1WA vuka ekuseni uJerubali, o nguGideoni, nabantu bonke aba be naye, ba misa ngaseEnharodi; ikamu lamaMidiani la li ngasenyakato kwake, ngasentabeni ka Mora, esihlanjeni.
2uJehova wa ti kuGideoni, Ba ningi abantu aba nawe ukuba ngi wa nikele amaMidiani esandhleni sabo, funa abakaIsraeli ba zigabise kimi, be ti, Isandhla sami si ngi sindisile.
3Ngako memezake ezinhlebeni zabantu, u ti, Lowo o sabayo e novalo, ka buye, amuke entabeni yeGiladi. Kwa buya abantu aba izinkulungwane ezimashumi amabili; kwa sala aba izinkulungwane ezi ishumi.
4uJehova wa ti kuGideoni, Abantu ba se baningi; behlisele ngasemanzini, ngo ku lingela bona kona; a ku ti, lowo engi ya kutyo ngaye kuwe ukuti, Lo u ya kuhamba nawe, yena wo hamba nawe; na lowo engi ya kutyo ngaye kuwe ukuti, Lo ka yi kuhamba nawe, yena ka nga hambi.
5Wa behlisela ngasemanzini; uJehova wa ti kuGideoni, Bonke aba xapa amanzi ngolimi njengokuxapa kwenja, ba beke bodwa; nabo bonke aba guqa ngamadolo ukuba ba puze.
6Ukuma kwabaxapayo, be beka isandhla emlonyeni, kwa ku ngabantu amakulu amatatu; bonke abanye abantu ba guqa ngamadolo ukuba ba puze amanzi.
7uJehova wa ti kuGideoni, Ngalababantu abamakulu amatatu, ngi ya kukusindisa, ngi wa nikele amaMidiani esandhleni sako, ma ba hambe bonke abanye abantu, ku be ilowo a ye endaweni yake.
8Besuka ba pata umpako wabantu esandhleni sabo, namatilongo; bonke abanye abantu baka Israeli wa ba buyisela kwa ba ilowo kutente wake, kwa sala labobantu abamakulu amatatu. Ikamu lamaMidiani la li ngasenzansi kwake esihlanjeni.
9Kwa ti ngalobobusuku, uJehova wa ti kuye, Suka, wehle u ye ekamu, ngokuba ngi li nikile esandhleni sako.
10Kepa uma wesaba ukwehla, yehla wena noFura inceku yako, ni ye ekamu.
11U ya kuzwa aba ku tyoyo; kona izandhla zako zi ya kuqiniswa, ukuba wehlele ekamu. We suka wehla yena, noFura inceku yake, wa ya ecaleni kwabahlomileyo aba ngasekamu.
12AmaMidiani, namaAmaleki, nabo bonke aba sempumalanga, ba be hlezi kona esihlanjeni njengesikonyane ngobuningi, amakamelo abo a e nge nakubalwa, e njengesihlabati esi sogwini lolwandhle ngobuningi.
13Ngokufika kwake uGideoni, bheka, umuntu wa e landa ipupo kowazana naye, wa ti, Bheka, nga pupa ipupo; bheka isinkwana sebarle sa gingqikela ekamu lamaMidiani, sa fika kutente, sa m tyaya wa za wa wa, sa m gumbuqela, wa za wa lala pansi utente.
14Owazana naye wa pendula wa ti, Loku a ku sinto, kupela inkemba ka Gideoni indodana ka Joashi, umuntu ka Israeli; uTixo u nikele esandhleni sake amaMidiani nekamu lonke.
15Kwa ti, uGideoni e sezwa ukulandwa kwepupo nokucasiselwa kwalo, wa kuleka, wesuka wa buyela ekamu lika Israeli, wa ti, Sukani ngokuba uJehova u nikele esandhleni senu ikamu lamaMidiani.
16Wa bahlukanisa labobantu abamakulu amatatu wa benza izigaba ezitatu, wa ba nika kwa ba ilowo itilongo esandhleni sake, nesitya esize, nobaqa lu sesityeni.
17Wa ti kubo, Bhekani kimi, nenze njalo, bhekani, nxa ngi fika ecaleni kwekamu, ko ti, njengaloku ngenza, a no kwenza njalo.
18Nxa ngi tyaya itilongo, mina nabo bonke aba nami, a no tyaya itilongo nani inxa zonke zekamu, ni ti, Inkemba ka Jehova neka Gideoni.
19uGideoni nabantu aba ikulu aba be naye ba fika ecaleni kwekamu ekuqaleni komlindo o pakati kobusuku, abalindi ba be sa qedukubekwa; ba tyaya amatilongo, ba zapula izitya aba zi patayo.
20Abezigaba ezintatu ba tyaya amatilongo bapula izitya, ba pata izimbaqa ngezandhla zokohlo, namatilongo ngezandhla zokunene, ukuba ba wa tyaye, ba memeza ba ti, Inkemba ka Jehova neka Gideoni.
21Bema kwa ba ilowo endaweni yake, be haqa ikamu; bonke aba sekamu ba gijima, ba kala, ba baleka.
22Kepa labobantu abamakulu amatatu ba tyaya amatilongo, uJehova wa benza ukuba ba gwazana ngenkemba kulo lonke ikamu; ikamu la baleka la za la fika eBetshita ngase Zerera ku ze ku fike ecaleni leAbelmehola, ngaseTabati.
23Abantu baka Israeli ba butana, aba kwaNaftali, naba kwaAsheri, nabo bonke ba kwaManasa, ba wa xotya amaMidiani.
24uGideoni wa tuma izigijimi entabeni yonke ya kwaEfraimi, wa ti, Yehlani ni ze kumaMidiani, ni ba vimbele emanzini a pambi kwabo ku zo ku fike eBetabara, neJordani. Bonke abakwa Efraimi ba butana, ba vimbela amanzi ku ze ku fike eBetabara neJordani.
25Ba bamba izikulu ezibili zamaMidiani, uOrebi noZebi; ba m bulala uOrebi edwaleni lika Orebi; ba m bulala uZebi esikamweni sevini sika Zebi, ba xotya amaMidiani; ba leta inhloko ka Orebi neka Zebi kuGideoni be buya nazo pesheya kweJordani.