1INYOKA ya i nobuqili kuzo zonke izilwane za sendhle, a be zenzile uJehova uTixo: ya ti kumfazi, Imbala, u tyilo uTixo, A ni yi kuidhla yonke imiti yensimu na?
2Wa ti umfazi enyokeni, Si nga dhla izinhlamvu zemiti yensimu:
3Kodwa izinhlamvu zomuti o pakati kwensimu, u te uTixo, A ni yi kuzidhla, a ni yi kuzipata, ukuba ni nga fi.
4Ya ti inyoka kumfazi, A ni yi kufa nokufa.
5Ngokuba u yazi uTixo, msukwana ni dhlayo, amehlo enu a za kuvuleka, ni be njengoTixo, nazi okulungileyo nokungalungile.
6Umfazi e bona umuti u lungele ukudhliwa, u bukeka emehlweni, umuti o nxanelekileyo ukuhlakanipisa, wa zika izinhlamvu zawo, wa zi dhla, wa zi nika indoda yake, ya zi dhla nayo.
7A ti amehlo abo bobabili a vuleka, ba bona ukuti ba hambaze; ba tungela amaqabunga omkiwane, ba zenzela izingubo.
8Bezwa izwi lika Jehova uTixo e hamba ensimini ntambama: uAdamu nomkake ba m catyela uJehova uTixo emitini yensimu.
9uJehova uTixo wa m biza uAdamu, wa ti kuye, U pi na?
10Wa ti, Ngezwa izwi lako ensimini, ngesaba, ngokuba nga hambaze; nga catya.
11Wa ti, Wa tyelwa ubani ukuti, wa hambaze na? u u dhlile lomuti, nga ku yala ngawo ukuti, U nga u dhli, na?
12Wa ti uAdamu, Umfazi owa ngi nika yena ukuba a be nami, wa ngi pa umuti, nga u dhla.
13Wa ti uJehova uTixo kumfazi, Ini loku o kwenzileyo na? Wa ti umfazi, Inyoka ya ngi kohlisa, nga dhla.
14Wa ti uJehova uTixo enyokeni, Ngokuba u kwenzile loku, u tukiwe ku nezinkomo zonke, nezilwane zonke za sendhle; u ya kuhamba ngesisu sako, u dhle utuli izinsuku zonke zokuhamba kwako.
15Ngi za kubeka inzondo pakati kwako nomfazi, napakati kwenzalo yako nenzalo yake, i ya kulimaza ikanda lako, nawe u ya kulimaza isitende sayo.
16Wa ti kumfazi, Ngi ya kukulisa nokukulisa ubuhlungu bako ekukulelweni kwako; u ya kubeleta abantwana ngobuhlungu, ukunxanela kwako ku ya kuba endodeni yako; i ya kubusa pezu kwako.
17Wa ti kuAdamu. Ngokuba u lalele izwi lomkako, u dhlile umuti enga ku yala ngawo ukuti, U nga u dhli, wonakele umhlaba ngenxa yako; u ya kuzidhla izitelo zawo, u hlupeke zonke izinsuku zokuhamba kwako.
18U ya kukuvezela ameva nokula; u ya kudhla imiti ya sendhle.
19U ya kudhla ukudhla u juluke ebusweni bako, u ze u buyele emhlabeni; ngokuba wa tatyatwa kuwo: u umhlabati wena, u za kupenduka umhlabati.
20uAdamu wa qamba igama lomkake uEva; ngokuba u unina wabo bonke abapilayo.
21uJehova uTixo wa benzela uAdamu nomkake izingubo ngezikumba, wa ba gqokisa.
22Wa ti uJehova uTixo, Bheka, uAdamu u njengati e kwazi okulungileyo nokungalungile: kaloku, funa a selule isandhla sake, a ke umuti wokupila, a dhle, a hambe ku ze ku be pakade,
23uJehova uTixo wa m mukisa ensimini ya sEdene, ukuba a lime umhlabati a be tatyatwe kuwo.
24Wa m xotya uAdamu; wa misa ngasempumalanga kwensimu ya sEdene amakerubi, nesinkemba esikazimulayo esipendukayo ukuba ku lindwe indhlela yomuti wokupila.