1UISRAELI wesuka nako konke okwake, wa ya eBersheba, wa m hlabela uTixo ka yise uIsaka iminikelo.
2uTixo wa kuluma ku Israeli ngezibonakaliso zobusuku, wa ti, Jakobe, Jakobe. Wa ti, ngi lapa.
3Wa ti, Ngi nguTixo uTixo ka yihlo: u ngesabi ukwehla ukuya Egipite; ngokuba ngi ya kukwenza kona, u be isizwe esikulu:
4Ngi ya kwehla nawe, ngi ye Egipite; ngi ya kubuya ngi kwenyuse: uJosefa u ya kubeka isandhla sake pezu kwamehlo ako.
5uJakobe wesuka eBersheba: amadodana ka Israeli a m tuta uJakobe uyise, nabantwana bawo nomkawo, ngezincwele, uFaro a be zi tumile ukumtabata.
6Ba tabata izinkomo zabo, nezinto zabo, aba zi zuzayo ezweni la seKenani, be za Egipite, uJakobe na yo yonke inzalo yake.
7Amadodana ake, namadodana amadodana ake, namadodakazi amadodana ake, inzalo yake yonke wa i yisa na ye Egipite.
8Lawa a ngamagama amadodana ka Israeli, ezayo Egipite, uJakobe namadodana ake: uRubeni, izibulo lika Jakobe.
9Amadodana ka Rubeni; uHanoki, noFalu, noHezeroni, noKarmi.
10Amadodana ka Simeoni; uJemuli, noJamini, noOhadu, noJakini, noZehari, noShaule indodana yesifazana sa seKenani.
11Amadodana ka Levi; uGershoni, noKohati, noMerari.
12Amadodana ka Juda; uEri, nOnani, noShela, noFarezi, noZara; uErinOnani ba fa ezweni la seKenani.
13Amadodana ka Isakari; uTola, noFuva, noJobe, noShimroni.
14Amadodana ka Zebuloni; uSeredi, noEloni, noJaleli.
15Lawa a ngamadodana ka Lea, a m zalela uJakobe Padanaramu, na ye uDina indodakazi yake: amadodana namadodakazi ake onke a be ngabantu aba amashumi amatatu nantatu.
16Amadodana ka Gadi; uZifoni, noHagi, noShuni, noEzeboni, noEri, noArodi, noAreli.
17Amadodana ka Asheri; uJimna, noIshua, noIsui, noBeria, noSera udade wabo: amadodana ka Beria: uHeberu, noMalekile.
18Lawa a ngamadodana ka Zilpa, owa piwa uLabani uLea indodakazi yake, wa m zalela uJakobe wona, abantu aba ishumi nesitupa.
19Amadodana ka Ratyeli, umka Jakobe; uJosefa noBenjamini.
20uJosefa wa zala uManasa noEfraimi ezweni la sEgipite, aba m zelelwa uAsenati indodakazi ka Potifera, umpristi wa seOni.
21Amadodana ka Benjamini a be nguBela, noBekeri, noAshbeli, noGera, noNamani, noEhi, noRoshe, noHupimi, noArda.
22Lawa a ngamadodana ka Ratyeli, a zalwa uJakobe: bonke ba be abantu aba ishumi nane.
23Amadodana ka Dani: uHushimi.
24Amadodana ka Naftali; uJazeli, noGuni, noJezeri, noShilemi.
25Lawa a ngamadodana ka Bilha; owa piwa uLabani uRatyeli indodakazi yake, wa m zalela uJakobe wona; bonke ba be abantu aba isikombisa.
26Abantu bonke abeza na ye uJakobe Egipite, abazalwa uye, ngapandhle komka madodana ka Jakobe, bonke ba be abantu aba ngamashumi a tatisitupa a nesitupa;
27Amadodana ka Josefa, a zalwa Egipite, a be ngabantu a babili: abantu bonke bendhlu ka Jakobe, abeza Egipite, ba be ngamashumi a isikombisa.
28Wa tuma uJuda pambi kwake kuJosefa, ukuba a m kombise pambi kwake ukuya eGosheni.
29uJosefa wa lungisa incwele yake wa ya kumhlangabeza uIsraeli uyise, eGosheni, wa zibonakalisa ku ye; wa wa entanyeni yake, wa kala e hlala entanyeni yake.
30Wa ti uIsraeli ku Josefa, A ke ngi fe kaloku, se ngi bonile ubuso bako, u se kona.
31Wa ti uJosefa kubafo wabo na kuyo indhlu ka yise, Ngi za kukupuka, ngi m tyele uFaro, ngi ti kuye, Ba fikile kimi abafo wetu, nendhlu ka baba, aba be sezweni la seKenani:
32Abantu a ba ngabalusi, ngokuba ba ngabantu bezinkomo; ba fikile nezimvu zabo, nezinkomo zabo, nako konke aba nako.
33Ku ya kuti, nxa uFaro e ni biza, a ti, I ini imisebenzi yenu na?
34Ni ya kuti, Izinceku zako zi ngabantu bezinkomo, kwa sebutyeni betu ku ze ku be manje, tina, nokoko betu: ukuba ni hlale ezweni la seGosheni, ngokuba aba sEgipite ba ya nengwa abalusi bonke.