1LAPO uEfraimi wa kuluma ngokwesaba wa zipakamisa eIsraeli; kanti wa pambeka kuBali, wa fa.
2Kaloku ba pinda ukona, bona ba zenzele imifanekiso encibilikisiweyo ngesiliva labo, nezitombe njengokuqonda kwabo, konke kwazo ku umsebenzi wabalumbi; ba tyo ngazo, ukuti, abantu abahlabayo ma bange amatole.
3Ngako ba ya kuba njengefu lokusa, nombete, o muka masinyane, njengamakoba a pepetwa esibuyeni, nomusi entubeni.
4Kepa mina ngi nguJehova uTixo wako kwa sezweni la sEgipite, a u yi ku m azi uTixo ngapandhle kwami, amuko umsindisi, i mina kupela.
5Nga kwazi ehlane, ezweni elomileyo.
6Njengedhlelo labo, njalo ba suta; ba suta, ya pakama inhliziyo yabo; ngako ba ngi kohlile.
7Ngako ngi ya kuba kubo njengengonyama: njengengwe endhleleni ngo linda.
8Ngo hlangana nabo njengebere elifelwe amaundhlu alo, ngo ti dabule isibekelo senhliziyo yabo, na lapo ngo ba dhla njengengonyama; izilo zomhlabati zo ba dwengula.
9Israeli loku ku ku citile ukuba u pambene nami ukusiza kwako.
10I pi manje inkosi yako, i ze i ku sindise emizini yonke yako na? nabahluli bako ba pi, o wa tyo kubo ukuti, Ngi nikeni inkosi nezikulu na?
11Nga ku nika inkosi olakeni lwami, nga buya nga i susa ekutukuteleni kwami.
12Ububi buka uEfraimi bu lotyiwe; isono sake si bekiwe.
13Ubuhlungu bobeletayo bo m fikela; u indodana e nga hlakanipiyo; ngokuba nga e nge mi isikati endaweni yokudabula kwabantwana.
14Ngi ya kuba kulula esandhleni seSheoli; ngi ba hlaulele ekufeni: Kufa, ngi ya kuba ukubujiswa kwako: Sheoli ngi ya kuba ukunqunywa kwako; ukupenduka ko sibekelwa emehlweni ami,
15ngokuba yena u be isitelo pakati kwabazalwane abke, umoya wa sempumalanga wo fika, umoya ka Jehova wo kupuka u vele ehlane, umtombo wake wo tya, umtombo wake wo ma; wo panga ingcebo yezitya zonke ezitandiweyo.
16iSamaria lo citwa, ngokuba li tyayanile noTixo wako: ba ya kuwa ngenkemba; izingane zabo zo fohlozwa, abakulelweyo babo bo qaqwa.