1IZWI lika Jehova la buya leza kimi li ti,
2Hamba, u memeze ezindhlebeni zeJerusalema, u ti, U tyo uJehova, u ti, Ngi ya ku kumbula, ubunene bobutya bako, utando lokwendiswa kwako, ukungilandela kwako ehlane, ezweni eli nga linywayo.
3uIsraeli u ingcwele kuJehova, ulibo lwezitelo zake; bonke aba m dhlayo ba yona; ba ya kwehlelwa usizi, u tyo uJehova.
4Yizwani izwi lika Jehova, Ndhlu ka Jakobe, nemideni yonke yendhlu ka Israeli.
5U tyo uJehova u ti, Oyihlo ba fumene icala lini kimi, ukuba besuke kude nami, ba landele ubuula, ba pupuzele?
6Aba tyongo ukuti, Upi uJehova, owa si kupula ezweni la sEgipite, owa si hola ehlane, ezweni lezingwadule nemigodi, ezweni lokomisa neletunzi lokufa, ezweni eli nga hanjwa muntu, eli ngakiwa muntu?
7Nga ni ngenisa ezweni eli vundileyo, ukuba ni dhle izitelo zalo, nobuhle balo; kepa na ngena na lona izwe lami, nenza ifa lami li nengeke.
8Abapristi a ba tyongo ukuti, Upi uJehova? nabapata umteto ba be nga ngazi; nabalusi ba ngi hlubuka, nabaprofeti ba profeta ngoBali; ba ku landela oku nge nakusiza.
9Ngako ngi ya kupikisana nani, u tyo uJehova, ngi ya kupikisana nabantwana babantwana benu.
10Welani ni ye emazweni a seKitimi, ni bone; ni tume eKedari, ni qonde kahle, ni bone ukuba ya ke ya ba kona into enje na?
11Isizwe sa ke sa pendula otixo ini; nabo be ngesibo otixo; kepa abantu bami ba pendulile udumo lwabo lu be into e nga siziyo.
12Mangalani iloko, mazulu! ni tutumele, netuke, u tyo uJehova.
13Ngokuba abantu bami benzile izinto ezimbi ezimbili; ba ngi delile mina umtombo wamanzi a pilayo, ukuba ba zimbele imitombo, imitombo evuzayo, a nge hlale kuyo amanzi.
14uIsraeli u isigqili ini? u iso esa zalwa ekaya na? u tunjelwani na?
15Izingonyama zi ya m konyela, zi bodhle; za cita izwe lake; imizi yake i tyile, ku nge ko owakileyo kuyo.
16Abantwana ba seNofi, na ba seTahapanesi ba ya kudhlela okakayini lwako.
17Ukumdela kwako uJehova, uTixo wako, a ku kwenzelanga loku na? e sa ku hola endhleleni.
18Kaloku u nomsebenzi muni endhleleni e ya Egipite, ukuba u puze amanzi a seSihori? u nomsebenzi muni endhleleni e ya eAsiria, ukuba u puze amanzi omfula?
19Ukona kwako ko ku luleka, nokuhlubuka kwako ko ku jezisa, ukuba wazi, u bone ukuti, ku into embi nebabayo ukumdela kwako uJehova uTixo wako, nokuti ukungesaba a ku ko kuwe, i tyo iNkosi uJehova wamabandhla.
20Ngokuba, kade, wapulile ijokwe lako, u gqabulile izibopo zako, u tyilo wa ti, A ngi yi kukonza; ezintabeni zonke ezinde, na pansi kwemiti yonke eluhlaza, u ya cambalalisa okwesifebe.
21Nga ku tyala ivini elihle, imbeu elungileyo yodwa; yeka! u pendukile, u igatya elibi kimi, levini lezizwe!
22Noma u geza ngeniteri, u zitabatele insipo eningi, ukona kwako ku lotyiwe pambi kwami, i tyo iNkosi uJehova.
23U nga tyo kanjani ukuti, A ngi ngcolile, a ngi ba landelanga oBali. Bona indhlela yako esihlanjeni, wazi o kwenzileyo; ikamelo lensikazi, eli nejubane li vanganisa izindhlela zalo;
24Imbongolo ya sendhle, i jwayela ehlane. Ekukanukeni kwenhliziyo yayo i ya sezela umoya; ubani o nga ku vimbela? ukusondela kwayo bonke aba i funayo a ba dinwa; ngenyanga yayo ba ya kuifumana?
25Linda unyawo lwako, funa lu nga bi nasicatulo, nompimbo wako, u ngomi; kepa u ti, Ku ize! Qa! ngi ya tanda abezizwe, ngi ya kubalandela.
26Njengesela li jabile nxa li funyanwa, ku njalo i jabile indhlu ka Israeli; bona, namakosi abo, nezinduna zabo, nabapristi babo, nabaprofeti babo;
27Aba ti emtini, Wena u ngubaba wetu; na setyeni, Wena u ngi zele. Ba ngi fulatela, be nga ngi bheki; kepa ngesikati sokuhlupeka kwabo ba ti, Suka, u si sindise.
28Bapi otixo bako, o zenzela bona? ma ba suke beze, uma be nga ku sindisa ngesikati sokuhlupeka kwako; ngokuba njengobuningi bemizi yako, ba ngako notixo bako, Juda.
29Ni pikisanelani nami? nina nonke nonile kimi, u tyo uJehova.
30Ngi ba tyayile abantwana benu, kepa ku ize; ukululeka a ba kwamkelanga; inkemba yenu i ba dhlile abaprofeti benu njengengonyama e citayo.
31Nina sizukulwanendini! bhekani izwi lika Jehova; be ngi ihlane kuIsraeli na? nokuba be ngi izwe lobumnyama? ba tyoloni abantu bami, Si yeduka, a si yi kubuya si ze kuwe?
32Intombi i nga kohlwa izivunulo zayo na? nomlobokazi isibopo sake na? kepa abantu bami ba kohliwe imi izinsuku ezi nge nakubalwa.
33Yeka! u ya lungisa indhlela yako ukufuna utando; ku njalo u fundisile nezindhlela zako okubi.
34Na sezingutyeni zako ku funyenwe igazi labantu abampofu aba nge nacala; a ngi tyo ngi li fumene endaweni yokupanga, kodwa ku laba bonke.
35Kepa u ti, A ngi nacala, nempela ulaka lwake lu bohlile kimi; Bheka, ngi ya kupikisana nawe ngokutyo kwako ukuti; A ngonanga.
36U hambelani kangaka ngezindhlela eziningi? u ya kujabiswa iEgipite njengokuba u jabisiwe iAsiria.
37Na lapo u ya kupuma; izandhla zako zi pezu kwekanda lako, ngokuba uJehova e dela itemba lako, a u yi kuba nenhlanhla kulo.