1NGENZA isivumelwano namehlo ami; po, ngi nga cabangelani ngentombi na?
2Ngokuba isipo sini sika Tixo esi vela pezulu? ifa lini lika Somandhla eli vela ezulwini na?
3Ukuciteka asiko o kwabashingayo na? nomvuzo omubi kwa benza okubi na?
4A ka boni ini izindhlela zami? a ka bali izindhlela zami zonke na?
5Uma nga hamba ngokuzidhla, uma unyawo lwami lwa qonda enkohlisweni.
6Ma ngi linganiswe esilinganisweni esilungileyo, ukuba uTixo azi ukuqonda kwami.
7Uma ngeduka endhleleni, inhliziyo yami ya landela amehlo ami, uma ku kona insila ezandhleni zami;
8Kona ma ngi hlwanyele mina ku dhle omunye, yebo ukudhla kwami ku qedwe.
9Uma inhliziyo yami ya dukiswa umfazi, uma nga catya emnyango wendhlu yomakelwane wami,
10Kona umkami ma silele enye indoda, ku kotame abanye pezu kwake.
11Ngokuba loku ku icala elikulu; yebo, ku isono sokutetwa abahluli.
12Ku umlilo o tyisayo ku ze ku pele u qede okwami konke.
13Uma ngi dela indaba yenceku yami, neyencekukazi yami, lapo be pikisana nami.
14Ngi ya kwenze njani, lapo ngi vukelwa uTixo na? nalapo eze kimi ngo m pendula ngi tini?
15O wa ngi dala esiswini, a ka m dalanga yena na? a si dalwanga yini uye emunye na?
16Uma nga m nqabela ompofu loku a ku fisayo ngenza amehlo omfelokazi a fipale
17Uma nga dhla ukudhla kwami ngedwa nje, nentandane i nga ku dhlanga.
18Loku wa kulela kimi ngi se mncane nga ba umholi wake se loku wa zalwa,
19Uma nga bona omunye e fa ngokuswela izingubo nompofu e swele a kwembatayo.
20Uma ukalo lwake lu nga ngi busisanga, noma e nga fudunyezwanga uboya bezimvu zami;
21Uma nga pakamisa isandhla sami kwabangenayise, lapo nga bona ongisizayo esangweni.
22Kona ingalo yami ma i we esipangeni sami yapuke etanjeni.
23Ngokuba ukucitwa uTixo ku yesabeka kimi, na nga pambi kwabakulu bake a ngi nakuma.
24Uma ngenza igolide la ba itemba lami, nga ti egolideni elihle, Wena u itemba lami;
25Uma nga jabula ngokuba nga be ngi cebile kakulu, ngokuba isandhla sami sa si zuzile kakulu;
26Uma nga bona ilanga li balele, nenyanga i hamba i kanya;
27Nenhliziyo yami ya yengwa isita, nomlomo wami wanga isandhla sami;
28Naloku futi ku isono sokulahlwa abateti bamacala; ngokuba nga ku be nga pika uTixo o pezulu.
29Uma nga jabula lapo o ngi zondayo e citeka, ngi zidhla lapo ahlulwa okubi;
30A ngi u vumelanga umlomo wami ukuba wone, a nga fisa ukuba umpefumlo wake, u tukwe.
31Uma abantu bedokodo lami be nga tyongo ukuti, u pi o nge sutanga inyama yake na?
32O wezizwe a lalanga emgwaqweni; nga vulela isihambi iminyango yami,
33Uma nga sibekela izono zami njengoAdamu ngokutukusa esifubeni sami; ukona kwami.
34Ngokuba ngesaba isixuku esikulu kuko ngetuswa ukudelwa abantu, nga tula, a nga puma emnyango.
35Sengati ku kona o nga ngi zwayo ngi fisa ukuba umNinimandhla a ngi pendule, sengati isita sami sa si nga loba incwadi.
36Impela nga ngi nga yi twala emahlombe ngi yi bopele ekanda lami njengomqele.
37Ngi nga m tyela ubuningi bezindhlela zami, njengenkosi ngi sondele kuye.
38Uma izwe la kiti li kala ngami, noma imidwa yalo i sola.
39Uma nga dhla izitelo zalo, ngi nge namali, nga bulala abaninilo.
40Ma ka hlume ameva endaweni yamabele, nokula lu vele endaweni yebarle. Amazwi ka Jobe a pelile.