1KWA ti ngomnyaka wesine ka Jehoakimu, indodana ka Josia, inkosi ya seJuda, kwa fika lelizwi kuJeremia li vela kuJehova, la ti,
2Tabata ipepa lencwadi, u lobe kulo amazwi onke engi wa tyiloyo kuwe ngoIsraeli, na ngoJuda na ngezizwe zonke, iloku nga qala ukukuluma kuwe, kwa sezinsukwini zika Josia, ku ze ku be namhla.
3Mhlaumbe abakaJuda ba ya kuzwa okubi konke engi ti ngi ya kukwenza kubo, ba ze ba buye bonke endhleleni embi yabo, ngi ba tetelele amacala abo nezono zabo.
4Kona uJeremia wa biza uBaruki indodana ka Neria; uBaruki wa loba, e tata emlonyeni ka Jeremia, amazwi onke ka Jehova, a wa kulumile kuye, epepeni lencwadi.
5uJeremia wa yala uBaruki, wa ti, Mina ngi banjiwe, a ngi nakuya endhlini ka Jehova.
6Ngako hamba wena, u funde ku lencwadi o i lobileyo, u tata emlonyeni wami, amazwi ka Jehova, u wa funde ezindhlebeni zabantu endhlini ka Jehova ngosuku lokuzila ukudhla; u wa funde nasezindhlebeni zabo bonke abakwaJuda, aba vela emizini yakubo.
7Mhlaumbe ukukuleka kwabo ku ya kuzwiwa uJehova, ba buye bonke endhleleni embi yabo; ngokuba kukulu ukutukutela nolaka a ku tyiloyo uJehova ngalababantu.
8uBaruki indodana ka Neria wenza konke a m yala kona uJeremia umprofeti, ngokufunda amazwi ka Jehova endhlini ka Jehova.
9Kwa ti ngomnyaka wesihlanu ka Jehoakimu, indodana ka Josia, inkosi ya seJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye, kwa menyezelwa ukuzila ukudhla pambi kuka Jehova kubantu bonke ba seJerusalema, na kubantu bonke aba vela emizini ya seJuda, beze eJerusalema.
10Kona uBaruki wa funda encwadini amazwi ka Jeremia endhlini ka Jehova, endhlini ka Gemaria, indodana ka Shafani umbali, ebaleni ngasenhla, ngasesangweni elitya lendhlu ka Jehova, wa funda ezindhlebeni zabantu bonke.
11uMikaia indodana ka Gemaria, indodana ka Shafani, se e zwile amazwi onke ka Jehova ku lencwadi,
12Wehla wa ya endhlini yenkosi, endhlini yombali; bheka, izikulu zonke za zi hlezi kona; uElishama, umbali, noDelaia indodana ka Shemaia, noElnatani indodana ka Akbori, noGemaria indodana ka Shafani, noZedekia indodana ka Hanania, nezikulu zonke.
13Kona uMikaia wa ba tyela amazwi onke a be wezwile lapo uBaruki wa funda incwadi ezindhlebeni zabantu.
14Ngako izikulu zonke za tuma uJehudi indodana ka Netania, indodana ka Shelemia, indodana ka Kushi, ukuya kuBaruki, za ti, Pata incwadi o i fundileyo ezindhlebeni zabantu, u ze nayo. uBaruki indodana ka Neria wa pata incwadi, weza kubo.
15Ba ti kuye, Hlala, u i funde ezindhlebeni zetu. Njalo uBaruki wa i funda ezindhlebeni zabo.
16Kwa ti, se be zwile amazwi onke, besaba bonke, ba ti kuBaruki, Impela si ya kutyela inkosi lawamazwi onke.
17Ba m buza uBaruki, ba ti, Si tyele, Wa loba kanjani lawamazwi onke u tata emlonyeni wake na?
18uBaruki wa ti kubo, Wa tyo kimi lawamazwi onke ngomlomo wake, nga wa loba encwadini ngeinke.
19Izikulu za ti kuBaruki, Suka u catye, wena noJeremia; ku ngaziwa muntu lapa ni kona.
20Ba se be ngena enkosini, ebaleni, kepa ba beka incwadi endhlini ka Elishama umbali, ba landisa amazwi onke ezindhlebeni zenkosi.
21Inkosi ya tuma uJehudi ukuba a ye a tabate incwadi; wa i tabata endhlini ka Elishama umbali. uJehudi wa i funda ezindhlebeni zenkosi, na sezindhlebeni zezikulu zonke eza zi kona enkosini.
22Inkosi ya i hlezi endhlini yobusika, ngenyanga yesishiyagalolunye, u kona pambi kwayo umlilo o vutayo eziko.
23Kwa ti, uJehudi se e fundile amapepa amatatu noma amane, wa i sika ngomese wombali, wa i ponsa emlilweni o seziko, ya za ya pela incwadi yonke emlilweni o seziko.
24Kepa a ba ze besaba, a ba dabula izingubo zabo, nankosi nanye ezincekwini zayo e be zi zwile lawamazwi onke.
25Noma uElnatani, noDelaia, noGemaria ba be nxusile inkosi ukuba i nga tyisi incwadi, a i ba lalelanga.
26Kepa inkosi ya yala uJerameli indodana yenkosi, noSeraia indodana ka Azrieli, noShelemaia indodana ka Abdeli, ukuba ba tabate uBaruki umbali noJeremia umprofeti; kodwa uJehova wa ba fihla.
27Izwi lika Jehova la buya la fika kuJeremia, inkosi se i tyisile incwadi, namazwi a wa lobayo uBaruki e tata emlonyeni ka Jeremia, la ti
28Buya u tabate enye incwadi, u lobe kuyo amazwi onke okuqala, a e kona encwadini yokuqala, a i tyisileyo uJehoakimu inkosi ya seJuda;
29U tyo kuJehoakimu inkosi ya seJuda, u ti, U tyo uJehova, u ti, U tyisile lencwadi, u ti, U lobeleni kuyo u ti, Impela inkosi ya seBabulona i ya kufika, i cite lelizwe, i qede kulo abantu nezilwane.
30Ngako u tyo uJehova ngoJehoakimu inkosi ya seJuda, u ti, A ka yi kuba namntwana wokuhlala esihlalweni sika Davida; isidumbu sake si ya kulahlelwa ngapandhle si tye emini, si godole ebusuku.
31Ngi ya kumtyaya yena, nenzalo yake, nezinceku zake, ngezono zabo; ngi ya kwehlisela pezu kwabo, na pezu kwabakileyo eJerusalema, na pezu kwabantu ba seJuda, okubi konke engi ku tyiloyo ngabo; kepa a ba lalelanga.
32uJeremia wa e se tabata enye incwadi, wa i nika uBaruki umbali, indodana ka Neria, owa loba kuyo, e tata emlonyeni ka Jeremia, amazwi onke encwadi uJehoakimu inkosi ya seJuda a be i tyisile ngomlilo; kwenezelelwa kuwo amanye amazwi amaningi a njengawo.