1IZWI ela fika kuJeremia li vela kuJehova ngomnyaka weshumi ka Zedekia, inkosi ya seJuda, owa u ngumnyaka weshumi na shiyagalombili ka Nebukadrezari.
2Ngalesosikati impi yenkosi ya seBabulona ya haqa iJerusalema; uJeremia umprofeti wa e valelwa ebaleni letilongo, ela li sendhlini yenkosi ya seJuda.
3uZedekia inkosi ya seJuda wa e m valele, e ti, U profetelani, u ti, U tyo uJehova, u ti, Bheka, ngi ya kunikela lomuzi esandhleni senkosi ya seBabulona; i ya kuunqoba.
4uZedekia, inkosi ya seJuda, a ka yi kusinda esandhleni samaKaldea, kepa u ya kunikelwa esandhleni senkosi ya seBabulona impela, a kulume nayo ngomlomo, a i bone ngamehlo ake;
5I ya ku m yisa uZedekia eBabulona; u ya kuhlala kona ngi ze ngi hambele kuye, u tyo uJehova; noma ni lwa namaKaldea a ni yi kwahlula.
6uJeremia wa ti, Izwi lika Jehova la fika kimi, la ti,
7Bheka, uHanameli, indodana ka Shalumi, uyihlokazi, u ya kufika kuwe u ti, Tenga izwe lami, eli seAnatoti, ngokuba ngomteto wokuhlenga u nga li tenga.
8Kwa njalo uHanameli indodana ka babakazi weza kimi ebaleni letilongo njengokutyo kuka Jehova, wa ti kimi, A u tenge izwe lami, eli seAnatoti, eli sezweni lika Benjamini; ngokuba ngomteto u nga li dhla, u nga li hlenga; zitengele. Kona nga bona ukuti, leli la li izwi lika Jehova.
9Nga li tenga izwe kuHanameli, indodana ka babakazi, ela li seAnatoti, nga m linganisela imali, amashekela esiliva a ishumi nesikombisa.
10Nga loba encwadini, nga beka upau, nga tabata ofakazi, nga linganisa imali ngesikalo.
11Nga tabata incwadi yentengo, leyo eya i namateliswe ngopau njengomteto nesimiso, na leyo evulekileyo.
12Nga i nikela incwadi yentengo kuBaruki, indodana ka Neria, indodana ka Maseia, pambi kuka Hanameli, indodana ka babakazi, na pambi kofakazi aba loba encwadini yentengo, na pambi kwabaJuda aba be hlezi ebaleni letilongo.
13Nga m yala uBaruki pambi kwabo, nga ti,
14U tyo uJehova wamabandhla, uTixo kaIsraeli, u ti, tabata lezizincwadi, lencwadi yentengo, le e namateliswe ngopau, na lencwadi e vulekileyo; u zi fake esityeni sebumba, ukuba zi me izinsuku eziningi.
15Ngokuba u tyo uJehova wamabandhla, uTixo ka Israeli, u ti, Ko buya ku fuywe izindhlu, namasimu, nezivini, kulelizwe.
16Se ngi nikele incwadi yentengo kuBaruki indodana ka Neria, nga kuleka kuJehova, nga ti,
17E Nkosi Jehova, bheka, wenzile izulu nomhlaba ngamandhla ako amakulu na ngengalo yako elulekileyo; a ku ko uto olu kwahlulayo.
18U benzela aba izinkulungwane umusa, u pindelisela izono za woyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo; uTixo omkulu, o namandhla, uJehova wamabandhla igama lako.
19U mkulu ngokuceba, u namandhla ngokwenza; ngokuba amehlo ako a vulekele izindhlela zonke zamadodana abantu, ukuba u ba pe bonke njengokuhamba kwabo, na njengokutela kwemisebenzi yabo;
20U misile izibonakaliso nezimangaliso ezweni la sEgipite ku ze ku be namhla, na kwaIsraeli, na kwabanye abantu, wa zenzela igama, njengaloku ku njalo na namhla;
21Wa kipa abantu bako abaIsraeli ezweni la sEgipite ngezibonakaliso, na ngezimangaliso, na ngesandhla esi namandhla, na ngengalo elulekileyo, na ngokwesabisa okukulu;
22Wa ba nika lelizwe, owa funga ngalo koyise babo, wa ti u za kubanika lona, izwe eli vama ubisi nezinyosi;
23Ba ngena, ba li fuya; kepa a ba lalelanga izwi lako, a ba hambanga ngomteto wako; a benzanga uto kuko konke o ba yala ukuba ba kwenze, ngako u behlisele lobububi bonke.
