1UMTWALO weDamaseku. Bheka umuzi weDamaseku wapuciwe, li ya kuba okudilikileyo.
2Imizi ya seAroeri i balekelwe, i ya kuba e yemihlambi, e ya kulala kona i nge tuswa muntu.
3Inqaba i ya ku pela Efraimi nombuso eDamaseku, nensali ya seSiria i ya kuba njengodumo lwabantwana baka Israeli, u tyo uJehova wamabandhla.
4Ko ti nga lolosuku, ubukulu buka Jakobe bu ya kuncityiswa, nokukulupala kwenyama yake ku ya kuzaca.
5Ku ya kuba njengaloku umvuni u vuna amabele, e vuna izikwebu ngengalo yake; ku ya kuba njengaye o vuna izikwebu esigodini sa seRefaimi.
6Noko insali i ya kusala kona, njengokuzanyazanyiswa komuti weolive, izigaqa ezibili noma ezitatu egatyeni elipezulu kakulu, nezigaqa ezine noma ezihlanu ezingatyeni ezi ngapandhle ezitelayo u tyo uJehova inKosi ya kwa Israeli.
7Ngalolosuku umuntu u ya kubheka umenzi wake, namehlo ake a ya ku m konza o ingcwele ka Israeli.
8A ka i ku bheka kuwo amalati, umsebenzi wezandhla zake, a nga ku naki loko okwenziwe iminwe yake, amahlati nezitombe.
9Ngalolosuku izinqaba zake zi ya kuba izingatya ezideliweyo, nengatya e pezulu, aba i shiyileyo ngenxa yabantwana baka Israeli; ku ya kuba kona incitakalo.
10Ngokuba u i kohlile inKosi yensindiso yako, u nga li kumbulanga itye lamandhla ako, ngako u ya kutyala imiti elungileyo, u tyale amahlumela a ngaziwayo.
11Emini u ya kukulisa umuti wako, nakusasa u ya kuhlumisa imbeu yako, kodwa ekuvuneni ku be ize osukwini lwenhlupeko enzima.
12Wo! eningini labantu abaningi, a benza umsindo o njengomsindo wezilwandhle eziningi; na sekugijimeni kwezizwe, a benza umsindo njengomsindo wamanzi amaningi!
13Izizwe zi ya kugijima njengokugijima kwamanzi amaningi: kodwa uTixo u ya kubakuza, ba ya kubalekela kude, ba xotywe njengotuli lwezintaba ngapambi komoya, na njengento e gingqikayo ngapambi kwesivunguvungu.
14Bheka kusihlwa ku be kona ukuhlupeka a nga biko lapo se ku sile. Nasi isabelo sabo aba sipangayo, naba sebelayo.