1KEPA manje yizwa, Jakobe nceku yami; Israeli e ngi ku ketileyo:
2U tyo loku uJehova owa kwenza, nowa ku bumba esiswini, o ya kukusiza, ukuti; U ngesabi, Jakobe, nceku yami; wena, Jeshuruni, e ngi ku ketileyo.
3Ngokuba ngi ya kutela amanzi pezu kwake owomileyo, nesikukulu emhlabatini owomileyo: ngi ya kutela umoya wami pezu kwenzalo yako, nokubusisa kwami pezu kwabantwana bako.
4Ba ya kuhluma pakati kohlaza, njegeminyezane nga semfuleni.
5Omunye u ya kuti, ngi ngoka Jehova; nomunye u ya kuzityo igama lika Jakobe: nomunye a zityo ngokuloba ukuti u ngoka Jehova, nomunye u ya kuzityo u ngowohlanga lu ka Israeli.
6U tyo loku uJehova inkosi ka Israeli, nomhlengi wake, uJehova wamabandhla, ukuti; ngi ngowokuqala, nowokupela; a kuko naTixo ngapandhle kwami.
7Ubani o nga biza, njengami, a ku tyo, a ngi hlelele, loku nga misa abantu bendulo na? loku okuzayo, noku ya kuza, ma ba ku bonakalise kubo.
8Ni ngesabi, ni nga bi naluvalo: a ngi ku tyelanga ini ngalesosikati, nga memezela ngako na? nina ni ngofakazi bami. Ku kona ini uTixo omunye ngapandhle kwami? ca, a kako: a ngi mazi namunye.
9Abenza izitombe ezibaziweyo ba ize bonke; nezinto zabo ezitandekayo a zi nakusiza zi ya zifakazela zona; a zi boni, a zi nakwazi; ukuze ba be namahloni.
10Ubani o senzile isitixo, nokuba isitombe esincibilikisiweyo noma esibaziweyo, esi nge nakusiza ngaluto na?
11Bheka, bonke aba kanye naye ba ya kuba namahloni: nezisebenzi, zi ngabantu: ma ba butelwa ndawonye be me: ba ya kwesaba, ba jabe kanye.
12Umkandi u ya sebenza emalahleni ngodhlau, a ku lungisa ngesando, a sebenze ngamandhla ezingalo zake: yebo, u lambile, a pela amandhla ake: ka puzi manzi, a pela amandhla.
13Umbazi u yelula intambo yake; a u dweba ngentambo: a u lungisa ngezibazo, a u linganisa ngokompasi, a wenze umfanekiso womuntu njengobuhle bomuntu; ukuba u hlale endhlini.
14U ya zigaulela imikoba, a tate irimoni nomkoba, a yenza i be namandhla ngokwake pakati kwemiti yehlati: u ya tyala ioreni, imvula i londhle.
15Kona li ya kuba iko umuntu u ya kubasa ngako: ngokuba u ya kuteza kulo, a wote; yebo, u ya basa ngalo, a peke isinkwa; yebo a senze isitixo, a si dumise; a senze isitombe esibaziweyo ngalo a zikotamele nga kuso.
16A tyise ucezu lwalo ngomlilo; na ngocezu lwalo a dhle inyama; ose nokosa a sute: yebo, u ya zifudumeza a ti, Ehe, se ngi fudumele, ngi bonile umlilo.
17Nensali yalo u yenza i be isitixo, isitombe esibaziweyo sake: a kotamele kuso, a si dumise, a kuleke kuso, a ti, Ngi sindise; ngokuba u isitixo sami.
18A ba zanga, a ba qondanga: ngokuba u valile amehlo abo, ukuba ba nga boni; nezinhliziyo zabo ukuba ba nga qondi.
19A muko namunye o qonda enhliziyweni yake, a ku nakwazi; nakuqonda kokuti, ngi tyisile ucezu lwalo emlilweni; yebo, ngi pekile isinkwa emalahleni alo; ngosile inyama, ngi dhlile: imbala ngi nga tata insali yabo ngenze okuzondekile ngayo na? ngi nga kotamela okwomuti na?
20U ya dhla imilota; inhliziyo ekohlisiweyo i ni dukisile, ukuba a ka nako ukusindisa umpefumlo wake, nokuti, A ku ko ini amanga esandhleni sami sokunene na?
21Kumbula lezizinto, Jakobe, wena Israeli; ngokuba wena u inceku yami: ngi kwenzile; u inceku yami: O Israeli, a u yi kukohlwa imi.
22Ngi sulile izeduko zako zesuke, njengefu elikulu, nezono zako, njengefu: Buyela kimi; ngokuba ngi ku hlengile.
23Hlabelelani, mazulu; ngokuba uJehova u kwenzile: hubani nina zindawo zomhlaba ezipansi: tatelani ni hlabelele nina zintaba, nawe hlati, nemiti yonke e pakati kwako: ngokuba uTixo u hlengile uJakobe, wa zidumisa ngoIsraeli.
24U tyo loku uJehova, umhlengi wako, yena owa ku bumba esiswini, ngi nguJehova o kwenza konke: oweneka izulu yedwa; oweneka umhlaba ngokwake;
25O cita izibonakaliso zabaqamba manga, o zenza izanusi zi hlanye; o buyisa emva abahlakanipileyo, enze ukwazi kwabo ku be ubuula;
26O qinisa izwi lenceku yake, a feze izwi lezitunywa zake o tyoyo kulo iJerusalema ukuti, U ya kuba nabantu; na kuyo imizi ya kwaJuda, ni ya kwakiwa, ngi ya kuvusa okucitekileyo kwa kona:
27O tyoyo emanzini amaningi, Yityo, nokuti ngi ya kutyisa imifula:
28O tyo ngoKurosi, U ngumalusi wami, u ya kwenza konke okwentando yami, e ti kulo iJerusalema, U ya kwakiwa; na kulo itempeli, Ku ya kubekwa isisekelo sako.