1KWA ti ekupeleni kweminyaka emibili, uFaro wa pupa; bheka, wa e mi ngasemfuleni.
2Bheka, kwenyuka emfuleni izinkomo ezikombisa, zinhle, zi bukeka, zi kulupele: za dhla emhlangeni.
3Bheka, nezinye izinkomo ezikombisa zenyuka emfuleni emva kwazo, za zi zimbi, zondile, zema kwezinye izinkomo osebeni lomfula.
4Za ti izinkomo ezimbi, ezondileyo, za dhla izinkomo ezikombisa ezinhle ezikulupeleyo. Wa papama uFaro.
5Wa buya wa lala wa pupa okwesibili; bheka izikwebu ezikombisa za hluma ezeleni linye, zinkulu, zinhle.
6Bheka nezikwebu ezikombisa ezincinyane, zi tyile umoya wa sempumalanga, za hluma emva kwazo.
7Izikwebu ezincinyane za dhla za qeda izikwebu ezikombisa ezikulu ezinhle uFaro wa papama, bheka, kwa ku ipupo.
8Kwa ti kusasa inhliziyo yake ya katazeka; wa tuma wa biza izanusi zonke za sEgipite, nabahlakanipileyo bonke balo: uFaro wa ba tyela amapupo ake: kepa wa e nge ko o nga m kumshela uFaro wona.
9Kona induna yabapatizitya ya kuluma kuFaro, i ti, Ngi ya li kumbula namhla icala lami:
10uFaro wa e tukutelele izinceku zake, wa ngi faka etilongweni, endhlini yenduna yamabuto, mina nenduna yabapeki.
11Sa pupa ipupo ngobusuku bunye, mina nayo; sa pupa omunye nomunye njengokukumshwa kwepupo lake.
12Kwa ku kona nati umfana, umHeberu, inceku yenduna yamabuto; sa m tyela, wa si kumshela amapupo etu; wa kumshela ilowo njengepupo lake.
13Kwa ti, njengaloko a si kumshela kona, kwa ba njalo; wa ngi buyisela mina esikundhleni sami, wa m panyeka yena.
14Kona uFaro wa tuma wa biza uJosefa; ba m tyetyisa ba m kipa etilongweni: wa zipucula, wa hloba izingubo zake, wa ngena kuFaro.
15Wa ti uFaro kuJosefa, Ngi pupile ipupo; akuko o nga li kumshelayo: ngi zwile ngawe ukuti, u ya lazi ipupo ukuba u li kumshele.
16uJosefa wa m pendula uFaro, wa ti, Akuko kimina: uTixo o ya kumpendula kahle uFaro.
17Wa ti uFaro ku Josefa, Ekupupeni kwami, bheka, be ngi mi osebeni lomfula:
18Bheka, kwenyuka emfuleni izinkomo ezikombisa, zi nonile, zinhle, ezibukekayo; za dhla emhlangeni.
19Bheka, na ngasemva kwa lezo zenyuka ezinye izinkomo ezikombisa, zi zacile, zimbi kakulu, zondile; a ngi bonanga ngi bona ezimbi njengalezo ezweni lonke la sEgipite;
20Izinkomo ezondileyo ezimbi za dhla izinkomo ezikombisa ezandulelayo ezinonileyo:
21Za zi dhla, kepa a ku bonakalanga ukuti zi zi dhlile, ngokuba za zimbi njenga kuqala. Nga papama.
22Futi, nga bona ekupupeni kwami, bheka, za hluma izikwebu ezikombisa ezeleni linye, zinkulu, zinhle:
23Bheka, kwa hluma emva kwazo izikwebu ezikombisa eziputileyo, zi ncinyane, zi tyile umoya wa sempumalanga:
24Izikwebu eziputileyo za dhla za qeda izikwebu ezikombisa ezinhle: nga zi tyela izanusi; kepa sa si nge ko esi nga ngi kumshela kona.
25Wa ti uJosefa kuFaro, Ipupo lika Faro linye: uTixo u m bonisile uFaro loko a za kukwenza.
26Izinkomo ezikombisa ezinhle zi iminyaka ekombisa; nezikwebu ezikombisa ezinhle zi iminyaka ekombisa ipupo linye.
27Izinkomo ezikombisa ezondileyo ezimbi, ezenyuka emva kwazo, zi iminyaka ekombisa; nezikwebu ezikombisa eziputileyo, ezityile umoya wa sempumalanga, zi iminyaka ekombisa yendhlala.
28Loku engi ku tyilo kuFaro: a za ku kwenza, uTixo u m bonisile uFaro loko.
