1IZWI ela fika kuJeremia li vela kuJehova, msukwana uNebukadnezari inkosi ya seBabulona, nempi yonke yayo, nemibuso yonke yomhlaba e buswa uye, nabantu bonke be lwa neJerusalema, nemizi yonke yalo, la ti,
2U tyo uJehova, uTixo ka Israeli, u ti, Hamba u kulume kuZedekia inkosi ya seJuda, u ti kuye, U tyo uJehova, u ti, Bheka, ngi ya kunikela lomuzi esandhleni senkosi ya seBabulona, u ya kuutyisa ngomlilo;
3Wena a u yi kusinda esandhleni sake, kepa u ya kubanjwa impela, u nikelwe esandhleni sake; amehlo ako a ya kubheka amehlo enkosi ya seBabulona, i ya kukuluma nawe ni bhekana; u ya kuya eBabulona.
4Kepa, yizwa izwi lika Jehova, Zedekia, nkosi ya seJuda. U tyo uJehova kuwe, u ti, A u yi kufa ngenkemba;
5Kepa u ya kufa ku tulile; u ya kutyiselwa impepo njengokutyiselwa kwa oyihlo, amakosi okuqala a ngapambi kwako, u ya kulilelwa ku tiwa, Maye, nkosi! ngokuba ngi tyilo izwi, u tyo uJehova.
6uJeremia umprofeti wa e se kuluma lawamazwi onke kuZedekia, inkosi ya seJuda, eJerusalema,
7Mhla impi yenkosi ya seBabulona i lwa neJerusalema, nemizi ya seJuda eseleyo, neLakishi, neAzeka; ngokuba lemizi evikelweyo ya i sa sele emizini ya seJuda.
8Leli li izwi ela fika kuJeremia, li vela kuJehova, inkosi, uZedekia, se yenzile isivumelwano nabantu bonke aba seJerusalema, ukumemezela kubo ukukululeka,
9Kwa tiwa, a ku be ilowo a kulule isigqili sake, isilisa nesifazana, ezi ngamaHeberu, ukuze ku nga bi ko muntu o zi sebenzisayo, ukuti, umJuda o sebenzisa umfo wabo.
10Kwa ti, izikulu zonke, nabantu bonke aba be vumelene, se be zwile ku tiwa, a ku be ilowo a kulule isigqili sake, isilisa nesifazana, ku nga bi ko muntu o zi sebenzisayo, ba lalela, ba zi kulula.
11Kepa ngasemva ba guquka, ba buyisa lezozigqili, isilisa nesifazana, aba be zi kululile, ba zenza izigqili, isilisa nesifazana.
12Ngako izwi lika Jehova la fika kuJeremia li vela kuJehova, la ti,
13U tyo uJehova, uTixo ka Israeli, u ti, Ngenza isivumelwano na oyihlo, mhla ngi ba kipa ezweni la sEgipite, endhlini yezibotywa, nga ti,
14Ekupeleni kweminyaka e isikombisa a ko ba ilowo kini a kulule umfo wabo, o ngumHeberu, a m tengileyo; nxa e sebenzile iminyaka e isitupa kuwe wo m kulula. Kepa oyihlo a ba ngi lalelanga, a ba bekanga indhlebe.
15Kepa nina be ni pendukile namhla, nenza okufaneleyo emehlweni ami ngokumemezela ukukululeka, ku be ilowo kowakelene naye; nenza isivumelwano pambi kwami endhlini e bizwa ngegama lami;
16Kepa na buya na guquka, na ngcolisa igama lami, na buyisa, kwa ba ilowo isigqili sake, isilisa nesifazana, a be zi kululile ngokutanda kwake, na zenza izigqili zenu, isilisa nesifazana.
17Ngako u tyo uJehova, u ti, A ni ngi lalelanga ngokumemezela ukukululeka, ku be ilowo kumfo wabo, na lowo kowakelene naye; bheka, ngi memezela ukukululeka kini, u tyo uJehova, ngi ni kululela kuyo inkemba, na kuso isifo na kuyo indhlala, ngi ya kuninikela emibusweni yonke yomhlaba, ni hlupeke.
18Ngi ya kubanikela abantu abeqile isivumelwano sami, aba nga gcinanga amazwi esivumelwano aba be senzile pambi kwami, mhla be dabula itole kabili, ba dhlula pakati kwenzihlangoti zalo,
19Izikulu za seJuda, nezikulu za seJerusalema, izinceku, nabapristi, nabantu bonke bezwe aba dhlula pakati kwezinhlangoti zetole;
20Ngi ya kubanikela esandhleni sezita zabo, na sesandhleni saba funa ukubabulala; izidumbu zabo zi ya kuba ukudhla kwezinyoni zezulu, nokwezilo zomhlaba.
21uZedekia, inkosi ya seJuda, nezikulu zake, ngi ya kubanikela esandhleni sezita zabo, na sesandhleni saba funa ukubabulala, na sesandhleni sempi yenkosi ya seBabulona, abenyukeleyo kini.
22Bheka, ngi ya kuyala, u tyo uJehova, ngi ba buyisele kulomuzi; ba ya kulwa nawo, ba u nqobe, ba u tyise ngomlilo; ngi ya kwenza imizi ya seJuda i citeke, i ngakiwa muntu.