1IZWI a li tyoyo uJehova ngeBabulona, ngezwe lamaKaldea, ngoJeremia umprofeti.
2Yazisani ezizweni, ni memezele, ni mise isibonakaliso, memezelani, ni nga tukusi, ni ti, iBabulona li nqotyiwe, uBeli u jabile, uMerodaki u bidhliziwe, izitombe zalo zi jabile, imifanekiso yalo i bidhliziwe.
3Ngokuba ku yeza kulo isizwe si vela ngasenyakato, esi ya kucita izwe lalo, ku nga bi ko muntu o hlala kulo; ba ya kubaleka, bemuke, abantu nezilwane.
4Ngalezozinsuku, na ngalesosikati, u tyo uJehova, abakaIsraeli ba ya kufika, bona kanye nabakaJuda; ba ya kuza be kala, ba fune uJehova uTixo wabo.
5Ba ya kubuza indhlela e ya eZioni, be bheka kona, be ti, Wozani si hlangane noJehova ngesivumelwano esipakade, esi nga yi kukohlakala.
6Abantu bami ba be izimvu ezilahlekileyo; abalusi babo ba bedusa, be ba pambukisela ezintabeni, ba hamba izintaba ngezintaba, ba kohlwa indawo yabo yokupumula.
7Bonke aba ba fumanayo ba ba dhla; izita zabo za ti, A soni ngaluto, ngokuba bonile kuJehova, idhlelo lokulunga, itemba la oyise, uJehova.
8Balekelani eBabulona, ma ba pume ezweni lamaKaldea, ni be njengezimpongo pambi kwemihlambi.
9Ngokuba, bheka, ngi ya kuvusa, ngenyusele eBabulona izizwe eziningi ezikulu zi vela ezweni la senyakato; zi ya kuzihlela zi lwe nalo; kona li ya kunqotywa; imicibityelo yazo i ya kuba njengeyeqawe elahlulileyo eli nga buyize.
10iKaldea li ya kupangwa; bonke aba li pangayo ba ya kusuta; u tyo uJehova.
11Ngokuba na jabula, ngokuba na tokoza, nina bapangi befa lami, ngokuba neqa njengetokazi eli kalayo, na kalisa okwamahashi.
12Unyoko u ya kujaba kakulu, owa ni zalayo u ya kuhlazeka; bheka, ukupela kwezizwe, ngwadule, izwe eligugileyo, ihlane.
13Ngenxa yolaka luka Jehova a li yi kwakiwa muntu, kepa li ya kuhlala li citekile; bonke aba dhlula eBabulona ba ya kumangala, ba hlabe amakwelo ngokutyaywa konke kwalo.
14Zihleleni eBabulona inxa zonke, nina nonke eni pata umcibityolo, ni li tyaye, ni nga ncityi imicibityolo, ngokuba wonile kuJehova.
15Memezani kulo inxa zonke, li nikile isandhla salo, izisekelo zalo zi wile, ezindonga zalo zi bidhliziwe; ngokuba ku ukupindisa kuka Jehova; pindiselani kulo; nenze kulo njengaloku li kwenzile.
16Nqumani eBabulona ohlwanyelayo nopata isikela ngesikati sokuvuna; nge nxa yenkemba ebulalayo ma ba buyele bonke kwabakubo ba balekele bonke ezweni lakubo.
17uIsraeli u izimvu ezicitekileyo; izingonyama zi m xotyile; kuqala inkosi ya seAsiria ya mu dhla, ekupeleni lo uNebukadrezari inkosi ya seBabulona wapulile amatambo ake.
18Ngako u tyo uJehova wemikosi, uTixo ka Israeli, u ti, Bheka, ngi ya kutyaya inkosi ya seBabulona nezwe layo, njengaloku ngi tyayile inkosi ya seAsiria.
19Ngi ya kubuyisela uIsraeli edhlelweni lake; u ya kudhla eKarmeli na seBashani; umpefumlo wake u ya kusuta entabeni ka Efraimi na seGiladi.
20Ngalezozinsuku, ngalesosikati, u tyo uJehova, ku ya kufunwa icala lika Israeli, kepa a li yi kubako; nezono zika Juda, kepa a zi yi kufunyanwa; ngokuba ngi ya kubatetelela engi ba sindisayo.
21Kupuka u ye ezweni la seMerataimi, kulona na kubantu ba sePekodi; cita u qede emva kwabo, u tyo uJehova, wenze njengako konke engi ku yalile ngako.
22Ku kona umsindo wokulwa ezweni, nowokuciteka okukulu.
23Yeka, isando somhlaba wonke si dabukile sapukile; yeka, iBabulona li isimangaliso ezizweni.
