1IZWI ela fika kuJeremia li vela kuJehova, uNebuzaradani induna yamapolisa se e m kululile eRama, loku wa e m tabatile e botyiwe ngamaketango pakati kwabo bonke abatunjiweyo ba seJerusalema nabakwaJuda, be tunjelwa eBabulona.
2Induna yamapolisa ya m tabata uJeremia, ya ti kuye, uJehova uTixo wako u tyilo lobububi ngalendawo.
3uJehova u behlisile, wenza njengokutyo kwake; ngokuba nonile kuJehova, ni nga lalelanga izwi lake, ngako nehlelwe iloku.
4Bhekake, ngi sa ku kulula namhla kuwo amaketango a sezandhleni zako. Uma ku kuhle kuwe ukuya nami eBabulona, yiza; ngi ya kubeka amehlo ami pezu kwako; kepa uma ku kubi kuwe ukuya nami eBabulona, yeka; bheka, izwe lonke li pambi kwako, indawo elungileyo nefaneleyo emehlweni ako ukuba u ye kuyo, yiya kona.
5Kepa e nga ka buyi, ya ti, Buya u ye kuGedalia indodana ka Ahikamu indodana ka Shafani, e m bekileyo inkosi ya seBabulona, a be umbusi wemizi yakwaJuda, u hlale naye pakati kwabantu, noma u ye kwenye indawo e faneleyo ngokubona kwako. Induna yamapolisa ya m nika ukudhla, nesipo, ya m kulula.
6uJeremia wa e se ya kuGedalia indodana ka Ahikamu eMizpa; wa hlala naye pakati kwabantu abaseleyo ezweni.
7Kwa ti izinduna zonke ezi sendhle, zona nabantu bazo, se zi zwile ukuti inkosi ya seBabulona i m enzile uGedalia indodana ka Ahikamu umbusi wezwe, nokuti i nikele kuye amadoda, nabafazi, nabantwana, nabampofu bezwe ku labo aba nga tunjelwanga eBabulona.
8Zeza kuGedalia eMizpa, uIshmaeli indodana ka Netania, noJohanani noJonatani amadodana ka Karea, noSeraia indodana ka Tanhumeti, namadodana ka Efai umNetofa, noJezania indodana yomMaaka, labo nabantu babo.
9uGedalia indodana ka Ahikamu indodana ka Shafani wa funga kubo na kubantu babo, wa ti, ni ngesabi ukukonza amaKaldea: hlalani ezweni, ni konze inkosi ya seBabulona, kona ku ya kuba kuhle kini.
10Mina, bheka, ngi ya kuhlala eMizpa, ukuba ngi me pambi kwamaKaldea a ya kuza kiti, kepa nina, butani iwaini, nezitelo zemiti, namafuta, ni ku beke ezityeni, ni hlale emizini, eni i ketileyo.
11Kanjalo abaJuda bonke aba be seMoabi, na pakati kwabaka Amoni, na seEdomi, naba be semazweni onke, se be zwile ukuti, inkosi ya seBabulona i shiyile insalo yabaJuda, nokuti i m bekile pezu kwabo uGedalia indodana indodana ka Shafani;
12AbaJuda bonke ba buya ezindaweni zonke aba be xotyelwe kuzo, beza ezweni la kwaJuda, kuGedalia, eMizpa, ba buta iwaini nezitelo zemiti kakulu.
13uJohanani indodana ka Karea, nezinduna zonke zempi ezi sendhle, beza kuGedalia eMizpa,
14Ba ti kuye, Impela u yazi ukuti, uBaalisi inkosi yabaka Amoni u tumile uIshamaeli indodana ka Netania ukuba a ku bulale? Kepa uGedalia indodana ka Ahikamu ka kolwanga ibo.
15Kona uJohanani indodana ka Karea wa kuluma ngasese noGedalia eMizpa, wa ti, Ma ngi hambe ngi ye ngi m bulale uIshmaeli indodana ka Netania, ku ngaziwa muntu; u za kukubulalelani wena, ukuba abaJuda bonke aba butene kuwe ba hlakazeke, nensalo ya kwaJuda i epele?
16Kepa uGedalia indodana ka Ahikamu wa ti kuJohanani indodana ka Karea, U ngenzi loku, ngokuba u tyo amanga ngoIshmaeli.