1KEPA into enkulu ku lezizinto esi kuluma ngazo, iloku ukuti, Si nompristi omkulu onje, owa ya wa hlala ngakwesokunene sesihlalo soBukulu ezulwini;
2Isikonzi saloku oku ingcwele, nesotente oqinisileyo, eya m misayo iNkosi, e nga miswa muntu.
3Abapristi abakulu bonke ba miselwa ukunikela iminikelo nemihlatyelo; ngako ku fanele ukuba naye lo a be nako a nga ku nikelayo.
4Uma wa be e kona emhlabeni, nga e nga banga umpristi, loku be kona abapristi aba nikela iminikelo ngokomteto;
5Aba konza ngesiboniso na ngesitunzi sokwa sezulwini; njengokuba uMosi wa yalwa uTixo, e se za kwaka utente; ngokuba u ti, Bheka, u kwenze konke ngokuma o wa ku boniswa entabeni.
6Kepa u yamkeliswe inkonzo enhle, loku u ngumLamuli wesivumelwano esihle, esi misiwe ngezitembiso ezinhle.
7Ngokuba uma lesosivumelwano sokuqala be si nge nacala, nga i nga funwa indawo yesesibili.
8Kepa e sola u ti kubo, Bheka, izinsuku zi yeza, i tyo iNkosi, engi ya kwenza ngazo isivumelwano esitya nendhlu ka Israeli, na nendhlu ka Juda;
9Si nga bi njengesivumelwano enga senzayo noyise, msukwana nga pata isandhla sabo ukubakipa ezweni lasEgipite; ngokuba labo aba hlalanga esivumelwaneni sami, nami a ngi ba nakanga, i tyo iNkosi.
10Kepa ilesi si isivumelwano engi ya kusenza nendhlu ka Israeli ngasemva kwa lezozinsuku, i tyo iNkosi; ngi ya kubeka imiteto yami ekuzindhleni kwabo, ngi i lobe ezinhliziyweni zabo; ngi ya kuba uTixo wabo, ba ya kuba abantu bami;
11A ba yi kufundisa, ilowo a fundise o wakelene naye, ilowo a fundise umfo wabo, ngokuti, yazi iNkosi; ngokuba bonke ba ya kungazi, abancinyane nabakulu.
12Ngi ya kuhaukela ukungalungi kwabo; ukona kwabo nokubi kwabo ngi nga be ngi sa ku kumbula.
13Ngokuti, Isivumelwano esitya, u senze si dala esokuqala. O se kudala, ku gugile se ku za kunyamalala.