1NAKO ku labo abenza imiteto emibi, na ku labo aba loba usizi aba lu misileyo.
2Aba gudhlukisa abadingayo ekwahlulelweni, naba susa okulungileyo kubantu bami abampofu, ukuze ba pange abafelokazi kanye nezinkedama.
3Ni ya kwenzani ngosuku lokuhanjelwa, na sekucitakaleni oku ya kuvela kude na? ni ya kubalekela kubani ukuba a ni size na? Ni ya kushiyapi udumo lwenu na?
4Ngapandhle kwami ba ya kukotama ngapansi kwezibotywa, ba we ngapansi kwababuleweyo. Noko ku njalo konke ukutukutela kwake a ku pendukile, kepa isandhla sake si selulekile njalo.
5Wo kuAsiria, intonga yolaka lwami; udondolo olu sesandhleni sabo lu ukutukutela kwami.
6Ngi ya tumela kuye isizwe esizenzisayo, nakubantu bolaka lwami ngi ya kumyala, a tate impango, nengcebo nokubanyatela pansi njengodaka lwa sezitaladini.
7Kepa a ka tyo njalo, nenhliziyo yake a yi qondi njalo; kodwa ku senhliziyweni yake ukububisa nokunquma izizwe eziningi.
8Ngokuba u ti, Izikulu zami a zi iwo amakosi na?
9uKalno a ka njengoKakemishi na? uHamati a ka njengoApadi na? iSamaria a li njengeDamaseku na?
10Njengokuba isandhla sake si fumene imibuso yezitombe, nemifanekiso e baziweyo ya hlula eya seJerusalema neya seSamaria.
11Ngi ngenze yini kuJerusalema na sezitombeni zalo, njengaloku ngenza kuSamaria na sezitombeni zalo na?
12Ngako ku ya kuti, lapo uJehova e se qedile wonke umsebenzi wake entabeni eZioni na seJerusalema, ngi ya kutyaya okupumayo enhliziyweni e nenkani yenkosi ya seAsiria, nodumo lokuzazisa kwake.
13Ngokuba ya ti, ngamandhla esandhla sami ngi kwenzile loku, nangokuhlakanipa kwami: ngokuba ngi qondile: ngi susile imikaulo yabantu, ngi pangile ingcebo yabo, ngi wisile pansi abakileyo njengomuntu o isiqwaga.
14Nesandhla sami si fumene njengesihleke ingcebo yabantu; nanjengobutayo amaqanda aseleyo, ngi wu butile wonke umhlaba: a kwa bako o zamazamisa ipiko, no vula umlomo no cingayo.
15Imbala, izembe li ya kuzikukumeze kuye o gaule ngalo na? nesaha li ya kuzipakamisa kuye o li qubayo na? njengokungati induku i zizamazisa kwabayipakamisayo, noma udondolo lu zipakamisa ngo kungati ka silo ukuni.
16Ngako uJehova, uJehova wamabandhla, wo tuma ukonda pakati kwabanonileyo bake; nangapansi kodumo lwake u ya kupemba ukutyisa njengokutyisa komlilo.
17Ukukanya kuka Israeli ku ya kuba njengomlilo, no ingcwele wake wo ba njengelangabi; ku ya kutya ku qede ameva ake, nobobo lwake ngosuku lunye;
18U ya kuqeda udumo lwehlati nolwensimu yake etelayo, na sempefumlweni ku ze ku fike nasemzimbeni; ba ya kuba njengesiguli si pela amandhla.
19Nensali yemiti yehlati lake i ya kuba ingcozana i lingane ukubalwa umntwana.
20Ku ya kuti ngalolusuku insali ka Israeli nabasindileyo bendhlu ka Jakobe, ka ba yi kupinda ba zimise kuye o ba tyayileyo, kodwa ba ya ku zimisa kuJehova o ingcwele ka Israeli, ngokwempela.
21Insali i ya kubuya, insali ka Jakobe i buyele kuTixo o namandhla.
22Ngokuba noko abantu bako abaIsraeli ba njengesihlabati solwandhle, insali yabo i ya kubuya: ukutyisa okumisiweyo ku ya kuba kukulu ngokulunga.
23Ngokuba uJehova uTixo wamabandhla u ya kububisa, njengokumisiweyo pakati kwezwe lonke.
24Ngako u ti uJehova uTixo wamabandhla, We bantu bami abakile eZioni, ni nga mesabi owa seAsiria: u ya kumtyaya ngentonga, a ni pakamisele udondolo lwake, njengakwenza Egipite.
25Ngokuba ngesikatyana esincane, isinengiso si ya kupela, nolaka lwami ekubujisweni kwabo.
26uJehova wamabandhla wo m vusela ukutyaya njengokubulawa kweMidiani edwaleni la seHorebi; nanjengaloku intonga yake ya yi pezu kolwandhle, njalo u ya kuyipakamisa njengokwenza kwake Egipite.
27Ku ya kuti ngalololusuku, umtwalo wake wo kwelulwa ehlombe lako, nejokwe lake entanyeni yako, nejokwe li ya kubulawa ngenxa yokugcotywa.
28U fikile eAiati, u dhlulile eMigroni; u misile izinqola zake eMikmashi.
29Ba welile ezibukweni: bakile eGaba; iRama li yesaba; iGibea lika Sauli li balekile.
30Pakamisa izwi lako ndodakazi ya seGalimi; lenze li zwakale eLaishi, wena Anatoti o hlupekileyo.
31iMadmena li susiwe; abakile eGebimi ba butana ukuba ba baleke.
32Ngalololusuku u ya kuhlala eNobi: a nikine isandhla sake intaba yendodakazi ya seZioni, intaba ya seJerusalema.
33Bheka uJehova, uJehova wamabandhla, u ya kunquma igatya ngokwesabekayo: naba izikulu u ya kuba nquma, nabazikulisayo ba ya kutotyiswa.
34U ya kunquma amahlahla ehlati ngezembe, neLebanoni li ya kuwa ngomkulu.