1KWA ti uShefatia indodana ka Matani, noGedalia indodana ka Pashuri, noJukali indodana ka Shelemia, noPashuri indodana ka Malkia, bezwa amazwi a be wa tyilo uJeremia kubantu bonke, e ti.
2U tyo uJehova, u ti, O seleyo kulomuzi u ya kufa ngenkemba, na ngendhlala, na ngesifo; kepa o pumela kuwo amaKaldea u ya kupila; ukupila kwake ku ya kuba impango yake; u ya kupila.
3U tyo uJehova, u ti, Impera lomuzi wo nikelwa esandhleni sempi yenkosi ya seBabulona, e ya kuunqoba.
4Ngako izikulu za ti enkosini, A ka bulawe lomuntu, ngokuba ngokwenza njalo u ya nqenisa izandhla zabantu bokulwa abaseleyo ku lomuzi, nezandhla zabantu bonke, ngokukuluma kubo amazwi a nje; ngokuba lomuntu ka ba funeli lababantu ukutula, u ba funela okubi.
5uZedekia inkosi wa ti, Bheka, u sesandhleni senu, ngokuba inkosi i nge pambene nani ngaluto.
6Ba se be m tabata uJeremia, ba m ponsa endhlini emnyama emgodini ka Malkia indodana yenkosi, o sebaleni letilongo; ba m ehlisa uJeremia ngezintambo. Kwa ku nge ko amanzi emgodini udaka lodwa; kwa njalo uJeremia wa tyona odakeni.
7Kwa ti, uEbedmeleki umKushi, induna e sendhlini yenkosi, se e zwile ukuti, ba m fakile uJeremia emgodini, inkosi i sa hlezi esangweni lika Benjamini;
8uEbedmeleki wa puma endhlini yenkosi, wa kuluma enkosini, wa ti,
9Nkosi yami, nkosi, lababantu benzile kabi ngako konke aba kwenzileyo kuJeremia umprofeti, aba m ponsile emgodini; u za kufa kona lapo ngokulamba; ngokuba a ku se ko ukudhla emzini.
10Inkosi ya se i m yala uEbedmeleki umKushi, ya ti, Tabata lapa abantu abamashumi amatatu, u hambe nabo, u m kipe uJeremia umprofeti emgodini, e nga ka fi.
11Kona uEbedmeleki wa tabata abantu, wa hamba nabo, wa ya endhlini yenkosi pansi kwendhlu yemfuyo, wa tabata kona izicepu neziziba zezingubo ezigugileyo, wa zehlisela ngezintambo kuJeremia emgodini.
12uEbedmeleki uMkushi wa ti kuJeremia, Beka lezizicepu na leziziba zezingubo ezigugileyo emakwapeni ako pansi kwezintambo. Wenza njalo uJeremia.
13Ba m donsa uJeremia ngezintambo, ba m kipa emgodini; uJeremia wa hlala ebaleni letilongo.
14Kona uZedekia inkosi wa tuma, wa m tabata uJeremia umprofeti wa m zisa kuye esangweni lesitatu eli ngasendhlini kaJehova; inkosi ya ti kuJeremia, Ngi za kubuza into kuwe, u nga ngi fihleli uto.
15uJeremia wa ti kuZedekia, Uma ngi ku tyela yona, nembala a u yi kungibulala na? uma ngi ku luleka a u yi kungilalela na?
16Kona uZedekia wa funga kuJeremia ngasese, wa ti, U kona uJehova owa senzela lompefumlo, a ngi yi kukubulala, a ngi yi kukunikela esandhleni salababantu abafuna ukupila kwako.
17uJeremia wa ti kuZedekia, U tyo uJehova, uTixo wemikosi, uTixo ka Israeli, u ti, Uma u ya impela ezikulwini zenkosi ya seBabulona, u ya kupila, na lomuzi a u yi kutyiswa ngomlilo, u ya kupila, wena nendhlu yako;
18Kepa uma u nga yi ezikulwini zenkosi ya seBabulona, lomuzi u ya kunikelwa esandhleni samaKaldea, a u tyise ngomlilo, nawe u nga sindi esandhleni sawo.
19uZedekia inkosi wa ti kuJeremia, Ngi yesaba abaJuda abahlubukileyo kuwo amaKaldea, funa ngi nikelwe esandhleni sabo, ba ngeise.
20Kepa uJeremia wa ti, A ku yi kunikelwa. A u lalele izwi lika Jehova, engi li tyoyo kuwe; ko ba kuhle kuwe, u pile.
21Kepa uma wala ukupuma lapa, leli li izwi a ngi bonisile lona lokuti,
22Bheka, abafazi bonke aba seleyo endhlini yenkosi ya seJuda ba ya kukityelwa ezikulwini zenkosi ya seBabulona, ba ya kuti, Aba izihlobo bako ba ku ungile, ba kwahlula; izinyawo zako zi tyonile odakeni, ba ku fulatele.
23Nabafazi bako bonke, nabantwana bako ba ya kukityelwa kuwo amaKaldea; nawe u nga sindi esandhleni sawo, kepa u ya kubanjwa ngesandhla senkosi ya seBabulona; u ya kutyisa lomuzi ngomlilo.
24uZedekia wa se e ti kuJeremia, A ku ngaziwa muntu lawamazwi, ukuba u nga fi.
25Kepa uma izikulu zi zwa ukuti, ngi kulumile nawe, zi ze kuwe, zi ti kuwe, Si tyele o ku tyiloyo enkosini, u nga si fihleli uto, ukuba si nga ku bulali, si tyele na loko e ku tyiloyo kuwe inkosi;
26Wo tyo kuzo, u ti, Nga kuleka enkosini ukuba i nga ngi buyiseli endhlini ka Jonatani, funa ngi fe kona.
27Kwa fika kuJeremia izikulu zonke, za m buza; wa zi tyela lawamazwi onke inkosi e bi m yalile wona. Za se zi yeka ukukuluma naye, ngokuba a ku bonakalanga indaba.
28uJeremia wa hlala ebaleni letilongo kwa za kwa fika usuku ela nqotywa ngalo iJerusalema; wa e kona mhla iJerusalema li nqotywayo.