1LALELANI mina, nina ziqingi: ni lalele, nina bantu, ba kude: uJehova u ngi bizile esizalweni; wa pata negama lami ngi sematunjini ka na me.
2Nomlomo wami wa wenza wa njengenkemba ebukali; wa ngi tukusa esitunzini sesandhla sake, wa ngenza umcibityelo o kanyisiweyo; wa ngi tukusa eikeni lake;
3Wa ti kimi, Ngi inceku yake, mina Israeli, a ya kudunyiswa ngayo.
4Nga se ngi ti mina, nga sebenzela ize, amandhla ami ngi wa citile ngeze: noko ukwahlulela kwami ku kuJehova impela, nomsebenzi wami u kuTixo wami.
5Manjeke, u ti uJehova owa ngenza na sesizalweni ngi be inceku yake, yokubuyisela uJakobe kuyena futi, Noma uIsraeli e nga butene, mina ngi ya kudumiseka emehlweni kaJehova, noTixo wami a be ngamandhla ami.
6Wa ti yena, Ku into elula ukuba u be inceku yami yokuvusa isizwe sa kwaJakobe, nokubuyisela abaseleyo ba kwaIsraeli; ku nika futi u be ukukanya kwabezizwe, u ze u be ukusindisa kwami na sekugcineni komhlaba.
7U tyo loku uJehova umkululi ka Israeli no ingcwele wake, kuye o zondwa umuntu, na kuye o zondwa izwe, kuyo inceku yababusi, Amakosi a ya kubona a vuke, namakosana a ya kudumisa, ngenxa ka Jehova omayo njalo, no ingcwele ka Israeli, naye a kete wena.
8U tyo loku uJehova, nga ku zwa ngesikati esifaneleyo nga ku siza na ngosuku lwensindiso: ngo ku londoloza, ngi ku nike u be isivumelwano kubantu, ukukulisa umhlaba, nokubenzela ifa aba zindhlu zi citekile;
9Ukuze u tyo kwaba izibotywa, ukuti, Pumani; na kwaba sebumnyameni, Zi vezeni. Ba ya kudhla emigwaqweni, namadhlelo abo a be sezindaweni ezipakemeyo.
10A ba yi ku lamba bome; ba nga bulawa ukufudumala nelanga: ngokuba yena o nomusa kubona wo ba hola, a ba holele na semitonjeni yamanzi.
11Ngenze zonke izintaba zami zi be indhlela, nemigwaqo yami i pakame.
12Bheka, laba ba ya kuvela kude; yebo, ngasenyakato na ngasentyonalanga; na laba ezweni la seSinimi.
13Hlabelelani, nina mazulu; u jabule, nawe mhlaba; ni pumisele ngezihlabelelo, nina zintaba; ngokuba uJehova u ba duduzile abantu bake, a be nomusa kwabahlupekileyo bake.
14Kodwa iZioni la ti uJehova u ngi delile mina noJehova wami u ngi kohlile mina.
15Owesifazana a nga m kohla ini umntwana wake o ncelayo na, a nga i dabukeli nendodana yenzalo yake na? yebo, ba nga kohla bona, kodwa mina ngi nge ni kohlwe nina.
16Bheka, ngi ku lobile ezitendeni zezandhla zami; izindonga zako zi pambi kwami njalo.
17Abantwana bako ba ya kutyetya; ababulali bako, nabo aba ku citileyo ba ya kukupumela.
18Lulamisa amehlo ako, u bheke: bonke laba ba ya butana, ba fike kuwe. U tyo uJehova, ngokupila kwami impela u ya ku zi gqokisa kubo bonke, njengesivunulo, u ba bope kuwena, njengomlobokazi.
19Ngokuba izindawo zako ezicitekileyo nezwe lencitakalo yako, i ya kuba ingcingwana ngenxa yabantu, nabo aba ku gwinyayo ba ya kuba kude kakulu.
20Abantwana o ya ku ba zala, se be file abanye, ba ya kutyo futi ezindhlebeni zako be ti, Lendawo i ngi nyinyile: ngi nika indawo ukuba ngi hlale kona.
21U tyoke wena enhliziyweni yako u ti, Ubani o ngi zalele laba, njengaloku ngi lahlekelwa abami abantwana, ngi hlezinje, ngi isibotywa, ngi zulazula njalo? ubani o zele laba na? Bheka, nga ngi sele ngedwa; laba, ba bepi bona na?
22U tyo loku uJehova uTixo, Bheka, ngo pakamisa isandhla sami kwabezizwe, ngi mise isimiso sami kubantu: ba lete amadodana ako emikonweni yabo, namadodakazi abo a twalwe emahlombe abo.
23Namakosi a be abondhli bako, namakosikazi abo a be abondhli bako: ba ya kukukotamela ngobuso emhlabatini, ba kote notuli lwezinyawo zako; nawe wazi ukuba ngi nguJehova; ngokuba a ba i ku jaba aba ngi hlalelayo.
24Impango i ya kususwa kwabanamandhla na, nesibotywa esonileyo si kululwe na?
25Kodwa u tyo loku uJehova, Nezibotywa zabakulu zi ya kususwa, nempango yabasabekayo i nikelwe; ngokuba mina ngo ku lwa naye olwayo nawe, ngi sindise abantwana bako.
26Ngi dhlise bona abakuhlupayo ngenyama yabo; ba dakwe igazi labo, njengewaini elitya: nabo bonke ngi bazise ukuba mina Jehova ngi ngumsindisi wako nomkululi wako, o namandhla ka Jakobe.