1KWA ku kona umuntu ezweni la seUze, o gama lake la li nguJobe; lomuntu wa e lungile, wa e kolekile, e mesaba uTixo e zonda okubi.
2Wa zala amadodana a isikombisa namadodakazi amatatu.
3Imfuyo yake ya i izimvu ezi izinkulungwane ezi isikombisa, namakamelo a izinkulungwane ezintatu, izinkabi ezi inkulungwane, nezimbongolo zezinsikazi ezi ngamakulu a isihlanu, kanye nezinceku eziningi; njaloke lomuntu wa e mkulu ku nabo bonke aba sempumalanga.
4Amadodana ake enza ukudhla ezindhlini zawo, ku i leyo ngosuku lwayo; a tuma e mema odade wabo bobatatu beza ba dhle ba puze nawo.
5Kwa ti, lapo se zi dhlulile izinsuku zokudhla kwawo, uJobe wa tuma wa wa hlambulula, wesuka ekuseni, wa nikela iminikelo yokutya njengobuningi bawo onke; ngoba uJobe wa ti, Ku nga be amadodana ami onile, a m delele uTixo ezinhliziyweni zawo, uJobe wenze njalo imihla yonke.
6Kwa ti ngosuku olutile amadodana ka Tixo eza ukumkonza uJehova, naye uSatani weza nawo.
7uJehova wa ti kuSatani, wena u vela ngapi na? uSatani wa m pendula uJehova, wa ti, ngi vela ukudabula emhlabeni, nokuhambahamba kuwo.
8uJehova wa ti kuSatani, Imbala inhliziyo yako i si m qondile uJobe inceku yami, ukuti ka ko o fana naye emhlabeni, umuntu olungileyo okolekayo, umuntu o m hlonipayo uTixo, o xwaya okubi.
9Wa pendula uSatani kuJehova wa ti, Ehe, uJobe u ya mesaba uTixo ngeze na?
10Ka u m biyele ngotango na, yena nendhlu yake nako konke a nako inxa zonke? u bhekile imisebenzi yezandhla zake, imfuyo yake i si yandile ezweni.
11Kaloku a ke wolule isandhla sako kodwa, u pate konke a nako, ku kona e za kukutuka ebusweni bako.
12uJehova wa ti kuSatani, Bheka, konke a nako ku semandhleni ako ukwenza okwentando yako; kupela kuyena ngoqobo lwake u nga beki isandhla sako. Njaloke uSatani wesuka ebusweni buka Jehova.
13Ngosuku olutile amadodana ake kanye namadodakazi ake a be e hlezi e dhla e puza iwaini endhlini yomfo wabo omkulu;
14Seza isigijimi kuJobe, sa ti, Izinkabi e be zi lima, izimbongolo zi dhla nga secaleni lazo;
15Aba seSheba beza ba zi panga, futi ba bulele izinceku zako ngobukali benkemba; imina ngedwa e ngi sindileyo ngi ze ukukubikela.
16E sa kuluma lawo, kwa fika omunye wa ti, Umlilo ka Tixo wehlile ezulwini, u tyise izimvu zako nezinceku zako, wa zi qeda nya; Imina ngedwa engi sindileyo ngi ze ukukubikela.
17E sa kuluma, weza omunye, wa ti, AmaKaldi eza ngezigaba ezitatu, a bamba amakamelo, a wa panga, yebo, a bulele izinceku zako ngobukali benkemba; imina ngedwa e ngi sindileyo nge za ukukubikela.
18E sa kuluma lowo, kwa fika omunye futi, wa ti, Amadodana ako namadodakazi ako a be hlezi e dhla e puza iwaini endhlini yomfo wabo omkulu.
19Bheka, kwa pepeta isipepo esikulu si vela nga pesheya kwehlane, sa tyaya ezinqutyini zozine zendhlu, ya wa pezu kwezinsizwa, za fa; imina ngedwa engi sindileyo ngi ze ukukubikela.
20uJobe wesuka, wa hxebula ingubo yake, wa pucula ikanda, wa ti mbo ngobuso emhlabatini, wa nxusa,
21Wa ti, Nga puma ngi ze esiswini si ka mame, ngo pindela kona ngi ze; uJehova wa pa, uJehova u tatile; ma li bongwe igama lika Jehova.
22Ngako konke loko uJobe a konanga, a ka kulumanga okubi ngoTixo.