29Bheka, ku ye za iminyaka ekombisa yenala enkulu ezweni lonke la sEgipite:
30Ngasemva kwayo i ya kuvela iminyaka ekombisa yendhlala; i ya kukohlakala inala yonke ezweni la sEgipite; indhlala i ya kuqeda izwe;
31Inala a i yi kuzwiwa ezweni ngenxa yendhlala elandelayo; ngokuba i ya kuba nzima kakulu.
32Loku ipupo la pindwa kabili, ku ku ti, lento i qinisiwe uTixo; uTixo u ya kutyetya a yenze.
33Kaloku uFaro a ka fune umuntu oqapeleyo ohlakanipileyo, a m mise ezweni la sEgipite.
34A kenze ujalo uFaro, a mise izinduna ezweni la sEgipite, a tabate okwesihlanu kwa sezweni la sEgipite ngeminyaka ekombisa yenala.
35A zi bute ukudhla konke kwa leyo minyaka emihle ezayo, zi bekelele amabele esandhleni sika Faro, zi londe ukudhla emzini.
36Loko kudhla ku ya kubekelelwa izwe ngeminyaka ekombisa, e za kuba ezweni la sEgipite, ukuba izwe li nga citeki ngenxa yendhlala.
37Lelozwi la li lungile emehlweni ka Faro na semehlweni ezinceku zake zonke.
38Wa ti uFaro ezincekwini zake, Si nga tola ini o njengaye, umuntu o nomoya ka Tixo, na?
39Wa ti uFaro kuJosefa, Loku uTixo u kwazisile konke loko, akuko muntu oqapelayo, ohlakanipileyo njengawe:
40U ya kuba pezu kwendhlu yami; bonke abantu bami ba ya kubuswa ngezwi lako: ngobukosi bodwa ngi ya kuba mkulu kuwe.
41Wa ti uFaro kuJosefa, Bheka, ngi ku misile ezweni lonke la sEgipite.
42uFaro wa kumula indandato esandhleni sake, wa i faka esandhleni sika Josefa, wa mambatisa izingubo ezinhle, wa faka umnaka wegolide entanyeni yake.
43Wa m hambisa encweleni yesibili yake; ba memeza pambi kwake, be ti Kotamani; wa m misa ezweni lonke la sEgipite.
44Wa ti uFaro kuJosefa, Ngi nguFaro, ngapandhle kwako akuko muntu o nga pakamisa isandhla sake, nonyawo lwake, ezweni lonke la sEgipite.
45uFaro wa qamba igama lika Josefa uZafenatepanea; wa m nika uAsenati, indodakazi ka Potifera umprisiti wa seOni, ukuba a be umkake. uJosefa wa hambela ezweni lonke la sEgipite.
46uJosefa wa e neminyaka e mashumi matatu, msukwana e ma pambi kuka Faro inkosi ya sEgipite. uJosefa wa puma ebusweni buka Faro, wa hambela ezweni lonke la sEgipite.
47Ngeminyaka ekombisa yenala izwe la tela ngobuningi.
48Wa buta ukudhla konke kweminyaka, eya i sezweni la sEgipite wa ku bekelela ukudhla emzini; ukudhla kwamasimu omuzi, a semacaleni awo, wa ku bekelela emuzini munye.
49uJosefa wa bekelela amabele a ngangesihlabati solwandhle, amaningi kakulu, wa za wa yeka ukubala, ngokuba a e nge nakubalwa.
50Kwa m zalelwa uJosefa amadodana amabili, i nga ka fiki iminyaka yendhlala, a m zalela wona uAsenati, indodakazi ka Potifera, umpristi wa seOni.
51uJosefa wa qamba igama lezibulo uManasa; e ti, ngokuba uTixo u ngenzile ngi kohlwe ukuhlupeka konke kwami, nendhlu yonke ka baba.
52Igama lowesibili wa li qamba uEfraimi; e ti, ngokuba uTixo u ngi zalisile ezweni lokuhlupeka kwami.
53Ya pela iminyaka ekombisa yenala, eya i sezweni la sEgipite.
54Kwa qala ukufika iminyaka ekombisa yendhlala njengaloko a be tyilo uJosefa: indhlala ya ba semazweni onke; kepa kwa ku kona ukudhla ezweni lonke la sEgipite.
55Kwa ti, se li lambile izwe lonke la sEgipite, abantu ba kalela ukudhla ku Faro: wa ti uFaro kwa ba sEgipite onke, Sukani ni ye kuJosefa, nenze loko a za ku ni tyela kona.
56Indhlala ya i sezweni lonke: uJosefa wambulula imilindi yonke, wa tengela abasEgipite; indhlala ya vama ya ba nzima ezweni la sEgipite.
57Izwe lonke leza Egipite ukutenga kuJosefa; ngokuba indhala ya be inzima emazweni onke.