1NGAKO Jobe a ke u zwe ukushumayela kwami, u lalele onke amazwi ami.
2Bheka se ngi kamisile umlomo wami ulimi lu shumayele emlonyeni wami.
3Amazwi ami a ukuqonda kwenhliziyo yami izindebe zami zi pumise ukwazi kahle.
4Umoya ka Tixo u ngenzile, nokupefumla kuka Somandhla ku ngi pilisile.
5Uma u nako uku ngi pendula, hlela amazwi ako pambi kwami, u me.
6Bheka mina ngi njengawe, ngi ngo ka Tixo; nami u ngi dalile ngodaka.
7Bheka, ukwesabeka kwami a ku yi kwetusa, nesandhla sami si nga ku cindezeli.
8Impela u kulumile ezindhlebeni zami, ngezwa ukutyo kwamazwi ako, u ti,
9Ngi mhlope, a ngi nabubi, ngi lungile, a kuko ukona kimi.
10Bheka, u funa ituba lokungisola, u ngi bala u ti ngi isita sake.
11U ya zi faka izinyawo zami ezingongolweni, a qapele izindhlela zonke zami.
12Bheka ku loku a u lungile; ngi za ku kupendula ukuba, uTixo mkulu ku nomuntu.
13U m pikiselani na? a ka bonakalisi nanye yezindaba zake.
14uTixo u ya kuluma kanye, na kabili, noko umuntu e nge zwa.
15Ekupupeni, esibonakalisweni sobusuku, lapo umuntu ehlelwe ubutongo, e lele embedeni wake.
16Kona u ya vula izindhlebe zabantu, a vale isifundiso sabo.
17Ukuba a nqande umuntu ekwenzeni kwake, a tukuse ukuzidhla kumuntu.
18Ukugcina umoya wake u nga yi emgodini, nokupila kwake ekubujisweni inkemba.
19U hlutywa ubuhlungu embedeni wake, namatambo ake a qaqamba kakulu.
20Ngako ukupila kwake ku ya nengwa isinkwa, nomoya wake u zonda ukudhla okumnandi.
21Umzimba wake u ya pela, u nga be u sa bonakala; namatambo ake a e nga bonakali a se vele obala.
22Yebo, umpefumlo wake u sondela etuneni, nokupila kwake kubabubisi.
23Uma ku kona isitunywa naye, nommeli, nomunye enkulungwaneni, ukubonisa umuntu ukulunga kwake.
24Kona e nomusa kuye, u ti, Wo m kulula, a ngehleli emgodini; ngi fumene umhlauleli.
25Umzimba wake wo ba muhle ku nowomntwana; u ya kupindela emihleni yobutya bake;
26U ya kukuleka kuTixo a be nomusa kuye; a bonise ubuso bake ngokujabula; u ya kubuyisela kumuntu ukulunga kwake.
27U ya bheka abantu; uma ku kona o ti, Ngonile, ngeduka kokulungileyo, a ku ngi sizi luto;
28U ya kukulula umpefumlo wake, u nga ngeni emgodini; nokupila kwake ku ya kubona ukukanya.
29Bheka konke loku uTixo a ku sebenza kumuntu kaningi.
30Ukuze a buyise umpefumlo wake emgodini, ukuba a kanyiswe ukukanya kopilayo.
31Qapela Jobe, u ngi zwe; tula u ti du, ngi za ku shumayela.
32Uma u namazwi wo ngi pendula; kuluma ngokuba ngi fisa ukukutetelela.
33Uma u nge nawo, lalelake; tula u ti du, kona ngo ku fundisa ukwazi.