1UMTANDAZO ka Habakuki umazisi, ngengoma.
2Jehova, ngi zwile ukuzwakala kwako, ngesaba, Jehova pilisa umsebenzi wako pakati kweminyaka; pakati kweminyaka yazisa; ekutukuteleni ma u kumbule umhau.
3uTixo u yeza e vele eTemani, ukuti Oyingcwele kuyo intaba iParani. Sela. Ukukazimula kwake ku sebekele izulu, nomhlaba u gcwele ukubongwa kwake.
4Ku ti ukukazimula kwake ku njengokukanya; i kuye, imisebe i vele esandhleni sake, na lapo ku kona ukusita kwamandhla ake.
5Ngapambili kwake i ya impondo, nofehlo u puma ezinyaweni zake.
6U yema e linganisa umhlaba: u bona e tutumalisa izizwe, zi ti izintaba za mandulo zi hlakazwa, imimango ya pakade i kotama; izindhlela zapakade zi kuye.
7Nga bona amakaya a seKushani pansi kwenkatazo: amatente ezwe la seMidiani a zanyazanyiswa.
8uJehova wa e tukutela ngemifula na? ulaka lwako lwa lu nga semifula na? intukutelo yako ya be i nga selwandhle na? ngokuba wa kwela emahashini ako, nezincwele zako zokusindisa.
9Umcibityelo wako wa vela nokuvela, njengezifungo ezizweni, ngezwi lako. Sela. Wa dabula umhlaba ngemifula.
10Izintaba za ku bona, za zamazama; umsinga wamanzi wa dhlulela; ulwandhle olude lwa pumisa izwi lalo, lwa pakamisa izandhla zalo pezulu.
11Ilanga nenyanga yema enhlalweni yayo: ekukanyeni kwemisebe yako ya hamba, ngokucwazimla komkonto wako okazimlayo.
12Wa hamba wena u dabula izwe ekutukuteleni, wa nyatela izizwe olakeni.
13U pumela ukusindiswa kwabantu bako, ukusindiswa kogcotyiweyo wako; u limaza inhloko endhlini yomubi, u zibukula isisekelo ku ze ku be sentanyeni. Sela.
14Wena wa hlaba ngemikonto yake ikanda lomholi wake, ba ya ngokwesipepo uku ngi xotya: ukwetaba kwabo kwa ku njengokudhla ompofu ekusitekeni.
15Wa hambela pakati kolwandhle emahashini ako, ekukukuleni kwamanzi amaningi.
16Ngezwa, sa ti isisu sami sa tutumela; izindebe zami za qaqazela ngodumo; ukubola kwa ngena ematanjeni ami, nga ti nga tutumela pakati kwami, ukuba ngi zo pumula ngosuku lwenhlupeko ini na; ekukupukeni kwake ebantwini, wo ba cindezela.
17Nokuba umkiwane u nga kahleli, ku nga biko nesitelo ezinwazini; ku kohlisa umsebenzi womhlwati, nemihlabati i nga vezi ukudhla, zi pele izimvu esibayeni, ku nga biko nankomo emaxibeni.
18Noko ngi ya kwetaba kuJehova, ngi jabule kuTixo wokusindiswa kwami.
19uJehova iNkosi u ngamandhla ami, yena u ya kwenza izinyawo zami zi be njengezinyamazana, wo ngi hambisa ezindaweni zami ezipakamileyo.
Kumholi wokuhlabelela ngogubu.