1IZWI ela fika kuJeremia li vela kuJehova, li ti,
2Suka, wehle u ye endhlini yombumbi; ngi ya ku kuzwisa kona amazwi ami.
3Nga se ngehla nga ya endhlini yombumbi, bheka wa sebenza umsebenzi etyeni.
4Isitya a senzayo ngebumba sonakala esandhleni sombumbi; wa buya wenza ngaso esinye isitya njengokubona kombumbi ukuba a senze.
5Izwi lika Jehova la fika kimi li ti,
6Ngi ngenze ini kini njenga lombumbi, ndhlu ka Israeli? u tyo uJehova, Bheka, njengebumba li sesandhleni sombumbi ni njalo nani esandhleni sami, ndhlu ka Israeli.
7Ngesinye isikati ngi kuluma ngesizwe na ngombuso ukusibidhliza nokusicita nokusiqeda;
8Kepa uma lesosizwe, engi kulumile ngaso, si guquka kuko okubi kwaso, ngi ya kupenduka kuko okubi enga ti ngi za kwenza kuso.
9Na ngesinye isikati ngi kuluma ngesizwe na ngombuso ukusaka nokusityala.
10Kepa uma senza okubi emehlweni ami, si nga laleli izwi lami, kona ngi ya ku penduka kuko okuhle enga ti ngi ya kusibusisa ngako.
11Kaloku yityo kubantu ba kwaJuda na kwabakileyo eJerusalema, u ti, U tyo uJehova, u ti, Bheka, ngi nenzela okubi, ngi ni cebela icebo; guqukani, ku be ilowo ekuhambeni kwake okubi, ni lungise ukuhamba kwenu nemisebezi yenu.
12Kodwa ba ya kuti, Ku ize; si ya kuhamba ngamacebo etu, senze ku be ilowo njengobulukuni benhliziyo embi yake.
13Ngako u tyo uJehova, u ti, Buzani kwabezizwe, ubani o zwile okunje na? Intombi ka Israeli yenzile into esabekayo kakulu.
14Iqwa la seLebanoni li ya pela ini etyeni la sendhle? amanzi a namandhla, abandayo, a gijimayo a ya tya na?
15Loku abantu bami be kohliwe imi, ba tyisela oku ize impepo; ba ba kubekisa ekuhambeni kwabo, ezindhleleni zendulo, ba hamba ngezindhlela zomendo o ngembiwanga,
16Ba cita izwe labo, li hlekwe usulu njalonjalo? bonke aba dhlula kulo ba ya kumangala, ba nqakuza amakanda.
17Njengomoya wa sempumalanga ngi ya kubahlakaza pambi kwezita zabo; ngi ya kubafulatela ngi nga bhekani nabo ngosuku losizi lwabo.
18Ba se be ti, Wozani, a si m cebele uJeremia amacebo, ngokuba umteto a u yi kupela kumpristi, nokuyala kubo abahlakanipileyo, nezwi kumprofeti.
19Ngi zwe, Jehova, u lalele izwi laba pikisana nami.
20Okuhle ku ya kupindiselwa ngokubi na? ngokuba ba u mbela umpefumlo wami umgodi; kumbula ukuma kwami pambi kwako ukuba ngi ba kulumela okuhle, ngi buyise ulaka lwako kubo.
21Ngako ba nikele abantwana babo kuyo indhlala, u ba nikele emandhleni enkemba; abafazi babo a ba felwe abantwana, ba felwe na amadoda; amadoda abo a bulawe ngokufa, izinsizwa zabo zi bulawe ngenkemba ekulweni.
22A ku zwakale ukukala ezindhlini zabo nxa u ba zuma ngempi; ngokuba be ngi mbele umgodi ukuba ba ngi bambe, ba tiya izinyawo zami.
23Kepa, wena Jehova, u yazi ukuceba kwabo konke kokungibulala; u nga ba teteleli okubi kwabo, u nga hlanguli pambi kwako ukona kwabo; a ba citeke pambi kwako, u ba vukele ngesikati solaka lwako.