1U TYO uJehova, u ti, Yehla u ye endhlini yenkosi ya kwaJuda, u tyo kona lelizwi,
2U ti. Yizwa izwi lika Jehova, nkosi ya kwaJuda, o hlala esihlalweni sika Davida, wena, nezinceku zako, nabantu bako aba ngena ngalawamasango.
3U tyo uJehova, u ti, Busani ngomteto na ngokulunga, ni kipe opangiweyo esandhleni sohlupayo, ni ngoni abezizwe, nezintandane, nabafelokazi, ni nga ba hlupi, ni nga citi ku lendawo igazi laba nge nacala.
4Ngokuba uma nenza loku impela kona ku ya kungena ngamasango a lendhlu amakosi e m hlalela uDavida esihlalweni sake, e hamba ngezinqola na ngamahashi, yona nezinceku zayo nabantu bayo.
5Kepa uma ni ngezwa lawamazwi, ngi ya zifunga, u tyo uJehova, lendhlu i ya kuciteka.
6Ngokuba, u tyo uJehova ngendhlu yenkosi ya kwaJuda, u ti, U iGiladi kimina, inhloko yeLebanoni; impela ngi ya kukwenza u be ugwadule, imizi e ngakiwa muntu.
7Ngi ya kukumisela abacitayo, ku be ilowo a be nezikali zake; ba ya kugaula amasedare ako amahle, ba wa ponse emlilweni.
8Izizwe eziningi zi ya kudhlula ku lomuzi, ba ya kukuluma bodwa be ti, uJehova wenzeleni okunje ku lomuzi omkulu?
9Ba ya kuti, Ngokuba ba lahla isivumelwano sika Jehova, uTixo wabo, ba dumisa abanye otixo, ba ba konza.
10Ni nga m kaleli ofileyo, ni nga lili ngaye; kalelani, kalelani omukayo; ngokuba e nga sa yi kubuya; ka sa yi kubona izwe lokuzalwa kwake.
11Ngokuba u tyo uJehova ngaye uShalumi, indodana ka Josia, inkosi ya kwaJuda, owa busa esikundhleni sika yise, owemuka ku lendawo, u ti, Ka sa yi kubuyela kuyo.
12U ya kufa endaweni aba m yisile kuyo, e tunjiwe, ka sa yi kubona lelizwe,
13Nako kuyena owakayo indhlu yake ngokungalungi, nezindhlu zake ezipezulu ngokona; o sebenzisa owakelene naye ngeze, e nga m kokeli ngomsebenzi wake;
14U ti ngi ya kuzakela indhlu enkulu, nezindhlu ezipezulu ezinkulu; u zenzela izibuko; u i nameka ngesedare, u i kata ngokubomvu.
15U ya kuba inkosi ini, ngokuba u sebenza ngesedare? uyihlo ka dhlanga wa puza ini, wa busa ngomteto na ngokulunga? kona kwa ku kuhle kuye.
16Wa mela abampofu nabadingayo, kona kwa ku kuhle kuye; loku a ku siko ukungazi mina na? u tyo uJehova.
17A ku bheki luto amehlo ako nenhliziyo yako, ukupanga nokucita igazi laba nge nacala, nokuhlupa, nokwamuka kupela.
18Ngako, u tyo uJehova ngaye u Jehoakimu, indodana ka Josia, inkosi yakwaJuda, u ti, A ba yi kumkalela, be ti, Au mfo wetu, au dade wetu, a ba yi kumkalela be ti, Au, nkosi, au bukosi bake.
19U ya kumbeliswa okwembongolo; a hudulwe, a lahlwe ngapandhle kwamasango a seJerusalema.
20Yenyuka, u ye eLebanoni u memeze, u pakamise izwi lako eBashani, u memeze eAbarimi, ngokuba bonke aba ku tandayo ba citekile.
21Nga kuluma nawe u nenhlanhla, wa ti, A ngi yi kuzwa. Loku ku ukuhamba kwako iloku wa zalwayo, kokuti a u laleli izwi lami.
22Umoya u ya kudhla abalusi bako bonke; aba ku tandayo ba ya kutunjwa; kona u ya kuhlazeka; u jabe ngako konke ukona kwako.
23Wena o hlala eLebanoni, owakile emitini yesedare, yeka, u ya kuhaukeleka nxa wehlelwa ubuhlungu, ubuhlungu njengobomfazi o beletayo.
24Kupila kwami, u tyo uJehova, u ti, Noma uKonia, indodana ka Jehoakimu, inkosi ya kwaJuda, u indandato esandhleni sami sokunene, ngi ya kukususa kuso.
25Ngi ya kukunikela esandhleni saba funa ukukubulala, na sesandhleni sa labo owesaba ubuso babo, na sesandhleni sika Nebukadrezari, inkosi ya seBabulona, na sesandhleni samaKaldea.
26Ngi ya kunixotyela nina nonyoko owa ku zalayo kwelinye izwe eni nga zalwanga kulo; ni ya kufa kona.
27Kepa a ba yi kubuyela ezweni aba tanda ukubuyela kulo.
28Lomuntu uKonia u isitya esidelelweyo nesapukileyo na? u isitya oku nge ko kuso ukutokoza na? ba kityelweni, yena nenzalo yake? ba lahlelwe ngani ezweni a ba nga laziyo?
29Lizwe, lizwe; lizwe, yizwa izwi lika Jehova.
30U tyo uJehova, u ti, Lobani lomuntu o nge namntwana, umuntu o nga yi kuba nanhlanhla ezinsukwini zake; ngokuba ku nga yi kuba nanhlanhla namunye kuyo inzalo yake, e hlala esihlalweni sika Davida, a buye a buse kwaJuda.