1UJAKOBE wa biza amadodana ake, wa ti, Butanani, ngi za kunityela loko oku za kunitikela ngezinsuku ezizayo.
2Butanani, ni zwe, madodana ka Jakobe; lalelani uIsraeli uyihlo.
3Rubeni, u izibulo lami wena, amandhla ami, ukuqala kobudoda bami, ubukulu bobukosi, ubukulu bamandhla.
4A u mi ndawonye njengamanzi, a u yi kuba nabukulu; ngokuba wa kwela embedeni ka yihlo; kona wa lona ukuko lwami, wa kwela yena.
5uSimeoni noLevi ba izelamane, izinkemba zabo zi izikali zokupanga.
6Nhliziyo yami, u nga ngeni ecebweni labo; bukosi bami, u nga hlangani nebandhla labo; ngokuba ngolaka lwabo ba bulala abantu, na ngonya lwabo benza izinkomo izihole.
7Lwa nengeka ulaka lwabo, ngokuba lwa lu sabeka; nokutukutela kwabo, ngokuba kwa ku tyisa: ngi ya kubahlukanisa pakati kuka Jakobe, ngi ba hlakaze pakati kuka Israeli.
8Juda, wena, abafo wenu ba ya kukubonga: isandhla sako si ya kuba entanyeni yezita zako, abantwana baka yihlo ba ya kukotamela kuwena.
9uJuda u iundhlu lengonyama: ndodana yami, wesuka empangweni: wa guqa yena wa lala njengengonyama njengengonyama e kulileyo u ya kuvuswa ubani na?
10Intonga yobukosi a i yi kupela ku Juda, nombusi pakati kwezinyawo zake, a ze a fike uShilo; izizwe zi ya kubambelela kuye.
11Wa bopa injomanyana yake evinini, itole lenjomane yake evinini elihle; wa geza izingubo zake ngewaini, izivato zake ngezinhlamvu zevini.
12Amehlo ake a bomvu iwaini, amazinyo ake a mhlope ubisi.
13uZebuloni u za kwaka ngasetekwini, a be iteku lemikumbi; umkaulo wake u ya kufika eZidoni.
14uIsakari u injomane e namandhla e lala esigcawini:
15Wa buka ukupumula ku mnandi, izwe li tandeka; wa nika ihlombe lake ukuba a twale, wa ba inceku e konzayo;
16uDani u ya kubusa abantu bake njengezinye izizwe zika Israeli.
17uDani u ya kuba inyoka endhleleni, inhlangwana enyatukweni, e luma izinyawo zehashi, a nga wa nyovane o li kwelayo.
18Jehova, ngi ya hlalela ukusindisa kwako.
19uGadi, impi i ya kumahlula: kodwa u ya kwahlula ekugcineni.
20Ku ya kuvela kuAshuri ukudhla kwake okunonileyo, u ya kutela okumtoti kwamakosi.
21uNaftali u yinhlango e hambayo: u ya veza amazwi a mnandi.
22uJosefa u ngumuti otelayo, umuti otelayo o semtonjeni; amagatya awo a kwela otangweni.
23Abanemicibityelo ba m kataza, ba m tyaya, ba m lalela:
24Kodwa umcibityelo wake wa hlala u qinile, amandhla ezandhla zake a qiniswa izandhla zomNinimandhla kaJakobe; e vela umalusi, itye lika Israeli.
25A qiniswa uTixo ka yihlo, o za ku ku siza, umNinimandhla, o za ku kubusisa ngokuhle kwezulu e li pezulu, na ngokuhle kwamanzi amakulu a hleziyo pansi, na ngokuhle kwamabele nesisu:
26Izibusiso zika yihlo zi yadhlula izibusiso zezintaba ezi mi pakade, okuhle kweminyango e hlezi mandulo: i ya kuba sekanda lika Josefa, esihlokweni sake owa hlukana nabafo wabo.
27uBenjamini u impisi: kusasa u ya kudhla a ku bambileyo, nakusihlwa u ya kwabela a ku pangileyo.
28Bonke laba ba izizwe ezi ishumi nambili zika Israeli; naloku iloko a ku tyoyo uyise kubo, wa ba busisa; wa ba busisa bonke njengezibusiso zabo.
29Wa ba yala wa ti kubo, ngi ya kwelekelwa kwa bakiti; a ke ni ngi mbele ku baba emhumeni o sezweni lika Efroni umHiti,
30Emhumeni o sezweni la seMakpela, pambi kwa seMamre ezweni la seKenani, uAbrahama a u tengayo kanye nezwe ku Efroni umHiti, ku be izwe lake lokumbelwa.
31Ba mbela kona uAbrahama noSara umkake; ba mbela kona uIsaka noRebeka umkake; nga mbela kona noLea.
32Izwe nomhumi o kulo kwa tengwa kuwo amadodana ka Heti.
33uJakobe se e qedile ukuyala amadodana ake, wa finyeza izinyawo zake, wa fa; welekelwa kubantu ba kubo.