24Ngi ku cupile, wa banjwa, Babuloni, u ngazi; u funyenwe, wa banjwa, ngokuba u pikisene noJehova.
25uJehova u vulile isizibekelo sake, wa kipa izikali zolaka lwake; ngokuba loku ku umsebenzi weNkosi, uJehova wemikosi, ezweni lamaKaldea.
26Wozani kulo ni vela na semkaulweni wezwe, ni vule izizibekelo zalo, ni li bute ku nga ti izinqwaba zezibi, ni li qede, ku nga sali luto kulo.
27Hlabani izinkabi zonke zalo, a zeuke zi ye kuhlatywa; nako kuzo, ngokuba se ku fikile usuku lwazo, isikati sokutyaywa kwazo.
28Umsindo wababalekayo nowabasindayo ezweni la seBabulona, be ya kubika eZioni ukupindisa kuka Jehova, uTixo wetu, ukupindisa kwetempeli lake.
29Memezani abomcibityolo ba lwe neBabulona; nina nonke eni goba umcibityolo, ni ngenise kulo inxa zonke; a ku nga sindi muntu; ni pindise kulo njengemisebenzi yalo, nenze kulo njengako konke eli kwenzileyo; ngokuba li zikukumezile kuJehova, kuye o ingcwele ka Israeli.
30Ngako izinsizwa zalo zi ya kuwa ezitalatini zalo, nabantu bonke balo bokulwa ba ya kunqunywa ngalolosuku, u tyo uJehova.
31Bheka, ngi ze kuwe, wena ozidhlayo, i tyo iNkosi, uJehova wemikosi, ngokuba se ku fikile usuku lwako, isikati sokutyaywa kwako.
32Kona ozidhlayo u ya kukubeka a we, ku nga biko omvusayo; ngi ya kupemba umlilo emizini yalo, o za kuqeda konke okukona inxa zonke.
33U tyo uJehova wemikosi; u ti, Ba hlutywa abakwaIsraeli kanye nabakwaJuda; bonke aba ba tumbileyo ba ba bamba ngamandhla, bala ukubayeka.
34Umkululi wabo u namandhla, uJehova wemikosi igama lake; u ya kubamela kahle, ukuba a tulise izwe, a vuse abantu ba seBabulona.
35Inkemba i wengeme amaKaldea, u tyo uJehova, nabantu ba seBabulona, nezikulu zalo, nezazi zalo.
36Inkemba i zengeme izangoma, zi ya kuba izipukupuku; inkemba i wengeme amaqawe, a ya kujaba.
37Inkemba i wengeme amahashi abo nezinqola zabo, nabo bonke abahlangene nalo aba kulo, ba ya kuba njengabesifazana; inkemba i yengeme imfuyo yalo, i ya kupangwa.
38Ukomisa ku semanzini alo, a ya kutya; ngokuba li izwe lezitombe, ba hlwanyele imifanekiso yabo.
39Ngako izilwane za sendhle zi ya kuhlala kona namankentyane; izintye zi ya kuhlala kulo; a li sa yi kubuya lakiwe napakade, ku nga hlalwa kulo izizukulwane ngezizukulwane.
40Njengaloku uTixo wa cita iSodoma neGomora nemizi eya i kona, u tyo uJehova, a ku yi kwaka kona umuntu, nendodana yomuntu a i yi kuhlala kulo.
41Bheka, ku yeza abantu be vela ngasenyakato, isizwe esikulu, namakosi amaningi a ya kupuma emikaulweni yomhlaba.
42Ba ya pata umcibityolo nomkonto; ba nonya, be nge namusa; umsindo wabo u dumisa okolwandhle, ba kwele emahashini be hleliwe njengabantu be hlelelwe ukulwa, ba hlasela kuwe, ndodakazi ya seBabulona.
43Inkosi ya seBabulona i zwile udumo lwabo, izandhla zake zi butakataka, i banjwa izinsizi, nobuhlungu njengomfazi obeletayo.
44Bheka, u ya kukupuka njengengonyama ekuzidhleni kweJordani u ye edhlelweni eli luhlaza njalonjalo, ngokuba ngokucwazima kweso ngi ya ba xotya lapo; ubani oketiweyo? ngi ya kumbeka yena pezu kwalo; ngokuba ubani o ngangami? ubani o ya kungimangalela? ubani o ngumalusi o ngema pambi kwami?
45Ngako yizwani icebo lika Jehova a li cebileyo ngeBabulona, nezinzindhlo a zi zindhlile ngezwe lamaKaldea; impela ba ya kuhudulwa, abancinyane bomhlambi; impela idhlelo li ya kumangala ngabo.
46Umhlaba u ya dikizela ngomsindo wokunqotywa kweBabulona, ukukala ku zwakele ezizweni.