1NGOKUBA, bheka, ngezinsuku lezo na ngesikati leso e ngi ya kubuyisa ukutunjwa kwabaJuda neJerusalema ngaso;
2Ngo buta nezizwe zonke, ngi zeusele emfundeni ka Jehoshafati, ngi pike nabo lapo ngenxa yabantu bami, na ngenxa yefa lami uIsraeli a ba li hlakazile ezizweni, ba labele izwe lami.
3Futi ba ponsele abantu bami inkato; ba nikile umfana ngesifebe, ba tengile intombazana ngewaini ukuze ba puze.
4Futi nina Tire neSidoni namacala onke, a sePalestina ni nani kimi na? nina ni ya kungenzela impindiselo na? noma ni ngi pindisela, ngo buyisela impindiselo yenu ekanda lenu ngokulula na ngokutyetya.
5Ngokuba ni tabatile isiliva lami negolide lami, ni ku yi sile ematempeleni enu okutokozisayo nokuhle kwami:
6Futi ni tengile ngabantwana bakaJuda nabantwana bakaIsraeli kubantwana bamaGreki ukuze ni ba dedise kude nomkaulo wabo.
7Bheka mina ngo ba vusa endaweni lapo ni tengisile ngabo kona, ngi buyisele ekanda kini impindiselo yenu:
8Mina ngo tengisa ngamadodana enu namadodakazi enu esandhleni sabantwana baka Juda, bona ba buye ba tengise ngawo kubo abaSabea, kubantu aba kude ngokuba uJehova u tyilo.
9Memezani loku pakati kwezizwe; lungisani ukulwa, ni vuse iziqwaga, ma a sondele, a kupuke onke amadoda okulwa:
10Kandani amageja enu a be izinkemba, nemimese yenu i be imikonto; otambileyo ma ka tyo ngi isiqwaga.
11Zihlanganiseni ni ze nina zizwe nonke, ni butane ni zungeze; wehlisele kona amaqawe ako Jehova.
12Ma zi vuswe izizwe zi kupukele emfundeni ka Jehoshafati, ngokuba lapo ngo hlala ngahlule izizwe zonke ezizungezayo.
13Fakani isikela, ngokuba ibuya li vutiwe; Zanini neukele ngokuba umpongolo u gcwele, imipongolo i ya cicima; ngokuba ububi bu kulu.
14Izixuku, izixuku emfundeni yokwahlulela; ngokuba usuku luka Jehova lu seduze emfundeni yokwahlulela.
15Ilanga nenyanga yo nyamalala, nezinkanyezi zi suse inkazimulo yazo.
16Futi uJehova wo bodhla eZioni, a pimise izwi lake eJerusalema; ko ti izulu nomhlaba u zamazame, kepa uJehova u isipepelo kubantu bake, nenqaba yabantwana ba seIsraeli.
17Njalo ni ya kwazi ukuba mina ngi nguJehova uTixo wenu ngi hlezi eZioni, intaba yami eyingcwele; lapo iJerusalema li ya kuba ngcwele, nabafo a ba yi ku li dabula futi.
18Ku ya kuti nga lomhla ukuba izintaba zi conse iwaini elitya, nemimango i hambe nobisi, nemifula yonke ya seJuda i hambe namanzi; nomtombo wo puma endhlini ka Jehova u netise imfunda ya seShitimu.
19iEgipite li ya kuba incitakalo iEdomi lo ba ugwadule olu citekileyo ngenxa yonya kubantwana baka Juda, ngokuba ba palazile igazi eli nge nacala ezweni labo.
20Kanti iJuda lo hlala ku ze ku be pakade neJerusalema ngezizukulwane nezizukulwane.
21Ngokuba ngo hlanza igazi labo e ngi nga li hlanzanga; ngokuba uJehova u hlezi eZioni.