1MINANI, nina abacebileyo, kalani, ni lile, ngenxa yezinhlupeko eni ya kwehlelwa izo.
2Ingcebo yenu i bolile, izingubo zenu zi dhliwa izinyundu.
3Ku gwalile igolide nesiliva lenu; ukugwala kwalo ku ya kuba ufakazi, ku ni lahle; ku ya kudhla inyama yenu, kungati ku umlilo. Ingcebo ni i qongelela izinsuku zokupela.
4Bheka, umvuzo wezisebenzi ezi vunileyo amasimu enu, eni u godhlileyo ngobuqili, u ya kala; ukukala kwezivunileyo ku ngenile ezindhlebeni zeNkosi yamabandhla.
5Ni zi kukumezile emhlabeni, ni busile; ni zi nonisile izinhliziyo zenu, kungati ku usuku lokuhlaba.
6Ni m lahlile; ni m bulele olungileyo; a ka ni vukeli.
7Bekezelani, bazalwane i ze i fike iNkosi. Bheka, otyalayo u ya hlalela isitelo esihle zomhlabti; e si beka kade, ku ze ku fike imvula yokuqala neyokupela.
8Nani a ni bekezele, ni qinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi ku sondele.
9Ni nga solani, bazalwane, funa ni lahlwe. Nangu, Mahleli e mi nga semnyango.
10Bazalwane bami, ngokuhlupeka na ngokubekezela ba lingiseni abaprofeti abashumayelayo ngegama leNkosi.
11Bheka, si ti, ba busisiwe abakutazelayo. Ni zwile ngokukutazela kuka Jobe; ni bonile ukugcina kweNkosi, ukuti, iNkosi i nobubele obukulu, i nesihau.
12Kepa, bazalwane bami, ku nako konke loku, a ni nga fungi, ni nga fungi izulu, nomhlaba, nesinye isifungo; kodwa uyebo wenu a ka be uyebo; uca wenu a ka be uca; funa nehlelwe ukulahlwa.
13Ku kona ohlupekayo pakati kwenu na? a ka kuleke. Ku kona owenamileyo na? a ka zi hlabelele izihlabelelo.
14Ku kona ogulayo pakati kwenu na? a ka bize amalunga ebandhla; a m kulekele, a m gcobe ngamafuta ngegama leNkosi.
15Ukukuleka oku ngokukolwa ku ya kumsindisa ogulayo; iNkosi i ya kumvusa; noma enzile izono u ya kutetelelwa zona.
16Vumani izono zenu, omunye komunye, ni kulekelane, ukuze ni sindiswe. Ku namandhla ukukuleka kolungileyo oqinisayo.
17uElija wa e ngumuntu o njengati ngokudabuka; wa kuleka nokukuleka ukuba li nga ni; a li nanga emhlabeni ngeminyaka emitatu nezinyanga ezi isitupa.
18Wa buya wa kuleka; la na izulu, umhlabati wa tela izitelo zawo.
19Bazalwane, uma umuntu wa kini eduka eqinisweni, omunye a m buyise,
20A kazi ukuti, obuyisayo isoni ekwedukeni kwendhlela yaso, u ya kusindisa umpefumlo, a sibekele izono eziningi.