1NGOKUBA uJehova u ya kumdabukela uJakobe a buye a u kete uIsraeli, a ba beke ezweni labo; nabangaziwayo ba hlanganiswe nabo, ba namatele endhlini ka Jakobe.
2Nabantu ba ya kubatata ba ba lete endaweni yabo; nendhlu ka Israeli i ya kubafuya ezweni lika Jehova, ba be izinceku nezincekukazi; ba benze izigqili aba be izigqili zabo; ba buse pezu kwababahlupayo.
3Ko ti ngosuku e ni ya kupumuzwa ngalo ezinhlupekweni zenu nguJehova, na sekwesabeni kwenu na sebugqilini benu obulukuni e be ni sindezelwa ngabo.
4Ni ya kuitatela inkosi ya seBabulona no ku tyo ni ti, Wa pela umhlupi! Wa pela umuzi wegolide!
5uJehova u lwapulile udondolo lwababi nentonga yababusi.
6Yena o wa tyaya ngolaka abantu ngokutyaya okungakaukiyo, yena owa busa izizwe ngolaka, u hlutyiwe, a ka lanyulelwa muntu.
7Umhlaba wonke u ya pumula, u tule; ba bidhlika ngokuhlabelela.
8Yebo, imiti yamafire i ya jabula ngawe namaSedare a seLebanoni, i ti, i loku wa wiswa wena, akako umgauli o si vukeleyo.
9Isheoli ngapansi si ya nyakazela ngawe ukukuhlangabeza ekuzeni kwako, si vuse abafileyo ngawe, izikulu zonke zomhlaba: si vusile ezihlalweni zobukosi bazo onke amakosi ezizwe.
10Bonke aba kuluma be ti kuwe, nawe u su bu takataka njengati na? U su njengati na?
11Ukuziqenya kwako kwehliselwe esheoli, nomsindo wezingumbu zako; izimpetu zalukele ngapansi kwako, nezimpetu zi ya kusibekela.
12Au ukuwa kwako ezulwini o Lusifa, ndodana yokusa; Au, ukuqunywa kwako pansi, wena o wa u tobisa izizwe!
13Ngokuba u tyilo enhliziyweni yako wa ti, ngi ya kukupukela ezulwini, ngi ya kumisa isihlalo sami sobukosi pezu kwezinkanyezi zika Tixo; Ngi ya kuhlala futi pezu kwentaba yomhlangano, ezinhlangotini zenyakato;
14Ngo kupuka pezu kwamafu ezulu; Ngo ba ngangaye o pezu kwako konke.
15Noko u ya kuletwa pansi esihogweni, emaceleni omgodi.
16Abakubonayo ba ya kukusingasinga ba ku qonde, ba ti, Uye lo o wa tutumelisa umhlaba, no wa zamazamisa imibuso na?
17O wenza umhlaba u be ihlane, no wa bulala imizi yakona; o nga vulanga indhlu yezibotywa.
18Onke amakosi ezizwe, onke, a lele embusweni i leyo endhlini yayo.
19Kodwa wena u ntyingiwe njengegatya elizondekayo, na njengezivato zababuleweyo, be gwazwe ngenkemba behlela emifantini yamatye njengesidumbu si nyatelwe ngezinyawo.
20A ku yi ku hlanganiswa nabo ngokumbelwa, ngokuba u li citile izwe lako, u bulele abantu bako; imbeu yababi a i ku bizwa nakanye.
21Lungisela ukubulawa kwabantwana bake, ngenxa yobubi boyise ukuze ba nga yuki, ba fuye izwe, ba gcwalise izwe ngemizi.
22Ngokuba ngi ya kubavukela, u tyo uJehova wamabandhla, a nqume eBalulona igama, nensali, nendodana nomzukulwane u tyo uJehova.
23Ngi ya kulenza li be indawo yokuhlala onondwebu, namacibi amanzi, ngi li tyanele ngomtyanelo wokububisa, u tyo uJehova wamabandhla.
24uJehova wamabandhla u fungile, e ti, impela njengokucabanga kwami, ku ya kuba njalo, na njengokutyo kwami, ku ya kuba njalo.
25Ukuti, ngi ya kumapula umuntu wa seAsiria ezweni lami, na ngapezu kwezintaba zami ngi m nyatele ngonyawo; njaloke ijokwe lake li ya kumuka kubona, nomtwalo wake u suke emahlombe abo.
26Iko loku e ngi ku cabangele umhlaba wonke; na lesi, si isandhla eseluliweyo pezu kwezizwe zonke.
27Ngokuba uJehova wamabandhla u tyilo, ubani o nga ku pendula na? nesandhla sake seluliwe, ubani o nga si buyisa na?
28Lomtwalo u ngowomnyaka wokufa kuka Ahazi inkosi.
29Ni nga jabuli, nina Palestina nonke, ngokuba intonga yake o ni tyayileyo yapukile; ngokuba empandeni yenyoka ku ya kupuma inyoka, nenzalo yayo i ya kuba inyoka yomlilo endizayo.
30Nowamazibulo wompofu u ya kudhla, nodingayo a lale ngokwetemba; ngi ya kubulala impande yako ngendhlala, naye u ya kubulala insali yako.
31Bubula sango; kala muzi; wena Palestina lonke, wahlukene; ngokuba ku ya kuvela enyakato umusi, a kako o ya kuba yedwa ngesikati sake esimisiweyo.
32Izigijimi zezwe zi ya kupendulwa ngokutini na? ukuba uJehova u misile iZioni, nabampofu babantu bake ba tembe kulona.