1WA pendula uJobe, wa ti,
2Nempela inina e ni abantu, ukwazi ku ya kufa kanye nani.
3Kodwa nami ngi nengqondo njengani; a ni ngi dhluli; yebo lezo zinto ubani o nga zaziyo na?
4Mina ngi njengobinqwayo o wakelene naye, o memezayo kuTixo, a m pendule; umuntu olungileyo ohambayo ngokufanela u hlekwa usulu.
5Emcabangweni wohlezi kamnandi, ku kona ukudelela o nosizi ku lungiselwa labo aba tyelela ngezinyawo zabo.
6Amadokodo abapangi a hlala e qinile, naba m cunulayo uTixo ba hlala be ngesabi; aba pete uTixo wabo esandhleni sabo.
7Buzake ezilwaneni, zo ku fundisa; nezinyoni zezulu, zo ku tyela.
8U kulume kuwo umhlaba, u ya ku kufundisa; nezinhlanzi zolwandhle, zi ya ku kutyengisa.
9Ubani o ngaziyo kuko konke loko ukuba isandhla sika Jehova si kwenzile loku?
10Esandhleni sake ku kona ukupila kwako konke okuhambayo, nokupefumla kwabantu bonke.
11Indhlebe a i wahlukanisi amazwi njengomlomo u zwa ukudhla kwawo na?
12Kwabadala ku kona ukwazi; nobuningi bemihla bu veza ingqondo.
13Kuyena ku kona ukwazi namandhla, yena u nokuhlakanipa nengqondo.
14Bheka u ya bidhliza ku nga biko ukwakiwa futi; u ya valela umuntu a nga bi nokuvulelwa.
15Bheka u ya vimbela imvula, a tye amanzi; u ya wa vulela, a dilize umhlaba.
16Kuyena ku kona amandhla nokwazi; yena okohliswayo kanye nokohlisayo ba nga bake.
17U ye mukisa izinduna zi pangwe nabahluli a benze iziula nje.
18U ya wa tukulula amakosi ekubotyweni, u ya wa bopa ezinkalweni zawo ngemisonto.
19U ya hola abapuesti be pangiwe, u ya wa cita amaqawe.
20U ya susa ukukuluma kokolekayo, u ya susa ingqondo yabadala.
21U ya wa dumaza amakosana, a tukulule imbonya yeqawe.
22U ya bona okujulileyo ebumnyameni, a kipele obala umtunzi wokufa.
23U yandisa izizwe, a zi cite; u ya kulisa izizwe, a buye a zi cite.
24U ya sanganisa izinhliziyo zabakulu babantu bomhlaba, a be duse ehlane lapo ku nge ko ndhlela.
25Ba puputeka ebumnyameni ku ngeko ukukanya, u ya benza ba pubazele njengesidakwa.