24Bheka, nazi izindonga, se be ze emzini ukuba ba u nqobe; umuzi u nikelwe esandhleni samaKaldea a lwa nawo, ngenkemba, na ngendhlala, na ngesifo; loko owa ku tyoyo se kwenzekile, bheka, nawe u ya kubona.
25U tyilo kimi, Nkosi Jehova, wa ti, zitengele izwe ngemali, u tabate ofakazi, kepa umuzi u nikelwe esandhleni samaKaldea.
26Izwi lika Jehova la buya leza kuJeremia, la ti,
27Bheka, ngi nguJehova, uTixo wabantu bonke; ku kona ini oku ngahlulayo?
28Ngako u tyo uJehova, u ti, Bheka, ngi ya kunikela lomuzi esandhleni samaKaldea, na sesandhleni sika Nebukadrezari, inkosi ya seBabulona; u ya kuunqoba;
29NamaKaldea, a lwa nalomuzi, a ya kufika; a u tungele lomuzi, a u tyise, nezindhlu, aba nikele pezu kwazo impepo kuBali, be ba telela abanye otixo iminikelo yokupuza, ba ze ba ngi tukutelise.
30Ngokuba abakaIsraeli nabaka Juda benzile okubi kodwa pambi kwami kwasebutyeni babo; ngokuba abaka Israeli ba ngi tukutelisile kupela ngemisebenzi yezandhla zabo, u tyo uJehova.
31Ngokuba lomuzi u bu into yokungitukutelisa nokupemba ulaka lwami iloku kwakiwa ku ze ku be namhla; ukuba ngi u suse pambi kwami,
32Ngako konke okubi kwabaka Israeli nokwaba Juda, aba kwenzileyo ukuba ba ngi tukutelise, bona, namakosi abo, nezikulu zabo, nabapristi babo, nabaprofeti babo, nabantu baka Juda nabakileyo eJerusalema;
33Ba ngi fulatela, be nga ngi bheki, noma nga ba fundisa, ngi vuka ngi fundisa, kepa a ba lalelanga ukuba ba kwamkele ukufundiswa.
34Kepa ba bekile okunengekayo endhlini e bizwa ngegama lami, ukuba ba i ngcolise.
35Ba zaka izindawo ezipakamileyo zika Bali, ezi sesihlanjeni sika Benhinomi, ukuba ba dhlulise amadodana abo namadodakazi abo emlilweni, be konza uMoleki, into engi nga i yalezanga, a ku ngenanga enhliziyweni yami ukuti ba za kwenza loku okunengekayo ukuba ba monise uJuda.
36Ngako u tyo uJehova, uTixo ka Israeli, ngalomuzi, eni ti ngawo, U ya kunikelwa esandhleni senkosi ya seBabulona ngenkemba, na ngendhlala, na ngesifo, u ti,
37Bheka, ngi ya kubabuta emazweni onke, engi ba xotyele kuwo ngokutukutela kwami, na ngokuvukela kwami, na ngolaka lwami olukulu; ngi ya kubabuyisela kulendawo, ngi ba hlalise kahle;
38Ba ya kuba abantu bami, ngi be uTixo wabo;
39Ngi ya kubapa inhliziyo inye, nendhlela inye, ukuba ba ngi hlonipe ngezikati zonke, ku be kuhle kubo na kubantwana babo emva kwabo.
40Ngi ya kwenza nabo isivumelwano esipakade ukuba ngi nga ba fulateli, ngi nga benzeli okudhle; kepa ngi ya kubeka ukuhlonitywa kwami ezinhlizyweni zabo, ukuba ba ngemuki kimi.
41Ngi ya kutokoza ngabo, ngi ze ngi benzele okuhle; ngi ya kubatyala kulelizwe impela ngenhliziyo yonke yami na ngompefumlo wonke wami;
42Ngokuba u tyo uJehova, u ti, Njengaloku ngehlisele lobububi bonke obukulu kulababantu, kanjalo ngi ya kwehlisela kubo ubuhle bonke engi bu tyiloyo kubo.
43Amazwe a ya kutengwa kulelizwe, eni ti ngalo, Li citekile, ku nge ko abantu nezilwane; li nikelwe esandhleni samaKaldea.
44Ba ya kutenga amazwe ngemali, ba lobe encwadini, ba beka upau, ba tabate ofakazi ezweni lika Benjamini, na sezindaweni ezi ngaseJerusalema, na semizini ya seJuda, na semizini ya sezintabeni, na semizini ya sesihlanjeni, na semizini ya seningizimu; ngokuba ngi ya kubuyisa izitunjwa zabo, u tyo uJehova.