1UELIHU wa quba, wa ti,
2Ngi yeke ingcosana ngi ze ngi ku bonise ukuba ngi se za ku m kulumela uTixo.
3Ngi za kukuleta kude ukwazi kwami, ngi ti uMenzi wami u lungile.
4Ngokuba impela amazwi ami a zu kuba amanga; opeleleyo ekwazini u pambi kwako.
5Bheka, uTixo mkulu, ka deli umuntu; mkulu emandhleni na sengqondweni.
6A ka m sindisi o ishinga; u ya ba pa abampofu okulungileyo.
7A wa susi amehlo ake kwabalungileyo; kepa amakosi a sesihlalweni sobukosi; u ya wa misa ku ze ku be pakade; ukuba a pakanyiswe;
8Uma e botywa ngensimbi; uma e banjwa izibopo zokuhlupeka;
9Kona u ya wa bonisa imisebenzi yawo, nezono zawo, ukuba a m eyisile.
10U ya vula izindhlebe zawo, ekululekweni a wa yale ukuba a buye ekoneni.
11Uma e lalela, e m konza a ya kuhamba imihla yonke yawo, e jabula, e tokoza yonke iminyaka yawo.
12Kepa uma e nga laleli, a ya ku qedwa inkemba, a ya kufa e nge nakwazi.
13Kepa abazenzisayo ezinhliziyweni, ba qongelela ulaka; a ba kali lapo e ba bopile.
14Ba fa be se batya, imihla yabo i kwabancolileyo;
15U ya m kulula ompofu ekuhlupekeni kwake; a vule izindhlebe zabo ekucindezelweni.
16Nawe nga e ku susile kanjalo engcingweni, wa ku hlalisa endaweni e banzi, lapo bu ngeko ubuncane; noku nga bekwa etebuleni lako ku nga nona.
17Kepa uma u gcwalisile ingqondo yesoni; kona ukwahlula nokuhlutywa ku ya kukubamba.
18Ngokuba ukutyisa kobuhlungu nga ku nga kwedusi ngobukulu bako, nohlaulelo olukulu lu nge ku kulule.
19U ya ku bu naka ubucebi bako na? cabo, negolide, nobukulu bamandhla ako onke.
20U nga fisi ubusuku lapo abantu be suswa ezindaweni zabo.
21Hlakanipa, u nga naki okubi, ngokuba loku u ku ketile ku nokuhlupeka.
22Bheka, uTixo u ya zipakamisa ngamandhla ake; ubani o fundisayo njengaye na?
23Ubani o m misele indhlela yake? ubani o nga tyo ukuti wena wenzile okubi na?
24Kumbula u kulise umsebenzi wake, a ba u bonayo abantu.
25Abantu bonke ba nga ku bona; ba nga ku bona be kude.
26Bheka, uTixo mkulu, a si mazi, nobuningi beminyaka yake bu nge tyiwo.
27U ya wenyusa amatonsi amanzi; a buye a nise imvula njengenkungu yawo.
28E yehliswa amafu a i tele pezu kwabantu ngamandhla.
29Yebo u kona o nga qonda ukwendhlaleka kwamafu, nomsindo omkulu wedokodo lake.
30Bheka, u ya zihaqa ngokukanya, a zisibekele ngamanzi olwandhle.
31Ngawo u ya hlula abantu; u ya pa ukudhla okuningi.
32U ya sibekela ukukanya ngezandhla zombili, u ya kuyala ku nga kanyi, ngefu eli vela pakati.
33Udumo lwake lu ya zisa ngaye nezinkomo futi ukwenyuka kwake.