1UJOSHUA indodana ka Nuni wa tuma ngasese abantu ababili be suka eShitimu, be izinhloli, wa ti, Hambani ni bone izwe, neJeriko. Ba ya ba ngena endhlini yesifebe, igama laso uRahabi, ba lala kona.
2Kwa tyiwo enkosini yaseJeriko, kwa tiwa, Bheka, kwa fika lapa nga lobubusuku abantu kuwo amadodana ka Israeli, beza ukuba ba hlole izwe.
3Inkosi yaseJeriko ya tumela kuRahabi, ya ti, kipa labobantu aba fike kuwe, aba ngene endhlini yako, ngokuba be zile ukuhlola izwe lonke.
4Umfazi wa tabata lababantu ababili, wa ba tukusa, wa ti, Ku qinisile, abantu beza kimi, kepa be ngi ngazi lapo be vela kona;
5Kwa ti ukuvalwa kwesango, se ku hlwile, ba puma abantu; a ngazi lapo ba ye kona abantu, tyetyani ni ba lande, ngoba ni ya kubafumanisa.
6Kodwa wa e benyusele pezu kwendhlu, wa ba tukusa etyanini belineni, a be se zihlelele lona pezu kwendhlu.
7Abantu ba ba landela ngendhlela e ya eJordani emazibukweni; ba vala isango be sa puma aba ba landelayo.
8Be nga ka lali, wenyuka wa ya kubo pezu kwendhlu;
9Wa ti kubantu, Ngi yazi uJehova u ni nikile izwe, si novalo ngani, abantu bonke bezwe ba pela amandhla ngenxa yenu.
10Ngokuba si zwile ku tiwa uJehova wa womisa amanzi olwandhle olubomvu pambi kwenu ekupumeni kwenu Egipite; si zwile na loko e na kwenzayo kuwo amakosi amabili amaAmori a e ngapesheya kweJordani, uSihoni noHogi e na ba citayo.
11Sa ti ukuzwa loku izinhliziyo zetu za ncibilika; a ku seko sibindi kumuntu ngenxa yenu; ngokuba uJehova uTixo wenu u nguTixo ezulwini ngapezulu na semhlabeni ngapansi.
12Njalo, a ke ni funge uJehova kimi, loku ngi nenzele ubunene ukuti ni ya ku yenzela indhlu ka baba ubunene ni ngi nike isiboniso seqiniso;
13Ni sindise ubaba, nomame, nabafo wetu, nodade wetu, nako konke aba nako ni si sindise ekufeni.
14Abantu ba m pendula ba ti, Si ya kufa, ni sinde! Nxa ni nga wazisi lomsebenzi wetu, kona ku za kuti, uJehova e se si nikele izwe, si ya ku kwenzela ubunene neqiniso.
15Wa behlisa ngentambo ngasesibukweni; ngokuba indhlu ya i sodongeni lomuzi; wa ye akile odongeni;
16Wa ti kubo, Sukani ni ye entabeni, funa aba ni landelayo ba ni fumane; catyani kona izinsuku ezintatu, ba ze ba buye aba ni landelayo; kona ni ya kuhamba ni ye ngendhlela yenu.
17Abantu ba ti kuye a si nacala nga lesi sifungiso sako o si fungisile sona.
18Bheka, ukufika kwetu ezweni u ya kutekezela lentambo ebomvu esibukweni o sehlise ngaso; uyihlo, nonyoko, nabafo wenu, nendhlu yonke ka yihlo u ya ku i butela ekaya kuwe.
19Ku za kuti, lowo opuma eminyango yendhlu yako a ye pandhle, igazi lake li za kuba pezu kwekanda lake, tina si nga bi nacala; kodwa lowo o nawe endhlini, igazi lake li za kuba pezu kwekanda letu, uma si kona isandhla pezu kwake.
20Uma u wazisa lomsebenzi wetu, a si nacala ngesifungiso sako o si fungisa sona.
21Wa ti, A ku be njengokutyo kwenu. Wa ba mukisa, ba hamba. Wa tekeleza intambo ebomvu esibukweni.
22Ba suka ba ya entabeni, ba hlala kona izinsuku ezintatu, ba ze ba buya ababalandelayo; ababalandelayo ba ba funa indhlela yonke, kepa a ba ba fumanisanga.
23Ba buyake lababantu ababili, behla entabeni, ba wela ba ya kuJoshua indodana ka Nuni, ba m landisa konke okwa behlela.
24Ba ti kuJoshua, u nikile ezandhleni zetu izwe lonke; bonke abantu bezwe ba pela amandhla ngenxa yetu.