1LAWA a ngamazwe a amkelwa abaka Israeli, ezweni la seKenani, aba babela wona oEleazari umpristi, noJoshua indodana ka Nuni, nezikulu za oyise bezizwe zabaka Israeli;
2Ngenkato yezwe labo, njengokuyala kuka Jehova ngesandhla sika Mosi, elezizwe ezishiyagalolunye nenxenye yesizwe.
3Ngokuba uMosi wa e zi nikile izizwe ezimbili nenxenye yesizwe izwe pesheya kweJordani, kodwa ka ba nikanga abaLevi izwe.
4Ngokuba abaka Josefa ba be izizwe ezibili, uManasa noEfraimi; a ba ba nikanga abaLevi isabelo ezweni, kupela imizi yokuhlala, namadhlelo ayo, eyemihlambi yabo, neyemfuyo yabo.
5Njengaloku uJehova wa yala uMosi, benza njalo abakaIsraeli; ba labela izwe.
6Abaka Juda beza kuJoshua eGilgali; uKalebi indodana ka Jefuna, umKenazi, wa ti kuye, U yazi wena izwi a li tyoyo uJehova kuMosi, umuntu ka Tixo, ngami na ngawe, eKadesh-barnea.
7Be ngi neminyaka emashumi amane ubudala bami, lapo uMosi inceku ka Jehova, wa ngi tuma ngi suka eKadesh-barnea ukuya kuhlola izwe; nga buya nezwi njengoku senhliziyweni yami.
8Kepa abafo wetu, aba kupuka nami, ba ncibilikisa inhliziyo yabantu; kodwa mina nga m landela uJehova, uTixo wami nempela.
9uMosi wa funga ngalolosuku, wa ti, Ngi ya qinisa, umhlabati, ezi nyatele kuwo izinyawo zako, u ya kuba izwe lako, nelabantwana bako ku ze ku be pakade, ngokuba u landele uJehova uTixo wami.
10Kaloku, bheka, uJehova u ngi pilisile, njengokutyo kwake, leminyaka emashumi amane nesihlanu, iloku uJehova wa tyo lelizwi kuMosi, abaIsraeli be sa hamba ehlane; kaloku, bheka, se ngi neminyaka emashumi a shiyagalombili nesihlanu ubudala bami.
11Ngi se namandhla namhla njenga ngosuku uMosi a ngi tuma ngalo; njengamandhla ami ngalesosikati, a njalo kaloku, ekulweni, na sekupumeni na sekungeneni.
12Kaloku a ku ngi nike lentaba, a kuluma ngayo uJehova nga lolosuku ngokuba wezwa wena nga lolosuku ukuti, amaAnakime a e kona nemizi emikulu e biyelweyo; mhlaumbe uJehova u ya kuba nami, kona ngi ya kuwaxotya, njengokutyo kuka Jehova.
13uJoshua wa m busisa, wa m nika uKalebi indodana ka Jefuna iHebroni li be izwe lake.
14Ngako iHebroni la ba izwe lika Kalebi, indodana ka Jefuna, umKenazi, ku ze ku be namhla; ngokuba wa m landela uJehova uTixo ka Israeli nempela.
15Kuqala igama leHebroni la li iKirjatarba; yena uArba wa e ngumuntu omkulu pakati kwamaAnakime. Izwe la pumula ekulweni.