1NGALOKU, bazalwane abangcwele, abahlanganyela ukubizwa kwa sezulwini, qondani umPostoli nomPristi omkulu wokukolwa kwetu, uKristu Jesu;
2O wa e tembeka kuyena o wa m bekayo, njengoMosi wa e tembeka kuyo yonde indhlu yake.
3Ku tiwa lo u fanele ukudunyiswa ku noMosi, loku o yakileyo indhlu u nokudunyiswa ku nayo indhlu.
4Ileyo indhlu yakiwa otile; kepa yena, o waka konke, u nguTixo.
5uMosi wa e tembeka kuyo yonke indhlu yake njengokonzayo, ku qiniswe o be ku za kutyiwo;
6Kepa uKristu njengomntwana pezu kwendhlu yake, esi indhlu yake tina, uma si qinisa si be nesibindi nokutokoza kwetemba, ku ze ku be sekupeleni.
7Ngako, njengokutyo kuka Moya o ingcwele, ukuti, Namhla uma ni ya kulizwa izwi lake,
8Ni nga zenzi lukuni izinhliziyo zenu, njenga sekucunuleni, ngomhla wokulingwa ehlane;
9Lapo oyihlo ba ngi linga, ba ngi cupa, ba bona imisebenzi yami iminyaka emashumi amane.
10Ngaloko nga cunuka nga lesosizukulwane, nga ti, Ba yeduka njalo ezinhliziyweni zabo, a ba zange ba zazi izindhlela zami;
11Nga za nga funga ekutukuteleni kwami, nga ti, a ba so ze ba ngena ekupumuleni kwami.
12Bhekani, bazalwane, funa ku be kona kinina o nenhliziyo embi, enga kolwayo, i hlubuka kuTixo opilayo.
13Kepa a no lulekana, imihla ngemihla, ku sa tiwa Namhla; ku ngenziwa lukuni umuntu wa kini ngokukohlisa kokona.
14Ngokuba si hlanganyele uKristu, uma si qinisa, si ku bambe ukwetemba kwetu okokuqala ku ze ku be sekupeleni;
15Nxa ku tyiwo, Namhla, uma ni ya kulizwa izwi lake, ni nga zenzi lukuni izinhliziyo zenu, njenga sekucunuleni.
16Kepa ibapi abezwayo ba cunula na? A sibo bonke aba puma Egipite ngaye uMosi na?
17Ibapi a ba tukutelayo iminyaka emashumi amane na? A sibo abonayo, izidumbu zabo za wa ehlane na?
18Ibapi a funga kubo ngokuti, A ba so ze ba ngena ekupumuleni kwake, uma be nge sibo a ba nga kolwanga?
19Si ya bona, ba be nge nakungena ngokungakolwa kwabo.