Abimeleki ngenxa ka Sara umka Abrahama.