1NGALEZOZINSUKU uHezekia wa e gula e pansi kokufa. Umprofeti uIsaya indodana ka Amozi weza kuye, wa kuluma wa ti kuye, uJehova u tyo loku ukuti, Yalela indhlu yako: ngokuba u za kufa, ka u yi kusinda.
2Kona uHezekia wa pendulela ubuso odongeni, wa kuleka kuJehova.
3E ti. O Jehova, ngi ya kuncenga, ma u kumbule, kaloku, ukuhamba kwami pamoi kwako ukuba kwa ku ngeqiniso na ngenhliziyo epeleleyo, ngenze okulungileyo emehlweni ako. uHezekia wa kala nokukala.
4Kona izwi lika Jehova la fika kuIsaya, li ti,
5Hamba, u tyo kuHezekia ukuti, uJehova, uTixo ka Davida uyihlo, u ti, Ngi zwile ukukuleka kwako, ngi bonile izinyembezi zako; bheka, ngi za kwenezela ezinsukwini zako iminyaka e ishumi nesihlanu.
6Ngi ya kusindisa wena kanye na lomuzi esandhleni senkosi ya seAsiria: ngi ya kuuvikela lomuzi.
7Loku ku ya kuba isibonakaliso kuwe esi vela kuJehova, sokuba uJehova u ya kwenza loku a ku tyiloyo.
8Bheka, ngi ya kubuyisela emva isitunzi, e se si dhlulile encwadini yokulinganisa ilanga yika Ahazi, ngezahluko ezi ishumi. Njalo ilanga la buyela ngezahluko ezi ishumi, ilezozahluko e se li dhlulile ngazo.
9Ukuloba kuka Hezekia inkosi ya kwaJuda, lapo e be gulile, wa sinda ekuguleni kwake:
10Nga ti ekunqunyweni kwezinsuku zami ukuti, ngi ya kuya emasangweni etuna: ngamukiwe insali yeminyaka yami.
11Nga ti, a ngi yi kubona uJehova, yena uJehova, ezweni labahambayo: a ngi yi kubona futi umuntu ebantwini abake emhlabeni.
12Ukuhlala kwami ku dhlulile, ku susiwe kimi njengetente lomalusi: Ngi nqumile ukupila kwami njengowalukayo: u ya ku ngi nquma ngokugula okudhlayo: ku tate ekuseni ku ze kuhlwe u ya kungiqeda.
13Kwa za kwa sa, ngi ti, u ya wapula amatambo ami, njengebubesi: ku tate ekuseni ku ze ku hlwe u ya kungiqeda.
14Be ngi kala, njengonowamba nenkwenjane: be ngi lila njengejuba: amehlo ami a pela mandhla ngokubuka pezulu: O Jehova, ngi cindezelwe; ma u ngi size.
15Ngi nga tini na? yena u kulumile kimi, uye u kwenzile: Ngi ya kuhamba kahle yonke iminyaka yami ngobuhlungu benhliziyo yami.
16O Jehova, ukupila ku ngaloku, kuko konke loku ku kona ukupila kwami: njaloke u ya ku ngi sindisa, u ngi pilise.
17Bheka endaweni yokutula ngi be ngi nobuhlungu obukulu: kepa wena ngokuwutanda umpefumlo wami u wu kipile egodini lokububa: ngokuba u lahlile zonke izono zami emva kwako.
18Ngokuba ituna li nge ze la ku bonga, nokufa ku nge ku dumise: abatyona egodini ba nge tembe eqinisweni lako.
19O kona, o kona uyena, o ya kukubonga, njengaloku ngenzayo namhla: uyise u ya kubazisa abantu bake iqiniso lako.
20uJehova wa e lungele ukungisindisa: ngaloko si ya kuhlabelela amagama ami ngezingubu ezi nezintambo endhlini ka Jehova zonke izinsuku zokuhamba kwami.
21Ngokuba uIsaya u be tyilo, ma ba tabate amakiwane, ba wa beka etumbeni, kona u ya kusinda.
22uHezekia wa tyo futi, e ti, Isipi isibonakaliso sokuba ngi ya ku kupuka ngi ye endhlini ka Jehova na?