1IZWI lika Jehova la fika kimi li ti,
2U nga tabati umfazi, u nga bi namadodana namadodakazi ku lendawo.
3Ngokuba u tyo uJehova ngamadodana na ngamadodakazi a zalwa ku lendawo, na ngonina aba wa beletayo, na ngoyise aba wa zalayo ku lendawo,
4U ti, Ba ya kufa ngezifo ngezifo; a ba yi kulilelwa, a ba yi kumbelwa; ba ya kuba njengomquba emhlabatini; ba ya kuqedwa inkemba nendhlala; izidumbu zabo zi ya kuba ukudhla kwezinyoni zomkati nokwezilo zomhlaba.
5Ngokuba u tyo uJehova, u ti, U nga ngeni endhlini yesililo, u nga yi ukubalilela, u nga ba haukeli; ngokuba ngi bamukile lababantu ukutula kwami, u tyo uJehova, ubunene nomusa.
6Ba ya kufa nabakulu nabancinyane; a ba yi kumbelwa, a ba yi kulilelwa; ba nga zisiki ba nga puci izinwele ngabo.
7A ba yi kubahlepulela isinkwa esililweni ukuba ba ba dabukela ngenxa yabatileyo; a ba yi kubanika isitya sokududuza ba puze, ngenxa ya oyise nonina.
8U nga ngeni endhlini yesidhlo ukuba u hlale nabo ukupuza nokudhla.
9Ngokuba u tyo uJehova wamabandhla, uTixo kaIsraeli, u ti, Bheka, ngi ya kutulisa kulendawo, na semehlweni enu, na ngezinsuku zenu, izwi lokwenama, nezwi lokutokoza, izwi lomyeni nezwi lomlobokazi.
10Ku za kuti, nxa u ba tyela lababantu lawamazwi onke, ba ti kuwe, U tyoleni uJehova loku okubi konke okukulu ngati? ku ini ukushinga kwetu? ku ini ukona kwetu esonile kuJehova uTixo wetu ngako?
11Kona yityo kubo u ti, Ku ngokuba oyihlo benu be ngi lahlile, u tyo uJehova, ba landela abanye otixo, ba ba konza, ba kuleka kubo, ba ngi lahla, a ba gcinanga umteto wami;
12Nenzile okubi kakulu ku noyihlo benu, loku ku ilowo kini u hamba ngobulukuni benhliziyo embi yake, ukuba a nga ngi laleli.
13Ngako ngi ya kunikipa ku lelizwe, ni ye ezweni eni nga laziyo, nina noyihlo benu, ni konze kona abanye otixo ngemini na ngobusuku, ngokuba ngi nga yi kunihaukela.
14Ngako, bheka, ku yeza izinsuku, u tyo uJehova, oku nga yi kutyiwo ngazo ukuti, uJehova u ya pila, owenyusa abantwana ba ka Israeli ezweni la sEgipite;
15Kodwa ku ya kutyiwo ukuti, uJehova u ya pila, owenyusa abantwana ezweni la senyakato na samazweni onke a ba xotyele kuwo; ngi ya kubabuyisela ezweni lakubo, enga ba nika lona oyise babo.
16Bheka, ngi ya kutuma ngi bize abalobi abaningi, u tyo uJehova; ba ya kubaloba; ngasemva ngi ya kutuma ngi bize amapisi amaningi, a ya kubazingela ezintabeni zonke, na semagqumeni onke, na semifanteni yamatye.
17Amehlo ami a bheka izindhlela zonke zabo, a ba sitele kimi, nokona kwabo a ku fihleki emehlweni ami.
18Kuqala ngi ya kubavuza kabili ukushinga kwabo, nokona kwabo, ngokuba be lonile izwe lami ngezidumbu zezinto zabo ezizondekayo, ba gcwalisa ifa lami ngezinto zabo ezinengekayo.
19E Jehova, mandhla ami, nqaba yami, Nkosi yami yokupepela ngosuku losizi; abezizwe ba kufika kuwe be vela ekugcineni komhlaba, ba ti, Obaba betu ba dhlile ifa lamacebo odwa, noku ize, nokungasiziyo.
20Umuntu a nga zenzela ini otixo, a ba nge sibo otixo?
21Ngako, bheka, ngi ya bazisa nga lesisikati, ngi ya bazisa isandhla sami namandhla ami, ba ya kwazi ukuti, igama li nguJehova.