1GIJIMANI ezindhleleni za seJerusalema, ni bone, nazi, ni cinge ezitalatini zalo, ukuba ni nga fumana umuntu, ukuba ku kona o hamba ngomteto, o funa iqiniso, ngi ze ngi li tetelele.
2Noma be ti, uJehova u ya pila, ba funga amanga impela.
3Jehova, amehlo ako a wa funi iqiniso na? u ba tyayile, kodwa ka ba nakakela; u ba qedile, bala ukululekwa; benzile ubuso babo bu be lukuni ku nedwala bala ukubuya.
4Nga se ngi ti, Laba ba butakataka bodwa, ba ya pukuzela; ka bazi indhlela ka Jehova, umteto ka Tixo wabo.
5Ngi ya kuya kwabakulu, ngi kulume nabo; bona ba yazi indhlela ka Jehova, umteto ka Tixo wabo; kepa bapulile ijokwe kanyekanye, ba gqabulile izibopo.
6Ngako ingonyama ya sehlatini i ya kubabulala, impisi ya sehlane i ba cite, ingwe i qamele emizini; bonke abapumayo ba ya hxetyulwa; ngokuba ukweduka kwabo ku vamile, kwanda ukuhlubuka kwabo.
7Ngi nga ku tetelela kanjani na? abantwana bako ba ngi delile, ba funga aba nge sibo oTixo; nga ba yala ngokuqinisa, kodwa ba pinga, ba kandana endhlini yesifebi.
8Ba njengamahashi akulupeleyo, be ndinda; ilowo u kalela umfazi wowakelene naye.
9Nga ngi nga ba tyayi nga loku ini? u tyo uJehova; umpefumlo wami nga u nga pindiseli esizweni esi nje na?
10Yenyukelani ezindongeni zalo, ni cite, kodwa ni nga qedi; nqumani amagatya alo; a siwo aka Jehova.
11Ngokuba abendhlu ka Israeli nabendhlu ka Juda ba ngi patisile okomdimbili, u tyo uJehova.
12Ba m pikile uJehova, ba ti, Ka se ko; a si yi kwehlelwa usizi; a si yi kubona inkemba nendhlala.
13Abaprofeti ba ngumoya, izwi a li ko kubo; a ku be njalo kubo.
14Ngako u tyo uJehova, uTixo wamabandhla, u ti, Loku ni tyilo lelizwi, bheka, ngi ya kwenza amazwi ami a be umlilo emlonyeni wako, ngi benze laba bantu ba be izinkuni, u ya kubadhla.
15Bhekani, nina bendhlu ka Israeli, ngi ya ku ni fikela nesizwe sa kude, u tyo uJehova; si isizwe esi namandhla, si isizwe sa sendulo si isizwe e si lulimi u nga lwazi, u ngezwe aba ku kulumayo.
16Lika labo lemicibityolo li njengetuna elivulekileyo, ba amaqawe bonke.
17Ba ya kudhla amabele ako nokudhla kwako; ba ya kudhla amadodana ako, namadodakazi ako; ba ya kudhla izimvu zako nezinkomo zako; ba ya kudhla ivini lako nomkiwane wako; ba ya kucita ngenkemba imizi yako evikelweyo, o bu temba kuyo.
18Kepa na nga lezozinsuku a ngi yi kuniqeda impela, u tyo uJehova.
19Ku za kuti nxa ni tyo ukuti, U senzeleleni konke loku uJehova uTixo wetu? kona u ya kupendula a ti kubo, Loku ni ngi delile, na konza otixo bezizwe ezweni la kini, ko ba njalo, ni ya kukonza abezizwe ezweni eli nge silo elenu.
20Yityoni loku kwa Jakobe, ni ku memezele kwa Juda, ni ti,
21Yizwani loku, nina bantu aba iziula, aba nge nakuqonda; ba namehlo, kepa a ba boni; ba nezindhlebe kepa a bezwa.
22A ni yi kungesaba na; u tyo uJehova; a ni yi kututumela pambi kwami ini, mina enga beka isihlabati si be umkaulo wolwandhle, umkaulo opakade, olu nge dhlule kuwo? noma amaza alo e guba, a ngenze luto; noma e duma, a nge dhlule kuwo
23Kepa lababantu ba nenhliziyo ehlubukayo nepikayo; ba hlubukile bemuka.
24A ba tyo enhliziyweni yabo ukuti, Si ya kumesaba uJehova uTixo wetu opayo imvula, eyokuqala neyamuva ngesikati sayo, a si gcinele amasonto a misiweyo okuvuna.
25Izipambuko zenu zi ni tiyele lezizinto, izono zenu zi ni vimbele okuhle.
26Ngokuba ku funyanwa ababi pakati kwabantu bami; ba kotama njengokuqamela kwabacupayo; ba beke ugibe, ba bambe abantu.
27Njengendhlu yezinyoni i gcwele izona ku njalo izindhlu zabo zi gcwele imfuyo edhliweyo; ngaloko ba abakulu nabacebileyo.
28Ba kulupele, ba ya kanya; ba gcwele imisebenzi emibi; a ba kulumeli izintandane emacaleni azo, noko ba nenhlanhla; a ba ba meli abampofu ngomteto.
29Nga ngi nga ba tyayi ngaloku ini? u tyo uJehova; umpefumlo wami nga u nga pindiseli esizweni esi nje na?
30Kwenziwe ezweni into e isimangaliso nesabekayo.
31Abaprofeti ba ya profeta amanga, nabapristi ba hlanganyela nabo, nabantu bami ba tanda ukuba ku be nje; kepa ni ya kwenzani ekupeleni?